Ukuwina kwamaBhokobhoko kusho amathuba okuhweba kosomabhizinisi, kuloba uNtokozo Biyela

NGIYANIBINGELELA ngothi lwenu bosomabhizinisi. Ngiyethemba ukuthi nisachichima injabulo emva kokuphumelela kwamaBhokobhoko emdlalweni wabo wamanqamu neNew Zealand. Sithi nje halala mabhokobhoko.

Namhlanje ngithanda sibuke amathuba amaningi azovela ngenxa yokuphumelela kwamaBhokobhoko kwiNdebe yomHlaba ebholeni lombhoxo. Kube yingqophamlando emva kokuthi amaBhokobhoko ephumelele le ndebe izikhawu ezine ukwedlula ezinye izimbangi.

Ezindebeni eziyisishiyagalombili esezike zadlalwa seloku iNdebe yomHlaba ebholeni lombhoxo yaqala ngo-1987, amaBhokobhoko asephumelele izikhawu ezine, okusho ukuthi asephumelele u-50% walo mncintiswano.

Loku kubeka amaBhokobhoko ekubeni yiqembu eliwundabuzekwayo umhlaba wonke. Njengoba izolo ekuseni abafana bethe cababa e-OR Tambo International Airport babuyele emafutheni. Yiningi imali amabhizinisi amakhulu ezweni azoyikhipha ukubhiyozela ukuthi amaBhokobhoko yizingqwele zomhlaba.

Sizobona ngemicimbi eminingi ezokwenzeka izwe lonke abantu bejabulela ukuthi singompetha. Maningi amathuba azovela lapho izinkampani eziningi zizokwenza imicimbi, ngakho uma unenkampani eyenza imicimbi enjena kungakuhle ube ulungisa ipeni nephepha ubhalele izinkampani ezinkulu ngohlelo ongazisiza ngalo ukuzilekelela ukuthi zenze le micimbi kahle nokuthi ziyenze kanjani.

Kubantu ababhala izikibha namajezi okunemibhalo yamaBhokobhoko nakhona kuzobe kuthe chithi saka izikibha zamaBhokobhoko nezinye izinto eziningi ezihambisana neNdebe yomHlaba, 

Abanye bangenza izitikha ezinombalo wamaBhokobhoko. Abanye futhi bazoqhamuka nezinto ezifana nezinkomishi, oswidi, amapuleti okunabadlali. Abanye benza imidwebo, kuthi abanye benze ngisho ubuhlalu obunemibala yamaBhokobhoko.

Ngizama ukuthi ngaloku na? Ngizama ukuthi nawe mfundi wale ngosi ibe ubheka ukuthi ungahlomula kanjani noma ngani ngalesi sikhathi wonke umuntu esajabulela ukuphumelela kwamaBhokobhoko. Uma abantu bejabule, baye babenomusa kakhulu futhi uma kuphumelele iqembu abalithandayo nemali ivele iziphumele ngaphandle ngokunanaza.

Kuhle ukuthi uma ufisa ukuqala usheshe uqale ngoba kuye kwenzeke loku kanye ezikhathini eziningi. Akuvamisile ukuba wumuzwa oba khona ingunaphakade. Loku kusho ukuthi njengosomabhizinisi, kufanele ube wumuntu osebenzisa ithuba ngaso sonke isikhathi.

Sizokhumbula ngezikhathi ze-COVID 19 ukuthi ngenkathi iningi lalikhala ngokubheda kwezinto eziningi kodwa khona lapho kwabakhona amabhizinisi amancane akwazi ukubona ithuba lokwenza imali.

Namanje kunjalo. Vuka emaqandeni ubone ukuthi yini ongayidayisa ukuze nawe uhlomule.

  • UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page