Izinkampani zokubheja zibona zinoju eNingizimu Afrika. Isithombe: Sithunyelwe

Abaxhasi abasha bePSL bakhombisa ukundlondlobala kwemboni yokugembula eNingizimu Afrika, kuloba uMcebo Mpungose

UKUNGENA kweBetway kwiPremier Soccer League (iPSL) kukucacisa bha ukudlondlobala ngesivinini kwemboni yokugembula eNingizimu Afrika, engenisa izigidigidi zamarandi, njalo ngonyaka.

I-PSL yethule iBetway,  abaxhasi abasha bebhola elikhokhelwayo ezweni, ngenyanga edlule. Njengoba isiqalile isizini yango-2024/25, iligi isibizwa ngeBetway Premiership. I-Betway ixhase iPSL ngemali ecela ku-R900 million, ozokhokhwa ngezigaba iminyaka emithathu.

Ngesikhathi kumenyezelwa loku kusebenzisana, isikhulu esiphezulu eBetway eNingizimu Afrika uMnu uLaurence Michel uveze ukuthi bafuna “ukuqinisa” ukushicelelwa nokusatshalaliswa kwezithombe nama-video okuthinta imidlalo yePSL ezinkundleni zokuxhumana. 

“Asikho ebhizinisini lokubheja nje… sisebhizinisini lokukhiqiza ‘izindaba’,” kusho yena.

Ngamanye amazwi bafuna iBetway Premiership iqhubeke ibesematheni ezinkundleni zokuxhumana ngisho kungadlalwa. 

Ngizobuyela ekutheni kubaluleke ngani loku. Ake siqale sibheke iBetway, inkampani ezinze eMalta. Uma ubukisisa konke esikwenzile seloku ifike ezweni ngo-2017, isingene shi ezindaweni eziningi. Ifake imali eqenjini lamaBhokobhoko nasemqhudelwaneni omusha wekhilikithi, i-SA20. Kwi-SA20 ifake imali yokuheha abalandeli ukuthi bagcwalise izinkundla uma kunemidlalo, okuyinto engasavamile kwikhilikithi eNingizimu Afrika. 

Abalandeli balo mdlalo bancome iBetway nabasunguli beSA20 ngokuqhamuka nomqhudelwano “ohlenge ikhilikithi” ezifundazweni. Le nkampani ibisivele iwuqalile umsebenzi wokuzifaka ebholeni lakuleli zwe ngokuqoka uSiphiwe Tshabalala ukuthi abeyinxusa layo.

Iphinde yenza ubuchule iqasha uBaba Mthethwa ohlelweni lochungechunge lezikhangiso zethelevishini nomsakazo olusaqhubeka namanje. Ngalezi zikhangiso le nkampani ibizisondeza kubathandi bebhola eNingizimu Afrika, okuyibo abahamba phambili ngokubheja kwezemidlalo.

Phesheya iBetway ibisivele izakhele igama ngokuxhasa iWest Ham, egijima kwiPremier League, okuyenze yaziwa umhlaba wonke. Njengoba isiqedile ukundlalela, isigcine ithole inkundla enkulu kunazo zonke yokukhangisa kubantu ebafunayo – iPSL. 

Kuzokhumbuleka ukuthi eminyakeni edlule iPSL ibingazimisele ukusebenzisana nezinkampani zokugembula. Ibingafuni ngisho zixhase amaqembu agijima kule ligi ngenxa yezizathu ezihlukene. 

Nokho, ukundlondlobala kwemboni yokugembula sekuholele ekutheni ingazibeki, ikakhulukazi njengoba ezinye izinkampani ziyigodla imali ebholeni lakuleli zwe, zincamela ukuxhasa eminye imidlalo. 

Ukungena kweBetway kwiPSL kuchaza ukuthi ifuna ukukhuphula isibalo sabantu abasebenzisa i-app yabo. Loku ngeke kwenzeke abantu bengakhulumi ngeBetway Premiership, zingena lapho-ke “izindaba”.  

Ukusatshalaliswa kwezithombe ezibuye zibizwe ngama-meme, nama-video, kuzoqinisekisa ukuthi kukhulunywa ngeBetway, kanti nayo kusho ukuthi isingakwazi ukucupha kahle ibenezikhangiso ezibhekene ngqo nale ligi.

Ngesikhathi iHollywoodbets ixhasa iDurban July, sekuphume iVodacom, yayihlose okufanayo. Njengamanje sekuphelile ngento ethi VDJ, sekuyiHDJ ngokugcwele. Ezindabeni ebezihamba phambili kwiJuly yalo nyaka, bekundiza igama leHollywoodbets emoyeni. 

Ingakanani imali eyenziwa yizinkampani zokugembula? 

Ngokombiko weNational Gambling Board, ngonyaka wezimali wango-2021/22 imboni yokugembula ingenise u-R34.4 billion. Loku yakwenza onyakeni wesibili we-COVID-19. Ngonyaka wezimali wango-2019-20 le mboni yenza uR32.7bn. 

Le mali ayivezi isithombe esiphelele, nokho ngoba iveza imali eyenziwe yizinkampani zokugembula kuphela uma sekususwe imali yentela, nemali ezilahlekelwe (ewinwe ngamaphanta netshaliwe).

Uma kukhulunywa ngemali yemakethe yokugembula, ngo-2023 kungene ebalelwa kuR815bn. Uma uqhathanisa nelinye lamazwe aphambili kwezomnotho emhlabeni i-United Kingdom, kungene uR384bn khona onyakeni ofanayo.  Loku kusho ukuthi igaywa ngempela imali embonini yokugembula ezweni. 

Okuxaka abaningi nokho wukuthi iNingizimu Afrika isabalwa namazwe anezinga eliphezulu lenhlupheko kodwa le mboni ikhula ngesivinini. 

Phakathi kwezinye izinkampani zangaphandle esezitheleke kuleli zwe zizofuna ukuhlomula kubagembuli singabala i-10 Bet, SportingBet, BetFred, Sport Pesa, Boyle Sports nezinye.

  • UMpungose uyintatheli yezemidlalo nobuchwepheshe enamava okusebenza embonini yokugembula

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2020/10/28/impicabadala-ngobuthaphuthaphu-bokuthengwa-kwamaqembu-kwipsl-kuloba-usiyabonga-hadebe/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page