UNgqongqoshe weMfundo eyisiSekeko uNkk u-Angie Motshekga wethule umbiko okhathazayo ngemfundo. Isithombe: Sithunyelwe

Izikhala zothisha zisho lukhulu ngesimo somnotho wezwe, kuloba uJabulani Sikhakhane

UMBIKO kaNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkk u-Angie Motshekga oveza ukuthi izikole zaseNingizimu Afrika zinezikhala zothisha ezingaphezu kuka-31 000 awugwinyisi mathe ngekusasa lemfundo ezweni. 

Lo mbiko uyisibonelo sezinkinga ezibhekene nemfundo ezweni, ikakhulukazi uma sibheka izikole okungakhokhwa kuzona.

Lezi zikole zigcwele abafundi abaphuma emakhaya antulayo, okuyingxenye yezakhamuzi zezwe ezincike kakhulu ezinhlelweni zikahulumeni, njengezempilo nemfundo. Yingoba azinawo awazo amandla okuzithengela izidingo ezemfundo noma ezempilo ezinkampanini ezizimele, njengoba kwenza abantu abami kahle kwezezimali.

Kuphuma lo mibiko nje ngezikhala zothisha, sekunezixwayiso ezivela kwabacubungula ezemfundo, ikakhulukazi ngasohlangothini lweSabelomali. Sekuneminyaka bekhomba ukuthi ezemfundo ezingaphansi kukahulumeni zizongena enkingeni ngenxa yesinqumo sokunciphisa iSabelomali. Lou kwenza iminyango yemfundo isale ingenamali yokuvala izikhala zothisha abayekayo noma ikwazi ukumelana nezinye izinsiza zemfundo njengezincwadi.

Okwesibili, sekuneminyaka ongoti bemfundo bebikezela ukwanda kothisha abazothatha umhlalaphansi. Ukuvala lezi zikhala nako kudinga iminyango yemfundo ezifundazweni ukuthi ibenemali yokuqasha othisha abasha.

Empendulweni yakhe ebhaliwe ePhalamende, uNkk uMotshekga uveze ukuthi iKwaZulu-Natali ihamba phambili ngezikhala zothisha ezingaphezulu kuka-7 000, kulandele iMpumalanga Kapa (eneziwu-6 111), iLimpopo (eneziwu-4 933), iNtshonalanga Kapa (eneziwu-4 497) neGauteng (eneziwu-3 898).

UNkk uMotshekga uthe iyenziwa imizamo yokuvala lezi zikhala. Uthe loku kwenziwa njengokuthi kungabinakilasi elingenathisha kuwo wonke amazinga emfundo. Uthe izikole zinegunya lokuqasha othisha abawo-post level 1 (abaqala ukufundisa). 

Izikole zingaqasha endaweni uma kuvuleka isikhala, kanti futhi zinegunya lokuqasha othisha abayitoho. Nokho umthetho owengamele izindaba zezisebenzi unquma ukuthi umuntu oyitoho isikhathi esingaphezu kwezinyanga ezintathu kumele afakwe emabhukwini omqashi njengesisebenzi esiqashwe ngokugcwele.

Uthe lapho kukhushulwa othisha, njengezinhloko zeminyango nothishanhloko, izikole zinegunya kuphela lokufaka umuntu osevele esemabhukwini esikole ongabamba isikhashana ngesikhathi kusathungathwa ozophatha ngokugcwele. 

Kwesinye isikhathi izikole zinegunya lokuqasha umuntu omusha ozobamba isikhashana kuze kutholakale ozovala isikhala.

UNkk uMotshekga akachazanga ukuthi isibalo sezikhala zothisha azivezile sinyukile noma singaphansi kweseminyaka edlule. Nokho uma silandela izexwayiso zongoti beSabelomali, inani elibikwe wuNkk Motshekga kufanele ukuthi liphezulu kuneleminyaka edlule.

Sekuneminyaka ongoti beSabelomali semfundo ezweni bexwayisa ngokwanda kwezikhala zothisha. Bebekhomba ukuthi ukwanda kwezikhala kwandisa isibalo sabafundi ekilasini ngalinye. Bayagqilazeka othisha ababhekene nabafundi abaningi ekilasini ngalinye, kangangoba bagcina bengasenathuba lokunaka izidingo zabafundi abathatha isikhathi eside ukubamba okufundiswayo.

