Yiphathe kahle imali ukuze nayo ikuphathe kahle, kuloba uNokwazi Chonco

SIYAHOLA izinyanga zonke kodwa abanye bethu kuthi sekuphakathi nenyanga isiphelile imali yethu. Loku kuholela ekutheni siboleke imali futhi sidale izikweletu. Siyaqala sikhathazwe imali.

Ucwaningo lusitshela ukuthi ukuphelelwa yimali usanda kuhola yisinkwa semihla ngamalanga kwabanye bethu. Yingakho ngibona kubalulekile ukuthi sizame ukuthola isisombululo salesi simo esibucayi kangaka. Asikulungise loku ngokuthola izindlela zokulondoloza imali yethu isisebenzele kuze kuphele inyanga siphinde sihole.

Kudingeka ukuthi siqaphelisise konke esikwenza ngemali yethu. Cabangisisa ngokungena kwayo nokuphuma kwayo uthathe izinqumo eziholela ekutheni ihlale nawe imali yakho ingakupheleli.

Njalo uma uzosebenzisa imali, zijwayeze ukuzibuza le mibuzo emqoka emithathu:

  1. Ngiyayidinga yini le nto noma ngiyayifuna?
  2. Kuzoba namphumela muni ukuthenga kwami le nto empilweni yami manje noma ngelinye ilanga? 
  3. Ngidinga ukuthenga le nto manje noma ngizokwazi ukulinda? 

Izikweletu yizona ezidla imali yethu kakhulu, yingakho kubalulekile ukuzama ukuthi usheshe uziqede ukuze uzosala nemali ethe xaxa, kuvuleke namathuba okonga nokutshala imali.

Uma ufisa ukuthenga izimpahla zokugqoka, bheka izindlela zokukhokha kancane kancane. Ungalenzi iphutha lokuvula ikhadi lokuthenga esitolo ngoba lesi yisikweletu esinenzalo.

Yehlisa ukuthenga ukudla okuvuthiwe. Yebo, kona kuyayenza impilo ibe lula, kepha ugcina usuchithe imali eningi kakhulu. Zikalele ukuthi ngenya uzothenga loku kudla kangaki. 

Kuyonga ukuzilungiselela wena ukudla enizokudla ekhaya niwumndeni nozokuphatha emsebenzini. Qinisekisa ukuthi ngenyanga zonke unesabelomali ukugwema ukusebenzisa imali engaphezu koyiholayo.

Qinisekisa ukuthi uyakwazi ukuchaza ngakho konke okwenzile ngemali yakho. Kungabi khona isikhathi lapho ongazi ukuthi imali uyenzeni. Bheka isitatimende sakho sasebhange nyanga zonke. Bhekisisa futhi uqonde konke okwenzekile. Uma kukhona ongakuqondi buzisisa ebhange. Loku kusiza ngokuthi usheshe ubone izinto ezingafanele ngabe zikhona, usheshe uthole uma uqoliwe.

  • UNkk uChonco uwungoti wezimali nomsunguli we-Ibanokwazi, inkampani efundisa ngokuphatha imali

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page