Singadidiswa yizinkulumo ezingathi shu zokukhankasa, kuloba uBusi Mavuso
KUZOBA wunyaka onzima lona emabhizinisini. Emazweni amaningi emhlabeni kuzobe kuvotwa. Kunjalo nje sibhekene nezinkinga eziningi ngokobudlelwano bamazwe ngenxa yezimpi eziphakathi kweRussia ne-Ukraine ne-Israel neHamas, okwenza sihlale ngesinqe esisodwa.
INingizimu Afrika ingelinye lamazwe okuvotwayo kulona. Izinhlaka zethu zentando yabantu zimi kahle futhi kuzoba kuhle ukuzibona zisebenza njengoba kuzokwenzeka kulo nyaka.
Nokho, imikhankaso yokhetho ibuye iphazamise ukubusa izwe ikakhulukazi esikhathini esimqoka njengalesi lapho khona kunenqubekelaphambili ngezinselelo eziningi umnotho wethu obhekene nazo.
Kukhona nengozi yokuphasisa imigomo engaphusile ngoba kukhankaswa. Sesivele siyakubona ngomthethosivivinyo womshwalense wezempilo ongezukusebenza kahle, iNational Health Insurance (iNHI), ukuthi izinto ezinjena zidala umonakalo kanjani.
Umengameli uthembise ngempelasonto ukuthi uzowusayina ubewumthetho yize kukhona abaphikisana nawo “bethanda bengathandi”.
Siyazi ukuthi umthetho ngeke usebenze ngoba abekho abantu abenele abawuthakaselayo futhi uzonele usayinwe nje, kuyiwe ezinkantolo ngoba kuningi okungahambi kahle ngawo nokushayisana kwawo nomthethosisekelo.
Osomnotho balinganisa ukuthi umnotho uzokhula ngo-1.5% kulo nyaka emva kokukhula ngo-0.8% ngonyaka odlule. Kucacile ukuthi kufanele kugxilwe ekukhuliseni umnotho.
Ukukhuluma izinto ezishayelwa ihlombe kodwa ezingasiyisi ndawo kungakuphazamisa loko. Uma sibuka umthethosivivinyo weNHI, siyabona ukuthi yinto esiyenza osomabhizinisi bacabangisise ukuthi bangathembela yini kwezempilo zaseNingizimu Afrika ngomuso.
Izisebenzi zezempilo okulula ukuthi zithole umsebenzi kwamanye amazwe zikhathazekile ngekusasa lazo. Bayahlupheka abanye bethu abagxile ekuletheni ushintsho oluzokhulisa umnotho ngendlela efanele.
Ngonyaka odlule osomabhizinisi nohulumeni bavuselela imizamo yokusebenzisana ukulwa nezinselelo eziphazamisa ukukhula komnotho, okukhona kuzona inkinga kagesi, inkinga yezokuthutha, ubugebengu nenkohlakalo.
Isimemezelo esihle ngamaholidi kaKhisimusi wukuqokwa kwebhodi ye-Eskom ezokwengamela ukusabalalisa ugesi, okuyigxathu elibalulekile ezinhlelweni zokuthi igcine ihlukanisiwe ukuze kwande ukuncintisana embonini kagesi.
Okunye okwenzeke ngamaholidi wukushicilelwa kwecebo elisha elizosetshenziswa ukuhlanganisa ugesi, i-Integrated Resource Plan (i-IRP), umqulu obalulekile endleleni esihlela ngayo izidingo zethu zikagesi.
Kuyancipha ukubaluleka kwe-IRP njengoba kwanda ugesi osuzokhiqizwa yimboni ezimele kodwa yiyo esayinsika yombono esinawo ngogesi.
Kusho lukhulu ukuthi kukhona isiphakamiso esichicilelwe yize kukuningi okufanele kulungiswe kuso ukufeza isifiso sokwehlisa amanani okuhlelela ugesi ngomuso.
Kuzobaluleka ukubonisana ngesiphakamiso ukuze sihambisane nezinhlaka ezinamasu aphusile ngemboni.
Kumqoka ukuthi siqhubeke ngomgqigqo wobudlelwano bethu obuvuselelekile, sifeze izinto esithe ziseqhulwini yize kuqhubeka umkhankaso wokhetho. Inkinga yezokuthutha nje idinga kuthathwe izinyathelo eziphuthumayo phakathi kosomabhizinisi, uhulumeni, iTransnet nezinye izinhlaka ukuphucula ukusebenza kahle kwezitimela nengqalasizinda yamachweba.
Izingqinamba ezibhekene nabadayisela amanye amazwe imikhiqizo yabo, okungaba abezimoto noma abezimayini, ziwunqinda mathupha umnotho, okudala ukuphela kwemisebenzi, imali engenayo nentela.
Ngiyethemba ukuthi ngo-2024 sizoba nomfutho wokwenza izinhlelo esesivele sivumelene ngazo ukulungisa imboni yezokuthutha ngaphandle kokuphazamiseka.
Uhulumeni nosomabhizinisi bamqoka ekuletheleni umhlaba ithemba lokuthi iNingizimu Afrika iyazilungisa izinto zayo.
Kuleli sonto iqalile iWorld Economic Forum eDavos, eSwitzerland, kanti iNingizimu Afrika imelwe kahle ngosomabhizinisi abavuthiwe nabaholi bakahulumeni abadidiyelwe wuNgqongqoshe wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana.
Esesikwenzile ukuvuselela (umnotho) yiwona umyalezo okufanele siwudlulise, siwethule emhlabeni, kwazise abantu baqaphile ngendlela yokunyuka kwengozi emhlabeni.
Kufanele sicacise ukuthi intando yabantu nomthethosisekelo kwethu yikona okuyisisekelo somnotho wethu, ukuhlonishwa komthetho nokuthula.
Siyakwazi futhi ukuba yizwe labantu abavuka bazithathe benze izinguquko ezidingakayo nakuba kwesinye isikhathi bekhona ontabakayikhonjwa abenza kube lukhuni.
Abatshalimali emhlabeni kufanele bakhululeke bazi ukuthi intando yabantu iyasebenza futhi ngokweseka umnotho wethu, bazovuna. Ngilifisela okuhle kodwa ithimba elihambile.
Ngiyazibophezela nakulo nyaka ukuqhuba umsebenzi wokuletha izinguquko esizidingayo. Zizoba khona izinselelo kuze kudlule ukhetho, uma senza umsebenzi obucayi ukuqhuba umnotho.
Osomabhizinisi kufanele bazishaye indiva izinkulumo ezingathi shu kodwa ezibuye zehlise ithemba emabhizinisini. Nokho, izwe lethu liyakwazi ukubekezela nokuthola izisombululo kanti ngethemba ukuthi baningi abantu abanezinhloso ezinhle kuhulumeni nasemabhizinisini abazobambisana kahle.
Nginifisela u-2024 oyimpumelelo kanti ngikubheke ngabomvu ukusebenzisana nani ukuletha ushintsho.

- UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa