Uvuka uzithathe kanjani ngemva koku‘shaywa’, kuloba uZama Simelane

EMASONTWENI amabili edlule kube nemibiko ethi emhlabeni jikelele kuhlaselwe noma ku‘shaywe’ izinkampani kusetshenziswa ama-server akwaMicrosoft. Loku kwenze ukuthi izinkampani zaseNingizimu Afrika, okubalwa namabhange kuzona, zaba sengcupheni. Udaba engilufundile ngale nto luthe iNingizimu Afrika ingenye yamazwe angaphephile emhlabeni ngenxa yokungazi ngezinto ezithinta ukuphepha kwi-internet, phecelezi i-cyber security. Yingakho-ke ngiphinda ngifisa ukudlula kuloku, ngigcizelele ubumqoka bokuhlala uqaphile kwezokuxhumana ngobuchwepheshe besimanje.

Izimpawu zokubona baku‘shayile’ online, kuloba uZama Simelane

EMASONTWENI amabili edlule sinabe ngemizamo namasu okuphepha online kodwa-ke njengoba kuhlale kushiwo ukuthi ayikho into eyimfihlo online, kuyiqiniso ukuthi ngeke uthembele kuphela ekuvikelweni yi-anti-virus software ngoba nakuyona iphutha liyenzeka kanti futhi izigilamkhuba ze-internet ziyakwazi ukuyidida ngokuqhamuka namasu amasha okugadla angakavinjwa kwi-software yokuvika ingozi. Ngakho-ke usengangena engozini esizwe ngayo ezingosini ezedlule.

Kunezimpawu eziqhamuka kuhulumeni ezisilethela ithemba siwosomabhizinisi, kuloba uBusi Mavuso

NGESONTO eledlule ngabuyelwa yithemba lokuthi uhulumeni ugxile ekuletheni nasekwakheni umbuso osebenzayo ngenxa yezinto ezimbili. Okokuqala uMengameli uCyril Ramaphosa usebenzise incwadi yakhe ayibhala masonto onke ukubhunga ngohlaka okuhloswe ngalo ukuphucula indlela okusetshenzwa ngayo kuhulumeni, iNational Implementation towards the Professionalisation of the Public Service.

Kuyethembisa okuqhamuka kwiSabelomali, kuloba uBusi Mavuso

ISINQUMO (sangeSonto) sokwehlisela ukuvalwa kwezwe esigabeni sokuqala sizosiza abantu abaningi baseNingizimu Afrika babuyele emsebenzini futhi sizosiza ukuvuselela umnotho. Ukushintshwa komthetho wewashi kuzosiza kakhulu imboni yezindawo zokudlela cishe okuyiyona eshayeke kakhulu ngenxa yobhubhane nokuvaleleka. Isekhona imithetho eyinqandayo kancane kodwa kungcono ngoba isizokwazi ukucishe ivule nokudayisa utshwala njengokwejwayelekile.

Qala kabusha ngo-2021; ushintshe unyawo oshaya ngalo, kuloba uNtokozo Biyela

SAWUBONA, halala mfundi wale ngosi ngokweqela ku-2021. Nokuba ufunda le ngosi yokuqala ka-2021, kusho kona ukuthi uNkulunkulu usakuthandile nanamhlanje; wakupha isipho sempilo. Ngaloko kufanele sonke simbonge ngomusa ongaka. Ngiyathemba ukuthi usazoba nathi, asiphe umusa osanele sonke ukuze nami ngiqhubeke nokuphakela isizwe nabantu baKhe ukudla kwengqondo, nani nikhongozele nincele kogwansile.

Ibhange loMbuso lishayelele isipikilli sokugcina onyakeni obuvele umubi futhi lamosha noKhisimusi ngokungayehlisi imalimboleko, kuloba uTHEBE MABANGA

UNYAKA ovele usihlukumezile awupheli kahle, kunaloko uphela kabuhlungu uma kubhekwa imalimboleko enqunywa yiMonetary Policy Committee (iMPC) yeBhange loMbuso enqume ngesonto eledlule ukungayiguquli imalimboleko; njengoba lithe izoqhubeka ihlale ku-3.5%, nokusho ukuthi unyaka wonke iyehlise ngo-275 basis points noma ngo-2.75%.

Sisho ukuthini isinqumo seNkantolo yokuDlulisa amaCala ngokukhishwa kwamathenda?, kuloba uNtokozo Biyela

ININGIZIMU Afrika isuka kude nokulwa nokubandlululwa kwabantu abamnyama kwezomnotho. Uma futhi ubheka kusekude phambili uma izinto zenzeka ngalolu hlobo. Ngesonto eledlule iNkantolo yokuDluliswa kwaMacala ikhiphe isinqumo sokuthi umthetho ovuna osomabhizinisi abamnyama, iPreferential Procurement Policy Framework Act uma kucutshungulwa umsebenzi wamathenda akhishwa wuhulumeni awuhambisani noMthethosisekelo wezwe, ngakho kufanele ubuyekezwe.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page