Ukudlanga kobugebengu kunqinda ukukhula komnotho eNingizimu Afrika, kuloba uJabulani Sikhakhane

IMINININGWANE ekhishwe yiStatistics South Africa (iStats SA) kuleli sonto ngesimo sezokuphepha ezweni ikhomba ukuthi siyanda isibalo sabantu abazizwa bengaphephile ezindaweni abahlala kuzo, ikakhulu uma sekuhlwile.

Isinyathelo sikangqongqoshe wezokuThutha singenza kutshalwe uR100 billion ezitimeleni, kuloba uBusi Mavuso 

KUNESINQUMO esibalulekile esithathwe ngesonto elidlule esizobanesandla ekukhuliseni nasekuqiniseni ezokuncintisana embonini yokuthutha izimpahla eNingizimu Afrika.

INingizimu Afrika ingakwazi ukushintsha ngokushesha ukuqeda ukuntuleka kwemisebenzi, kuloba uBusi Mavuso

NGESONTO elidlule sizwe ukuthi isibalo sabantu abangasebenzi eNingizimu Afrika sinyukele ku-32,9%, okusho ukuthi umuntu oyedwa kubantu abadala abathathu akasebenzi. 

Sizogada izinguquko zikahulumeni ukuqikelela ukuthi ziyaphumelela, kuloba uBusi Mavuso 

IMPUMELELO yethu emabhizinisini incike kuhulumeni. Uma uhulumeni uhluleka, izwe liyahluleka. Uma izwe lihluleka, amabhizinisi ayahluleka.

Uhulumeni awushintshe izinhlelo zokubhekana nokuguquguquka kwesimo sezulu, kuloba uJabulani Sikhakhane 

UMNYANGO weziMali uhlongoza izinguquko ezinhlelweni zikahulumeni zokubhekana nomonakalo odalwa yizinhlekelele zemvelo okubalwa kuzona izikhukhula, isomiso, imililo yequbula nezidalwa ngabantu njengezibhelu. 

Ukungakhokheli osomabhizinisi abancane ngesikhathi kukhomba ukuhlulwa wumsebenzi kukahulumeni, kuloba uJabulani Sikhakhane 

KUSAQHUBEKA ukuphula umthetho izikhulu zikahulumeni ezingeni lezwe nelezifundazwe. Loku zikwenza ngokungakhokhi ngesikhathi imali eziyikweletayo, okuyisenzo esishaya kakhulu osomabhizinisi abancane nabasafufusa, ikakhulu abamnyama okuyibona abavamise ukuhwebelana nohulumeni.

Izisebenzi zikahulumeni azisazazi izinkinga ezibhekene nomphakathi, kuloba uJabulani Sikhakhane

UKUXAZULULA izinkinga ezikhungethe iNingizimu Afrika kudinga izisebenzi zikahulumeni ezinamakhono nolwazi olunzulu, hhayi kuphela nje ngomsebenzi okumele wenziwe kodwa nangesimo sempilo yezakhamuzi zezwe ngokuhluka kwendlela eziphila ngayo.

Imithetho emisha ngobuchwepheshe iqhakambisa izidingo zabantu kunepolitiki, kuloba uBusi Mavuso

KUNGIJABULISILE ngesonto elidlule ukubona kushaywa imithetho echaza ukuthi iminyango kahulumeni isivumelekile ukuziqokela abantu ezobasebenzisa uma idinga abantu abazoyihlinzeka ngobuchwepheshe.

Umnotho wethu uyahluleka kanti kufanele sikulungise loku, kuloba uBusi Mavuso 

ISINQUMO senye yezinhlangano ezibuyekeza indlela amazwe aphatha ngayo umnotho nokuthi akwazi kangakanani ukukhokha izikweletu zawo iS&P Global sokuphinde iklelise kahle iNingizimu Afrika uma ibheka okulindeleke kuyona siwubufakazi bokuthi yini eyingozi. 

