Sibheke inkulumo yesizwe eyakhayo, hhayi egcwele iziqubulo, kuloba uBusi Mavuso
INKULUMO eBhekiswe esiZweni iwumhlahlandlela womsebenzi kahulumeni. Onyakeni wokhetho, cishe kunengcindezi kakhulu yokutshengisa impumelelo nokuzibophezela ekusebenzeni.
Ngithemba ukuthi inkulumo kaMengameli uCyril Ramaphosa kuleli sonto izotshengisa ukuzibophezela ukusebenzela izinguquko kunokukhankasa.
Ngonyaka odlule, inkulumo kamengameli yayigxile ekuvuseleleni izinto emva kobhubhane i-COVID-19. Sesidlulile lapho, kanti manje sesigxile ekuphuculeni umnotho wethu obanjezelwa yizinto ezingahlangene ne-COVID-19.
Inkinga yethu kagesi iyaqhubeka nokuba yingqinamba enkulu yize ikhona inqubekelaphambili kanti ezokuthutha ziyaqhubeka nokuba yinkinga emnothweni wethu kanti kudingeka kungenelelwe masinyane.
Ngonyaka odlule “into eyayiseqhulwini futhi iphuthuma” kumengameli kwakuwukuba nogesi owenele kanti singasho ukuthi ikhona inqubekelaphambili.
Kunemali ebonakalayo etshalwe yimboni ezimele ekuphehleni ugesi uma sibheka okubhaliswe kumlawuli kagesi.
Okunye okusizile ngaloku yizikhuthazi eziqhamuka kuhulumeni, nokungakho abantu besukumele ukufaka ugesi ophehlwa ngelanga emizini yabo nasemabhizinisini abo.
Indlela i-Eskom esebenza ngayo ngenye yezinto umengameli athembisa enkulumweni yakhe ukuthi zizophucuka kodwa akukwenzeki njengoba nogesi obukhona ngoJanuwari ubungaphansi kobuvame ukubakhona ngonyaka odlule.
Nokho, njengoba kwanda abantu abazimele abahlinzeka ngogesi, uzoba khona ugesi owenele. Loku kwenzeke ngenxa yemizamo yeHhovisi likaMengameli elisebenzisana nekomiti eliqokelwe ukulungisa inkinga kagesi iNational Energy Crisis Committee.
Yize ukhona umehluko, isekhona inkinga yokushoda kagesi. Inhlansi yethemba ikhona uma sizoqhubeka nomgqigqo. Kufanele siphothule ukuguqula i-Eskom ukuze kube nenkampani ezimele kagesi ukuze imboni ivuleke nokuzokwandisa abatshalimali futhi kuqinisekise ukuthi kunabantu abakwazi ukukhiqiza ugesi omusha.
Inqubekelaphambili ikhona njengoba kuqokwe ibhodi futhi kukhishwe ilayisensi yenkampani ezimele. Ngiyethemba umengameli uzophinde azibophezele ukuphothula uhlelo lokuguqula izinto ne-Energy Action Plan.
Enkulumweni yakhe ngonyaka odlule, umengameli akashongo lutho olutheni ngezokuthutha, yize asho ukuthi izolungiswa indaba yokungasebenzi kahle kwezitimela namachweba. Nokho inkinga yezokuthutha isidlebelekile njengoba kwehle kakhulu ukusebenza kwezitimela namachweba.
Kuphela imisebenzi ngoba abezimayini nabanye abakwazi ukuthutha izimpahla emachwebeni. Sesiphenduke izibukeli njengoba kunenkinga ngoLwandle oluBomvu, kukhethwa amachweba aseWalvis Bay naseMaputo ukuthutha izimpahla e-Afrika ngoba awethu awakwazi ukwenza umsebenzi ngendlela efanele.
Inkinga yezokuthutha nayo isisukumise osomabhizinisi nohulumeni njengoba sekusungulwe ikomidi elibheke leyo nkinga iNational Logistics Crisis Committee efana nelikagesi.
Selivele lihlanganise umhlahlandlela oneziphakamiso zokuthi zingaphuculwa kanjani ezokuthutha. Kepha manje sekufanele ligxile ekutheni umsebenzi uzokwenziwa kanjani, liqikelele ukuthi wonke umuntu, okufaka neTransnet, uyahambisana naloko.
Umengameli angafaka umfutho wepolitiki odingekayo ukusheshisa inqubekelaphambili.
Inkulumo yangonyaka odlule yayinezithembiso eziningi zokutshala imali ethe xaxa kwingqalasizinda, okufaka eyezokuthutha, amanzi nemigwaqo. Kepha izibalo ezisemthethweni zitshengisa ukuthi imali efakwa wuhulumeni iyaqhubeka nokwehla kodwa efakwa yimboni ezimele inyuke mawala ezinyangeni eziwu-18 ezidlule.
Enye imbangela yaloku kukhula izinguquko ikakhulukazi ngokuvumela imboni ezimele ukuthi itshale imali kwingqalasizinda. Kepha sisabona uhulumeni uhluleka wukufaka imali kwingqalasizinda.
Kukhona imizamo emihle yokuhlanganisa konke okwenziwayo kwingqalasizinda kanti ngimagange ukuzwa umengameli echaza ukuthi le nkinga izolungiswa kanjani.
Ukuntuleka kwemisebenzi ngenye yezinselelo ezinkulu esinazo, yize zehlile kancane lezi zibalo ngonyaka odlule. Imizamo kamengameli yokuvulela intsha amathuba emisebenzi ithele izithelo, yize kuyimboni ezimele eqasha kakhulu.
Akukwazi ukwenzeka loku ngaphandle kwezinguquko emthethweni wemisebenzi, inkiyankiya okubonakala sengathi umengameli akakwazi ukuyilokotha.
Yiyona okufanele ayiqonde ngqo, angaloku embangcaza, izinguquko zingenzeka kube kuvikelwa amalungelo ezisebenzi kepha futhi kukhululwe abaqashi ukuthi baqashe abanye abantu. Ngizohlalela ethembeni.
Ubugebengu nenkohlakalo ngenye yezinto umengameli athembisa ukuthi izoshintsha. Ikhona inqubekelaphambili, isibonelo nje wukuthi izinguquko ziphucula indlela iNingizimu Afrika ethobela ngayo umthetho othinta ukulwa nokushushumbisa imali emhlabeni.
Nokho sisaqhubeka nokuthwala kanzima ukushushisa abantu abathinteka enkohlakalweni kanti ubugebengu nokwenzela phansi kunesandla esikhulu enkingeni kagesi esinayo.
Ngonyaka wokhetho ihlale inkulu ingcindezi yokusho izinto ezizohambisana nalapho umoya uvunguzela ngakhona. Ngibona ukuthi yiloku kanye okwenzekayo ngodaba lomshwalense wezempilo, i-National Health Insurance (iNHI) njengoba kukhethwa into ezokitaza izindlebe zabantu kunento ezosebenza kanti loku akusoze kusebenze.
Ngesonto elidlule umengameli uthe umthethosivivinyo uzosayinwa ube wumthetho ngaphambi kokhetho. Loko kuzosusa umbango wokuyisana ezinkantolo.
Umengameli ubona sengathi ukusayina umthetho ongeke usebenze kuzosho ukuzuza lukhulu, akunjalo.
Ushintsho nokuphucula ezempilo yikona okuba wusizo kodwa umthethosivivinyo weNHI ngeke ukwenze loko. Esikhundleni saloko uzoxosha odokotela nezinye izisebenzi zezempilo ukuthi ziye kwamanye amazwe futhi izocekela phansi imboni yezempilo ezimele ekubeni ingaphuculi lutho kwezempilo zikahulumeni.
Kepha umengameli uzimisele ukuqhubeka nayo yize kunjalo. Nokho uhulumeni ukwazile ukwenza izinto zenzeke kwezinye izinto. Imali engeniswe yintela incane ngenxa yokungakhuli komnotho, okusho ukuthi asikwazi ukwandisa izinto ezizokwenza sisebenzise imali budedengu, kungaba emiholweni yezisebenzi zikahulumeni noma kwizibonelelo.
Ukuzibamba ziqine zomNyango wezeziMali kunika osomabhizinisi nabatshalimali ithemba kanti umengameli naye kufanele atshengise ukuthi uyayaseka le ndlela yokuzithiba.
Ukhetho lushintsha izinto eNkulumweni eBhekiswe esiZweni. Osomabhizinisi banendaba nokuseka ukukhula komnotho kanti iziqubulo ngeke zikwenze loko.
Sidinga ukuzikhandla ukuguqula izinto kanti ngithemba ukuthi inkulumo kamengameli kuleli sonto izosinika leso siqiniseko.
