Kunombiko othi ukucanasa kwezigebengu ezidonsa izisebenzi zikahulumeni nezinkantolo ngekhala okudlange emazweni aseLatin America kuyangenisa eNingizimu Afrika, kusho umbhali wengosi. Isithombe: yi-iStock

Isihlava sobugebengu obuhleliwe ezweni sidinga ukusukunyelwa, kuloba uJabulani Sikhakhane

UKWANDA kobugebengu obenziwa abantu abangaphansi kwezinhlangano, phecelezi organised crime, eziqonde ukwenza inzuzo ngabo kubeka engcupheni intuthuko yeNingizimu Afrika nenhlalakahle yezakhamuzi.

Lolu hlobo lobugebengu lubuye lubizwe nge-illicit economy ngoba luwumnotho ongalawulwa yimithetho nemigomo yezwe.

Abakulo mkhakha abakhokhi imali yentela njengamanye amabhizinisi kanti amabhizinisi abo awabhalisiwe ngokwemithetho yezwe.

Ukusabalala kwalolu hlobo lobugebengu kuhambisana nokwanda kwenkohlakalo yezisebenzi zikahulumeni nabantu bepolitiki. Isizathu saloku wukuthi lolu hlobo lobugebengu lwenzeka kahle uma luthola ukuvikeleka noma ukusebenzisa imigudu kahulumeni.

Izigebengu ezidabuka kwamanye amazwe zidinga izincwadi zezimvume zokungena ezweni ezinamagama okungewona awazo, ikakhulukazi uma kuyizigebengu ezifunwayo emazweni ezidabuka kuwona.

Imibiko emisha nje ephuma kuhulumeni ngokudayisa izimvume zokungena ezweni ikhomba inkinga iNingizimu Afrika ebhekene nayo. Ngesotno elidlule elinye lamaphephandaba libike ukuthi inxusa laseNingizimu Afrika eubai lihoxisiwe emva kwemibiko yokuthi belidayisa ngezimvume zokungena kuleli zwe. 

Abantu abafuna ukungena ezweni ngezinhloso ezinhle balandela imigudu esemthethweni yokuthola izimvume. Abathenga izimvume kuvame ukuba yizigebengu nabantu abaziyo ukuthi ngeke bazithola izimvume ngoba amagama abo esemabhukwini enhlangano yomhlaba yamaphoyisa i-Interpol.

Ziningi izinhlobo zalobu bugebengu. Phakathi kwazo singabala ukudla amabhilidi ngodli, aphendulwe isidleke sabaphangi noma kwenziwe ngawo imali ngokuqashisa ngawo. 

Kunezinhlangano ezenza imali ngokuphoqa izinkampani zezinkontileka ukuthi zincozule ingxenye imali eziyikhokhelwayo njalo ngenyanga ziyinike izigebengu. Nosomabhizinisi abancane ngokunjalo bayaphoqwa ukuthi bakhokhe imali yokuvikelwa.

Kukhona nokweba nokushushumbisa izimpahla ezidayiiswa ezweni nakwamanye amazwe ngemali ephansi. Ukwenza nokudayisa iziphuzo ezidakayo ezingaphephile ezibizwa ngamagama alezo ezaziwayo futhi ezibhalisiwe ngokomthetho nakho sekwandile.

Imiphumela yakho konke loku wukuma kwentuthuko ezweni noma izingxenye zezwe ngoba osomabhizinisi sebethathe izinqumo zokuthi ayisekho inzuzo abangayenza ngenxa yezindleko zokumelana nalolu hlobo lobugebengu.

Sikhuluma nje amazwe aseLatin America, njengeMexico neBrazil, aseneminyaka ekhungethwe yile nkinga. E-Mexico kubikwa ukuthi uhulumeni usenamagatsha amane. Akusagcini nje ngekhabinethi), iphalamende nezinkantolo kodwa sekunegatsha lesithathu i-organised crime.

Umbhalo osanda kukhishwa yiCouncil for Foreign Relations, inhlangano yaseMelika, uthi kwamanye amazwe aseLatin America izigebengu zicanasa ngokubambisana nohulumeni noma zincintisana naye. Kunezindawo lapho izigebengu zilawula impilo noma lapho uhulumeni ungenzi lutho ngaphandle kwemvume (ehambisana nomhlomulo) yazo.