Amabhizinisi azoqhubeka nokubambisana ne-Operation Vulindlela, kuloba uBusi Mavuso  

I-OPERATION Vulindlela ingazishaya isifuba ngendima esikhathuliwe ukuxazulula inkinga kagesi, ukuphucula ezokuthutha izimpahla, ukuhlinzeka izisebenzi zakwamanye amazwe ezinamakhono izimvume zokusebenza eNingizimu Afrika nokunye okuningi.

Sidinga umnotho ozovula amathuba omsebenzi entsheni, kuloba uJabulani Sikhakhane

SESINYUKE kakhulu isibalo sabafundi baseNingizimu Afrika abaphothula uMatikuletsheni kodwa iningi labo elingondingasithebeni ngoba alisebenzi futhi alidluleli ezikhungweni zemfundo ephakeme nezokuqeqeshela amakhono.

INingizimu Afrika ayinyakaze ukunciphisa umphumela wentela yeMelika embonini yezimoto, kuloba uBusi Mavuso

IMBONI yezimoto yaseNingizimu Afrika iwumgogodla womkhiqizo wezimboni zomnotho wethu. Yiyona ekhiqiza u-60% wezimpahla esizidayisela amanye amazwe futhi yiyona mboni enkulu kunazo zonke kwezikhiqiza izimpahla ezweni.

Ubuchwepheshe bumqoka ukwenza umsebenzi kahulumeni ngendlela, kuloba uBusi Mavuso

LABO bethu abasemabhizinisini bayazi ukuthi ubuchwepheshe bumqoka kanjani ukuze uncintisane kahle nezimbangi zakho. Ngaphandle kwabo ngeke ukwazi ukunika amakhasimende akufunayo.

Ucwaningo lukhombisa ukuthi abantu abamnyama abasakukhuthalele ukushada, kuloba uJabulani Sikhakhane 

ZIYANDA izinguquko ngenhlalo nesimo sempilo yezakhamuzi zaseNingizimu Afrika, ikakhulu eyabantu abamnyama. Loku kuvezwa yimininingwane ehlukene eqoqwa yiStatistics South Africa (iStats SA), ekhomba ushintsho olukhulu endleleni abantu abamnyama abaziphethe ngayo nezinkolelo zabo.

Ukwandisa amazwe esihwebelana nawo kumqoka, kuloba uBusi Mavuso

KULELI sonto iPhalamende laseNingizimu Afrika liphasise isiphakamiso sokukhuphula intela ebanjwa ezimphaleni i-value-added tax, osekuqubule inkulumompikiswano ngomphumela wakho emnothweni.

INingizimu Afrika izozwa ngamanye amazwe uma uhulumeni uqhubeka nokusonga izandla, kuloba uJabulani Sikhakhane

AMAZWE anamandla ngokomnotho nezimali zikahulumeni amatasatasa nemizamo yokuzilungiselela impilo ngaphansi kwesimo lapho uhulumeni kamengameli waseMelika uMnu uDonald Trump usuhoxise khona usizo lweMelika kwamanye amazwe. 

Uma imali isetshenziselwa ukuxazulula inkinga kufanele kube yisisombululo esibambekayo, kuloba uBusi Mavuso

UKUNTULEKA kwemisebenzi yinkinga okufanele siyixazulule ngokushesha kanti indlela yokwenza loko wukukhulisa umnotho. Izinguquko ezinqala zikhulisa umnotho, zinciphisa izindleko zokubanebhizinisi futhi zenza izinkampani zitshale imali ukukhulisa umsebenzi.

Uhulumeni kufanele uyifakele izibuko eyamabhizinisi angakhokhi i-VAT, kuloba uJabulani Sikhakhane

IZIBALO ezintsha ezikhishwe yiStatistics South Africa (iStats SA) zikhomba ukuthi siyehla isibalo sabantu bomdabu abanamabhizinisi angabhalisiwe ngokusemthethweni, ikakhulu lawo angakhokhi i-value-added tax (i-VAT).