Laba bafundi abasilela emuva bagcina beshiye phansi bengaphothulile imfundo yabo, okubabeka engcupheni njengoba amathuba amaningi emisebenzi ezweni evama ukuthathwa ngabantu abanamakhono noma abaphothule nasenyuvesi, belandelwa ngabanoMatikuletsheni. 

Enye inkinga ebhekene neminyango yemfundo yezifundazwe wukunyuka kwemiholo yezisebenzi zikahulumeni ngezinga elihambisana, noma elingaphezulu, kwelokwehla kwamandla emali. Lokhu kumpintsha le minyango ngoba iSabelomali sayo esiphuma kuhulumeni ezweni asinyuki ngezinga elenza kubelula ukumelana nalezi zindleko.

Okokuqala, kuzokhumbuleka ukuthi izingxoxo ngokunyusa imiholo yezisebenzi ezweni lonke nakohulumeni bezifundazwe zibanjelwa ezingeni lezwe lonke. 

Okwesibili, ezemfundo zingaphansi kwezwe (elishaya imithetho nemigomo) nezifundazwe (eziphethe ezemfundo nsuku zonke ngokulandela okunqunywe ezweni lonke).

Enye inkinga enkulu ebhekene nezemfundo kuleli zwe yisibalo sothisha okulindeleke ukuthi bathathe umhlalaphansi noma bayeke ukusebenza singafiki isikhathi somhlalaphansi. Othisha bangathatha umhlalaphansi beneminyaka ephakathi kwewu-55 newu-60 noma kukhona abavunyelwayo ukusebenza baze bafike kwewu-65.

UmNyango weMfundo eyisiSekelo uthi yinkulu ingxenye yothisha okulindeleke ukuthi bathathe umhlaphansi eminyakeni emihlanu ezayo kusukela kulo nyaka. Uthi igalelo lako lizokwehluka ngezifundazwe. Loku kusho ukuthi kuzofanele kunyuswe isibalo sothisha abaqeqeshwayo ukuze uhulumeni ukwazi ukuvala lezi zikhala. Lo mnyango uthi uma lezi zikhala zingavalwa, sizonyuka isibalo  sabafundi ikilasi ngalinye elibheke uthisha oyedwa. 

Uthi sesivele sinyukile lesi sibalo ngenxa yokunyuswa kwemiholo eminyakeni edlule ngezinga elingaphezu kwamandla emali, isenzo esishiye iminyango yemfundo impintshekile ezimalini.

Nokho uthi ukwanda kwesibalo sothisha abathatha umhlalaphansi kungavula amathuba okuqasha othisha abaneziqu zasenyuvesi. Ukwandisa othisha abaqeqeshiwe kungaba nezingqinamba ngenxa yokuncishiswa kweSabelomali. 

Uyayivuma induku, ukhomba ukuthi eminyakeni edlule ohulumeni bezifundazwe abakwazanga ukuqasha bonke othisha abaphuma emanyuvesi. Isizathu yiyo inkinga yezezimali belu.

Njengoba zonke izinkomba ngesimo somnotho wezwe zikhomba ukuthi ikusasa lawo aligqamile kahle, nesimo sezimali zikahulumeni akulindelekile ukuthi sivuseleleke masinyane. Ingxenye enkulu yemali yeSabelomali itholakala ngentela ekhokhwa yizisebenzi, izinkampani nentela ebanjwa ezimpahleni, i-value added tax.  Ukukhula kwayo yomithathu le mikhakha kuncike kakhulu ezingeni lokukhula komnotho.

Ngakho-ke uma isimo somnotho siqhubeka sintenga, kusho ukuthi ngeke iSabelomali semfundo sinyuke ngezinga elidingekayo ukuze ohulumeni bezifundazwe bamelane nezidingo zezemfundo nezinye izinsiza zemfundo.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2022/05/11/asiphokophele-imfundo-eseqophelweni-eliphezulu-sivikele-inkululeko-yethu-kuloba-ureuel-khoza/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page