Ukuthembana kumqoka ukuze sisebenzisane, kuloba uBusi Mavuso
IMIPHUMELA ye-Edelman Trust Barometer eyenziwa minyaka yonke eshicilelwe ngesonto elidlule iveze izinto ezithile ngendlela umphakathi obuka ngayo amabhizinisi nohulumeni.
Into egqamile ngemiphumela yaseNingizimu Afrika yindlela okuthenjwa ngayo amabhizinisi uma kuqhathaniswa nohulumeni.
Igebe phakathi kwabo bobabili yilona elikhulu kakhulu emhlabeni. Amabhizinisi athole amaphuzu awu-62 (kwawu-100), kwathi uhulumeni wathola awu-29.
Kugqame nokuthi u-61% wabantu baseNingizimu Afrika ukholwa wukuthi ukubambisana phakathi kwamabhizinisi nohulumeni kungaholela ekuthembaneni kangcono uma kwenziwa izinguquko ezithinta ubuchwepheshe.
Le ndlela abantu ababuka ngayo izinto ikhulile eminyakeni ewu-10 edlule njengoba ingenye yezinto ezikhule kakhulu emazweni acwaningiwe.
Okunye okuvelile wukuthi abantu baseNingizimu Afrika bayawuthemba ugesi ovuselelwayo kodwa lilonke abayithembi kangako imboni kagesi. Mhlawumbe loku kuveza imibono yabo nge-Eskom uma kuqhathaniswa nokuphehla ugesi ovuselelwayo okhiqizwa yimboni ezimele.
Ukukhula kwethemba umphakathi onalo ngokubambisana kwamabhizinisi nohulumeni kutshengisa impumelelo kusukela nge-COVID-19 lapho saletha khona ushintsho olubonakalayo ngokusebenzisana.
Ubufakazi bukhombisa ukuthi uma amabhizinisi nohulumeni bebambisana, umphakathi uyahlomula, i-Renewable Energy Independent Power Producers Programme ngenye yezibonelo zempumelelo yokusebenzisana kukahulumeni namabhizinisi eminyakeni ewu-15 edlule.
Okunye okusanda kwenzeka wukuthi amabhizinisi asezibophezele ekutshaleni imali ethe xaxa ekukhiqizeni ugesi ovuselelwayo ngenxa yokushintsha komthetho.
Kuyabonakala ukuthi loku kubambisana kungasebenza kanjani uma kukhulunywa ngokuthuthukisa ingqalasizinda.
Okunye wukuthi ngesonto elidlule bekuyiSustainable Infrastructure Development Symposium, umcimbi kahulumeni nemboni ezimele waminyaka yonke okumenyezelwa kuwo imali okuhloswe ukuthi itshalwe kwingqalasizinda.
UMengameli uCyril Ramaphosa uthe iNingizimu Afrika idinga omunye uR1.6 trillion ozotshalwa wuhulumeni noR3.2 trn ozoqhamuka embonini ezimele.
Uthe ukubambisana kukahulumeni nemboni ezimele, phecelezi ama-public-private partnership (amaPPP) kuzoba lula ngenxa yokushintsha umthetho. AmaPPP ayindlela ebalulekile yokwenza uhulumeni nemboni ezimele basebenzisane kakhulu.
Izinhlaka zombili ziza nezikwazi ukukwenza kahle okufaka amakhono abucayi nokuphatha kwemboni ezimele nokukwazi ukuthwala ubungozi obuhambisana nomsebenzi kukahulumeni okwenza umsebenzi uqhubeke masinyane ngendlela enohlonze futhi uphathwe ngobunono.
Into eyenza abantu baseNingizimu Afrika bangawuthembi uhulumeni wukusebenza kwezinhlaka ezilwa nobugebengu.
Ngesonto elidlule kunezigameko ezimbili ezenzekile. Esokuqala wukuthi uNkk uNosiviwe Mapisa-Nqakula uhlabe ikhefu emsebenzini wokuba wusomlomo ePhalamende ngenxa yophenyo lwezinsolo zenkohlakalo. Esesibili wukuzibulala kowayeyisikhulu esiphezulu eSteinhoff uMnu uMarkus Jooste ngosuku olwandulela ukuthi aboshwe futhi emva kokuthi ehlawuliswe uR475 million yiFinancial Sector Conduct Authority.
Uphenyo oluthinta uNkk uMapisa-Nqakula lusematheni futhi kutshengisa ukuthi abomthetho benza umsebenzi wabo ngaphandle kokwesaba. Kufanele uphenyo luqhubeke futhi kushushiswe ngaphambi kokuphuma kwesinqumo kodwa futhi kubalulekile uma kukhulunywa ngokuthemba uhulumeni ukuthi izikhulu zibonakale ziwenza umsebenzi wazo.

Ukuphenywa kukaSomlomo uNkk uNosiviwe Mapisa-Nqakula kuvuselela ithemba ngezinhlaka ezilwa nobugebengu
Ukufa kukaJooste kuzoba nomphumela endleleni umphakathi obuka izinto ngayo. Nginesiqiniseko sokuthi abaningi sebezokhathazeka ngokuthi uJooste ngeke esaziphendulela ngezinsolo zokuthi wenze inkohlakalo enkulu kunayo yonke eyake yenzeka enkampanini yaseNingizimu Afrika.
Bakhona nabanye abaphenywayo ababekwe amacala ngodaba lweSteinhoff kanti ngilindele ukuthi bavele enkantolo maduze. Okwenzeka eSteinhoff kuhlehlisele emuva indlela abantu abathemba abatshalimali namabhizinisi aseNingizimu Afrika ngayo kanti kumqoka ukuthi abantu abathintekayo babhekane nemiphumela yezenzo zabo.
Leli cala lisiza ukuvuselela ithemba kwamabhizinisi kanti elikaNkk uMapisa-Nqakula lona lizovuselela ithemba kuhulumeni.
Ukukwazi ukuthemba yinto ebalulekile emphakathini. Kumqoka ekutheni sikwazi ukusebenzisana, singangabazi ukuthi singabathemba esisebenzisana nabo.
Osomabhizinisi abakwazi ukusebenza ngaphandle kwakho. Wonke usomabhizinisi kufanele azi ukuthi abanye bazokwenza abazibophezele kukhona ngaphandle kokuthatha izinyathelo zomthetho. Kuyadingeka ukucupha ngomthetho uma kuphoqa isimo yize ithemba nakuwona lehlile ngenxa yokuhluleka kwawo ukubopha abantu abaningi abathintekayo ezinsolweni zokugwamanda amandla ombuso.
Ngesonto elidlule libuyile kancane leli themba. Ngikholwa ukuthi sizowubamba lo mgqigqo kuboshwe abanye abantu futhi bashushiswe ngempumelelo.
Siyinhlangano yamabhizinisi sizibophezele ekuvuseleleni ithemba. Enye yezindlela esikwenza ngayo loku wukweseka izinhlaka ezilwa nobugebengu, okufaka ukuxhasa uPhiko lokuShushisa ngamaCala eMali yokuthola ongoti abazimele ukweseka uphenyo nokushushisa.
Siyazikhandla ukubambisana nohulumeni ukuxazulula izinselelo esinazo siyizwe, sisebenzisa izinsizakusebenza zethu ukulungisa inkinga kagesi neyezokuthutha nokuhlinzeka ngongoti abazoqeqesha futhi bacathulise izisebenzi zikahulumeni.
Sizoqhubeka sizibophezele kule mizamo kanti kuhle ukubona ukuthi umphakathi uyathemba ukuthi abamabhizinisi nohulumeni bangasebenzisana kahle.