Sizobathinta kanjani abathengi iSabelomali sango-2025, kuloba uThabani Ndwandwe

ABANTU baseNingizimu Afrika bebeyilindele ngabomvu inkulumo kangqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana yeSabelomali sango-2025 , benethemba lokuthi kuzothathwa izinyathelo zokunciphisa ukudonsa kanzima ngokwezimali.

ISabelomali asikhombise ukuthi izwe liyakwazi ukulawula izindleko nesikweletu, kuloba uBusi Mavuso

UKUSHESHA ukushintsha kwezinto kwezombusazwe emhlabeni kusho ukuthi iSabelomali saleli sonto okwakufanele sithulwe emasontweni amabili edlule sesizothulwa izinto sezihluke kakhulu. Izenzo zeMelika ziphoqa ohulumeni yonke indawo ukuthi bacabange ngezindlela ezintsha.

I-B20 neG20 yithuba elihle nejoka elikhulu, kuloba uBusi Mavuso 

BESIMATASA siyiNingizimu Afrika ngesonto elidlule. Ngapha sishaye into ecokeme kuthulwa iB20 neG20 futhi iCape Town isibusise ngesimo sezulu esihle kodwa futhi nomsindo kwipolitiki kwamanye amazwe ubungazibekile phansi.

Ngemva kwesikhundla sikamengameli asikho esibaluleke ukudlula esikangqongqoshe weziMali, kuloba uJabulani Sikhakhane

UKUHLELA iSabelomali sezwe nokusethula ePhalamende kuvame ukuthathwa njengento eqondene kakhulu nezomnotho nomsebenzi wezimakethe.

 ISabelomali kufanele sibeke eqhulwini ukukhulisa umnotho, kuloba uBusi Mavuso

ISABELOMALi kuleli sonto ngenye yezinto ezibalulekile emizamweni yethu yokuthi kuphele unyaka umnotho usukhule ngo-3%. Uhulumeni kufanele uqikelele ukuthi awenzi izinto ezingaphezu kwamandla awo, ugxile ekusebenziseni imali ukukhulisa umnotho nokuyitshala.

Abaholi abasukume, banganqeni ukugxekwa ngabanezinye izinhloso – Kganyago

ABAHOLI yibona okufanele bahambe phambili ekuxazululeni umonakalo ezinhlakeni abaziholayo, kungapheleli kuphela ekutheni kukhona abantu abazogxeka futhi kungathenjelwa kuphela ezinhlanganweni zomphakathi ezingenzi inzuzo ukuthi zizwakalise ilaka lazo.

Emva kweNkulumo eBhekiswe eSizweni enhle, amehlo asethe njo kwiSabelomali, kuloba uBusi Mavuso

INKULUMO eBhekiswe esiZweni ibinayo yonke imininingwane ngezinto ezizokwenzeka, hhayi nje izethembiso. Iqhakambise inqubekelaphambili esibekhona ekuguquleni imboni kagesi nokushintsha kwezinto embonini yokuthutha izimpahla nezinhlaka zobulungisa.

U-Trump uyisikhumbuzo sokuthi amazwe athembele eminothweni yawo, kuloba uJabulani Sikhakhane 

ISINQUMO sikamengameli waseMelika uMnu uDonald Trump sokumisa izinhlelo zokuxhasa amanye amazwe, phakathi kwawo okukhona neNingizimu Afrika, siyisikhumbuzo sokuthi izwe kufanele likwazi ukuzimela kwezezimali.

Ongqongqoshe nabaholi bamabhizinisi bethule umyalezo omuhle eDavos, kuloba uBusi Mavuso 

EMBUTHANWENI waminyaka yonke ohlanganisa abaholi bamabhizinisi nabepolitiki emhlabeni iWorld Economic Forum (iWEF), obuseDavos, eSwitzerland, ngesonto elidlule, iNingizimu Afrika ikhulume ngezinto esizizuzile nokuthi yini enye engayenza. Nongonyaka odlule, umyalezo wethu wawukhuluma ngesingase sikwenze. 