Ukwanda kwalolu hlobo lobugebengu emazweni amaningi aseLatin America kwenza kubelukhuni ukubona ukuthi wubani ngempela ophethe izintambo zombuso. 

Kula mazwe osopolitiki abenza inkohlakalo banqinda amandla eminyango kahulumeni ephenya ngobugebengu ukuze izigebengu ezikhokhela osopolitiki zikhululeke. 

Uma kukhona izisebenzi ezizimisele ukwenza umsebenzi wazo wokugcina umthetho wezwe kuqhanyukwa nezizathu zokuzisusa ezikhundleni noma amagama azo adluliselwe ezigebengwini ezigcina ngokuzibulala. Zikhona izinsolo zokuthi sekunesikhathi kwenzeka lokhu ezweni lethu.

E-Latin America amajaji nezinye izikhulu eziphethe izinkantolo ziphenduka “izisebenzi” zezigebengu, zihoxise amacala noma kuntshontshwe ubufakazi ukuze izigebengu zigcine zingavelanga enkantolo. Kwenye inkathi amagama abantu abawofakazi emacaleni adluliselwa ezigebengwini bazithole sebesatshiswa noma babulawe.

Umbiko weCouncil for Foreign Relations uthi  noma amanye amazwe aseLatin America enza imizamo yokulwa nobugebengu kodwa impumelelo inzima. Uthi seloku  amazwe aseLatin America abuswa ngokwentando yabantu eminyakeni ewu-40 edlule, ingxenye yomnotho elawulwa yizigebengu isiyandile. 

Lo mbiko uthi izigebengu zaqala ngokudayisa nokushushumbisa isidakamizwa i-cocaine, zisebenzisa imigudu yokuzithumela kwamanye amazwe. Manje lezi zigebengu zisebenzisa inzuzo eziyenza ngezidakamizwa ukuthenga amabhizinisi asemthethweni, okuyinto eyenziwa yizikhulu ze-mafia eMelika.

Izigebengu zaseLatin America sezingene kweminye imikhakha njengokuphoqa abantu abanemali noma osomabhizinisi ukuthi bazikhokhele imali. Sezithatha ngenkani izimayini, ukugawula izihlahla emahlathini emvelo nokudoba izinhlanzi, konke okwenziwa ngokungemthetho. 

Sekwande nokuthumba abantu, ikakhulukazi abesifazane, bashushunjiswe basiwe kwamanye amazwe lapho bephoqwa khona ukuthi badayise ngomzimba.

Uphiko lwe-United Nations olubhekene nezidakamizwa nobugebengu luthi ubudlelwano phakathi kwenkohlakalo eyenziwa ngabantu abaphethe izwe iwusizo olukhulu ebugebengwini obuhleliwe ngoba ivula amathuba okuvikela izigebengu.

Lolu phiko luthi akulula ukugcina inhlangano yobugebengu isebenza ngenzuzo isikhathi eside ngaphandle kokuthi ithole ukuvikelwa kubantu abaphenya ngobugebengu.  

Ukweqa imingcele yamazwe kudinga izimvume noma imigudu yokungena engekho emthethweni. Izikhungo zobugebengu zidinga ukuvikelwa noma izigebengu zibenemigudu yokuthola izixwayiso kusenesikhathi uma abomthetho sebehogele umkhondo walapho zisebenzela khona.

Uma izigebengu kwenzeka zibanjwa ziyiswa enkantolo zidinga abantu abangazisiza ukweba ubufakazi noma izimantshi namajaji abangachitha amacala. 

Ukudla amabhilidi ngokungemthetho kudinga ulwazi lokubhalisa emnyangweni kahulumeni oqondene naloku nomgudu wokuthi ingashintshwa kanjani le mibhalo ukuze ibhilidi lidliwe yizigebengu, umnikazi walo osemthethweni azithole esekhishwa ngoba kuthiwa akulona elakhe.

Iyanda imibiko ngaloku eNingizimu Afrika okubikwa yinHlangano yeziZwe. Nalokhu okubikwa ngeLatin America sekuyenzeka eNingizimu Afrika, okuyisexwayiso sokuthi uma uhulumeni engakusukumeli izwe lizogcina selifana namazwe aseLatin America.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/07/03/umbiko-uthi-ayazicanasela-amaphekulazikhuni-eningizimu-afrika-kuloba-ujabulani-sikhakhane/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page