UMnu uThero Setiloane, omunye wabaholi bamabhizinisi, oshone ngesonto elidlule. Isithombe: Sithunyelwe

Umhlahlandlela wegesi awuzibheki izidingo eziphuthumayo, kuloba uBusi Mavuso 

SENGIKE ngabhala ukuthi sibhekene nengozi yokushoda kwegesi uma sekuphela ukuhlinzeka igesi ezinkampanini ngo-2026. Lena yinkinga yamabhizinisi aqashe abantu abangu-70 000 futhi angenisa uR500 billion ngonyaka emnothweni.  

Yinkinga engagwemeka ngokuthi kube nohlelo lokubambisana phakathi kwamabhizinisi nohulumeni.  

Bengithi umhlahlandlela oshicilelwe wumNyango wokuMbiwayo namaNdla ngesonto elidlule i-Gas Master Plan uzokhuluma ngale nkinga efufusayo futhi uqhamuke nesu lokuyigwema. 

Yize unezimiso nezinhloso eziningi ezinhle, awusho lutho ngale nkinga ebhekene nomnotho. Lo mhlahlandlela ubalula ukuthi inhloso enkulu wukuqikelela ukuthi kunegesi eyenele kanti uhlaziya ukuphela kwegesi ngokubheka ekhona kodwa awunalo uhlelo olucacile lokuxazulula le nkinga. 

Luthi “kuyaphuthuma” ukuxoxisana nabakhiqizi begesi kulesi sifunda ukuze kutholakale enye igesi kodwa awusho lutho olutheni ngokuthi ikhona yini eyanele engatholakala ukugwema ukuthi iphele nya futhi alusho lutho ngokuthi ingatholakala kanjani futhi ilethwe ezindaweni edingeka kuzo.

Siziphuthisele. Umbono wokuhlinzeka igesi nokuyithuthukisa ezweni kufanele uqale ngokubheka izidingo eziphuthumayo bese ubheka ukuthi izinto zishintsha kanjani kusukela lapho.

Yebo, akufanele yonke into ibheke izidingo zamanje kuphela, kufanele kube nohlelo olubanzi. Kokunye uhlelo olubheka isikhathi eside lunezinto eziphathekayo kodwa izinto eziphuthumayo ivele izibeke eceleni.  

Izinkampani ezisebenzisa igesi nohulumeni kade bexoxisana ngokungenziwa ukugwema ukuphela nya kwegesi kanti umhlahlandlela ubungaba yithuba elihle ukucacisa kahle uhlelo lokubambisana phakathi kwezimboni nohulumeni.

Iqiniso wukuthi awukwenzi loko, nokwenza umuntu acabange ukuthi umNyango wokuMbiwayo namaNdla awuyisukumeli ngokwenele le nkinga eza inyelela.  

Bekuwumhlandlandela wokuqala, mhlawumbe usengashintshwa ukulungisa okushodayo kodwa inkinga yegesi izoba khona eminyakeni emibili ezayo, okusho ukuthi asikho isikhathi esitheni sokwenza imisebenzi edingekayo ukuyigwema. 

Ushicilelwa nje, ekuqaleni konyaka kushicilelwe uhlelo okufanele lulandelwe ukuxuba izindlela zokuphehla ugesi, i-Integrated Resources Plan (i-IRP), nalo olwalushaya eceleni. Lolu hlelo lwahluleka ukubheka ugesi, okuyiwona ongabizi futhi lwanyusa kakhulu amanani kagesi ovuselelwayo uma kuqhathaniswa nophehlwa ngamalahle. 

Amabhizinisi aphawula kabanzi ngaphambi komnqamulajuqu owawubekwe ngoMashi kanti silinde ukubona ukuthi umnyango uzophendula uthini uma usuchicilela uhlelo olulandelayo. 

Kumqoka ukuthi umnyango ubhekisise ukuphawula komphakathi. Uma kubhekwa ukuthi ubaluleke kanjani lo mhlahlandlela ne-IRP emnothweni, ukuphawula kwamabhizinisi kubalulekile.

Okusashicilelwe kubonakala kungakunaki okushiwo amabhizinisi kanti sikhathazekile ngokuthi okushicilelwe kuzophinde kuhluleke ukubheka izidingo zomnotho.  

Ngeshwa indlela okwenzeka ngayo itshengisa ukuthi kwanda kangakanani ukuhluleka kukahulumeni ukubonisana nabo bonke abantu abathintekayo uma uhlanganisa umgomo njengokusho komThethosisekelo, engibhale ngakho futhi ngesonto elidlule. 

UmNyango wokuMbiwayo namaNdla kufanele utshengise ukuthi uzibophezele ekubeni nemigomo efanele futhi uzimisele ngokubonisana nabathintekayo nokulalelisisa imibono yabo. I-Gas Master Plan yithuba lokwenza loko.  

Ngesonto elidlule kushone abaholi ababili bamabhizinisi eNingizimu Afrika. UDkt uSam Motsuenyane uchazwe kahle njengobaba wamabhizinisi abantu abamnyama njengoba azikhandla ngesikhathi sobandlululo ukugqugquzela amabhizinisi abantu abamnyama okubalwa nokusungula iNational African Federated Chamber of Commerce (iNafcoc) ngo-1964. 

I-Nafcoc yaqhubeka yasungula i-African Bank, ibhange lokuqala elaliphethwe ngabantu abamnyama ngo-1975 emva kokuhlanganisa isigidi kubaholi bamabhizinisi abamnyama. 

Emva kobandlululo usebenzele iNingizimu Afrika ngezindlela ezihlukene, enye yazo ngokuba yilungu lePhalamende nokuba yinxusa. Esethathe umhlalaphansi usungule iWinterveld United Farmers’ Association, inhlangano yabalimi abangu-145 abatshala izithelo zamawolintshi neSam Motsuenyane Rural Development Foundation eqhubeka nokwenza umsebenzi omuhle ukuthuthukisa iminotho yaselokishini nasemakhaya. Uyibekile induku ebandla. 

Kushone nowake wayisikhulu seBusiness Leadership South Africa (iBLSA) uMnu uThero Setiloane, owahola le nhlangano kusukela ngo-2011 kwaze kwaba wu-2016. 

Uhole futhi amabhodi ezinkampani eziningi emva kokuba ngesinye sezikhulu e-Anglo American naseTransnet. Kwi-BLSA usebenze ngesikhathi esinzima kwamabhizinisi njengoba kwakuyisikhathi sokuphatha kukaMnu uJacob Zuma futhi ukugwamanda amandla ombuso kwakubhokile ezweni. 

Wayegqugquzela ukuthi abamabhizinisi nohulumeni bakwazi ukuvulelana izifuba, nokwenzeka ngesikhathi iBLSA ixoxisana nohulumeni kaZuma. Sisayibambe kanjalo namanje.  

Ngikhalisana nemindeni nabangani babo bobabili.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/05/02/ushiye-izifundo-eziningi-umotsuenyane-izingqapheli/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page