Uhulumeni nezinkampani zezimayini abasukumele eyemigodi eyasala ikhamisile, kuloba uJabulani Sikhakhane

UNZIMA umsebenzi okudingeka wenziwe yiNingizimu Afrika ukukhuculula ukusebenza kwamabhizinisi amancane, ikakhulu angabhalisiwe ngokusemthethweni.

Ukusebenzisana kwamabhizinisi nohulumeni kuyisibonelo esihle emhlabeni, kuloba uBusi Mavuso

UMHLANGANO omuhle wamabhizinisi nohulumeni usugqugquzele umgqigqo wokuphuthumisa izinguquko ezinqala.

Okuyolungisa isimo somasipala ezweni sekufana noJohane 14, kuloba uJabulani Sikhakhane

IZINKINGA zomasipala eNingizimu Afrika nezisombululo zazo sezafana nesaladi yeklabishi yodumo evame ukubizwa ngoJohane 14, ngokwevesi lesibili encwadini kaJohane eBhayibhelini.  Ngokuthi lijwayelekile kakhulu leli vesi, laziwa nayizingane, livame ukutakula abaningi abazithola … Read More

Wunyaka wokuthi iNingizimu Afrika ikhombise amangwevu emhlabeni, kuloba uBusi Mavuso

LONA wunyaka onezinto eziningi esizibhekile emhlabeni kodwa engikholwa wukuthi uzoba muhle eNingizimu Afrika. Sinethuba lokwakhela phezu kwezinguquko ezenziwe eminyakeni embalwa edlule.

Ukungafundi, ukungaqeqeshwa nokungasebenzi kuyingozi ezizukulwaneni, kuloba uJabulani Sikhakhane

ISIBALO sabantu abangondingasithebeni abaneminyaka ephakathi kwewu-15 newu-24 siphezulu kakhulu eNingizimu Afrika. Lapha sikhuluma ngabantu abangasebenzi, abangekho esikoleni noma ezikhungweni zemfundo ephakeme. Babizwa ngamaNEET, ukunqamulela ukuthi not in education, employment or training.

Amanani ezindlu ayisibuko ngesimo sezwe, kuloba uJabulani Sikhakhane

IBALULEKILE intengo yezindlu, okuyitemu esilisebenzisa ukuhlanganisa izindlu namaflethi) ezweni. Iyinkomba enkulu yesimo somnotho wezwe nenhlalonhle nje yesizwe. Ziningi-ke izizathu ezidala ukunyuka nokwehla kwentengo yezindlu.

Kuningi okufanele kusijabulise njengoba sizohlaba ikhefu, kuloba uBusi Mavuso

IMIZAMO emandla yosomabhizinisi nohulumeni yokusebenzisana isiqala ukuthela izithelo. Kubukeka sengathi unyaka sizowuphetha sekuphele amakota amathathu ugesi ungakaze ucinywe. 

Ukubuyekeza imboni yomshwalense wemingcwabo kudinga ukushayelwa ihlombe, kuloba uJabulani Sikhakhane

ABELUSI bemboni yezimali bazobuyekeza ukusebenza yomshwalense womngcwabo. Lolu phenyo luzothinta nokusebenza kwabangcwabi njengoba sekuneminyaka bedayisa umshwalense wemingcwabo.

Kuningi okubhekwayo nokunesandla endleleni izwe elibhekwa ngama-ratings agency ngayo,  kuloba uJabulani Sikhakhane

ZINE izinto ezibalulekile ezicutshungulwa kabanzi uma kubhekwa indlela uhulumeni wezwe aphethe ngayo umnotho walo nesimo sezimali. Lo msebenzi wenziwa yizinkampani ezibizwa ngokuthi ngama-ratings agency. 

Ukusebenza kahle komnotho kumqoka uma uhulumeni uzoboleka imali, kuloba uJabulani Sikhakhane

UHULUMENI waseNingizimu Afrika uzoboleka uR424.7 billion ezimakethe zemali kuleli zwe naphesheya. Loku kuzosho ukuthi ekupheleni konyaka wezimali wango-2024/25 uhulumeni uzobe ukweleta uR5.6 trillion, isamba esilinganiselwa ku-75% wengxenye yomkhiqizo womnotho wezwe.

Ziningi izimpawu zezinto ezinhle ezweni, nokho iGauteng isihlehlisela emuva, kuloba uBusi Mavuso

UKUBUYEKEZWA kwendawo okukleliswe kuyo iNingizimu Afrika yiS&P Global njengoba isibekwe lapho kukleliswa khona amazwe angeyona ingozi uma ebolekwa imali yigxathu lokuqala lokuthi sibuyele endaweni enhle eyasiphunyuka ekuqaleni kokubheduka kwe-COVID-19.

Uhulumeni kungenzeka uzigwaze ngowawo ngokunciphisa izisebenzi aziqashile, kuloba uJabulani Sikhakhane

UHLELO lukahulumeni waseNingizimu Afrika lokwehlisa isibalo sezisebenzi lungase ludale izinkinga ezingaphezulu kwalezi ozama ukuzixazulula. UmNyango weziMali umemezele ngenyanga edlule ukuthi uhulumeni usubeke isamba esiwuR11 billion sokuheha izisebenzi eziwu-30 000 ukuthi ziyeke umsebenzi.

Uqinisa idolo umbono ocacile ngokuguqula imboni yezokuthutha, kuloba uBusi Mavuso

UNGQONGQOSHE womNyango wezokuThutha uNks uBarbara Creecy uselethe umfutho omusha emnyangweni oletha ithemba kubantu bamabhizinisi ukuthi singaphumelela ekubhekaneni nenkinga yezokuthutha.

Mkhulu umonakalo owenzeka ezinganeni ezikhula zihlupheka, kuloba uJabulani Sikhakhane

UMBIKO weNelson Mandela Children’s Fund ngesimo sokuhlupheka kwezingane zaseNingizimu Afrika uyisikhumbuzo sokuthi leli zwe linemali yokumelana nezidingo nezinkinga zalo. Ingqinamba wukuthi imali ekhona ayisetshenziswa ngendlela. Ngamanye amazwi, indlela esetshenziswa ngayo ayinamphumela omuhle nobonakalayo.

Izikhulu eziphezulu zinengcindezi yokuqinisekisa ukuthi amabhizinisi ayasimama, kuloba uBusi Mavuso 

INTO egqame nge-Africa CEO Outlook Report yango-2024, umbiko osanda kushicilelwa yiKPMG, wukuthi izikhulu eziphezulu zasemazweni ase-Afrika aseningizimu azinalo ithemba elitheni ngesimo somnotho womhlaba kulo nyaka uma kuqhathaniswa nangonyaka odlule.

‘U-Chief of Staff’ uhambe ephoxekile ngokushintsha kwabaholi benkululeko, kuloba uBuyani Mhlongo

UBHUT’ Mi Hlatshwayo wayeyikonke engangikudinga ngenkathi ngingena esigabeni sokubawumuntu omdala ngo-1998. Ngaphambi kwaloko, ngangimbonela kude uma benomlingani wakhe uMama uGugu Ngcobo bezosibuka sizilolonga eNtuzuma, enyakatho yaseThekwini.

URamaphosa noKhongolose babhekene nenkanankana yobambiswano ngokusimama komnotho, kuloba uJabulani Sikhakhane

LIKHULU ithemba ngekusasa lomnotho weNingizimu Afrika uhulumeni, oholwa wuMengameli uCyril Ramaphosa, olibeka empumelelweni yokuphatha izintambo zombuso ngokubambisana kwamaqembu epolitiki.

I-B20 neG20 yithuba lokukhangisa ngamava obuholi beNingizimu Afrika emhlabeni jikelele, kuloba uBusi Mavuso

ENYE yezinto ezigqame engqungqutheleni yeB20 ebiseSao Paulo, eBrazil, ngesonto elidlule wukuthi izinkinga zeNingizimu Afrika azikhungethe yona kuphela, namanye amazwe amaningi abhekene nezinkinga ezijulile ezifana nalezi nathi esibhekene nazo.

Kuzocaca ngesonto elizayo ukuthi uGodongwana uzowusikela umbengo ongakanani owemfundo, kuloba uJabulani Sikhakhane

UNGQONGQOSHE womNyango weziMali uMnu Enoch Godongwana uzokwethula uhlaka lwesabelomali ngesonto elizayo oluzoba ngolukuqala ngaphansi kukahulumeni ophethwe ngokubambisana ngamaqembu epolitiki aholwa yi-ANC.

Amabhange asekhaleni lokumisa imboni yomshwalense ezimweni ezinzima zomnotho, kuloba uChris de Klerk

SESISIDE isikhathi manje kwanda isibalo samakhasimende aya emabhange ukuzofuna umshwalense wokungcwaba, okwengeza ekumeni kwemboni yomshwalense nakuba imali esalayo ngemva kokukhokhela izindleko yemizi yabantu ibiloku incipha ngonyaka odlule.

Kuhle ukubona imboni yezimoto igxile kwikusasa, kuloba uBusi Mavuso

IMBONI yezimoto eNingizimu Afrika ingenye yalezo ezenza okukhulu emnothweni kodwa enganakwa kangako. Kungijabulisile ukubasengqungqutheleni yaminyaka yonke yale mboni eKapa, eNtsonalanga Kapa, ngesonto elidlule lapho bekubhungwa khona ngekusasa.

Umngani wami uMboweni ubekhaliphile, ethembekile, ewumzimb’ oqinile

AKUJWAYELEKILE ukuthi usebenzise la magama amane alandelayo: usozimali, unembeza, iqiniso, ukuthembeka uma ukhuluma ngosopolitiki lapha eNingizimu Afrika nasemhlabeni wonke.

Kufanele siqhubeke nokulungisa izinto ezikhinyabeza ukusimama komnotho, kuloba uBusi Mavuso

IZINTO ezinhle eziqhamuka noHulumeni woBumbano ziyaqhubeka. Ngesonto elidlule kushicilelwe imithetho emisha osekuzosetshenzelwa phezu kwayo ukukhipha ama-visa abasebenzi abanamakhono adingekayo nokulungisa enye yezinto ebeziyingqinamba enkulu emabhizinisini.

Ukuthuthukisa umnotho wamalokishi kudinga osopolitiki abaneso elibuka okhalweni, kuloba uJabulani Sikhakhane

IWUNDABAMLONYENI eyekusasa nentuthuko yamalokishi, ikakhulukazi ngasohlangothini lwezomnotho. Isifana nevesi uJohane 14.

Kuhle ukuthi uHulumeni woBumbano awandile ngomlomo okwesiqabetho, kuloba uBusi Mavuso

ABANTU baseNingizimu Afrika bayazi ukuthi kwenzeka izinto ezinhle uma sisebenzisana, ikakhulukazi amabhizinisi nohulumeni. I-Business Leadership South Africa (iBLSA) ikukhonze kabi ukubambisana nohulumeni noma ngabe nini uma sikwazi ukusebenzisa amakhono ethu ukuphucula indawo esisebenzela kuyo, sikhulise umnotho futhi sidale imisebenzi.

Kusinda kwehlela embonini yamatekisi ngenxa yezikweletu, kuloba uJabulani Sikhakhane

BATHWELE kanzima osomatekisi, imboni eyaduma umhlaba wonke ngesikhathi sobandlululo ngokuba yindlela yabantu abamnyama yokuzizamela phezu kokucindizelwa nokuncishwa amathuba okuzithuthukisa ngokomnotho.

Izinsuku eziwu-100 zikaHulumeni woBumbano zikhomba ukubambisana okuhle namabhizinisi, kuloba uBusi Mavuso 

NGESONTO elidlule, uHulumeni woBumbano uhlanganise izinsuku eziwu-100. Umbiko wawo unokuningi okuhle. Uhulumeni omusha usuzuze izinto eziningi ezinhle futhi usize ukuthi kubenethemba lokuthi sizokwazi ukuguqula umnotho ngendlela efanele. 

I-G20 yithuba elihle lokuqhuba umgqigqo wesasasa abatshalimali abanalo ngeNingizimu Afrika, kuloba uNksz uBusi Mavuso 

ISINQUMO seBhange loMbuso sokwehlisa imalimboleko ngo-25 basis points ngesonto elidlule sisho ukushintsha kwezinto endleleni izinto ebezenzeka ngayo ngaloku.

Izintatheli kufanele ziqaphe ngeso lokhozi njengoba sekunohulumeni wobumbano futhi zizinuke amakhwapha, kuloba uNwabisa Makunga

UMHLAKA-29 wangoMeyi usinike umphumela wokhetho owukuthi yize wawulindelekile, washo ukuqala kohambo olusha ezweni lethu. Abanye bathi kunomoya wethemba elisha ovunguzayo, bathi impela uHulumeni woBumbano uyasebenza.

Ukuba wumengameli womnyango wezimali akusikho ukusinisa amahleza ngokobudlelwano nabalingani bakho, kuloba uJabulani Sikhakhane

UNZIMA umsebenzi kangqongqoshe womNyango weziMali. Kuningi okuncike kuwo: inqubekelaphambili yezwe kwezomnotho, ukusimama kwesimo sezimali zikahulumeni, impumelelo kamengameli kwipolitiki.

Kuningi amabhizinisi angakwenza nomNyango wokuHweba, iziMboni nokuNcintisana ukuphucula izinto, kuloba uBusi Mavuso

UMNYANGO wokuHweba, iziMboni nokuNcintisana unganomphumela omkhulu endaweni abamabhizinisi abasebenza kuyo. Njengoba iKomiti lokuThuthukisa uMnotho nokuHweba ePhalamende lasho ngoJulayi lathi: “Uhulumeni kufanele wenze kubenendawo efanele yokusebenza kwamabhizinisi kodwa futhi kubenemithetho efanele yokuhola indlela okutshalwa ngayo imali emnothweni.”

Usho lukhulu umbiko weBhange loMbuso ngezindlela zokukhokha kwabantu nabelungu, kuloba uJabulani Sikhakhane 

YINKULU indaba exoxwa wumbiko okhishwe iBhange loMbuso ngesonto elidlule ngezindlela ezisetshenziswa yizakhamuzi ukukhokha, phakathi kwazo okubalwa amakhadi asemabhange nokheshi.

Ulwazi ngesimo sezakhamuzi lusho lukhulu, kuloba uJabulani Sikhakhane

IBALULEKILE imininingwane ngenhlalo nezinguquko ezenzeka kwizakhamuzi zezwe. Kusemqoka ukuthi abaphethe izwe babenolwazi olunzulu ngaloku, ikakhulukazi ukuthi kusho ukuthini ngekusasa lezwe nezinhlelo zikahulumeni.

Ubuyise ithemba umengameli ngobudlelwano bukahulumeni nosomabhizinisi, kuloba uBusi Mavuso 

KUWUPHAWU lobudlelwano obuhle phakathi kwamabhizinisi nohulumeni ukuthi uMengameli uCyril Ramaphosa wethule inkulumo emhlanganweni wonyaka weBusiness Unity South Africa ngesonto elidlule.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page