I-Mining Indaba ezoba seKapa, eNtshonalanga Kapa, ngesonto elizayo, iyisithangami esisetshenziswa ngabatshalimali baphesheya, kusho umlobi wengosi. Isithombe: yiPexels

Asilisebenzise kahle ithuba leMining Indaba, kuloba uBusi Mavuso

IMBONI yezimayini inezinselelo ezingejwayelekile. Ukwehla kwezinga leTransnet lokuthutha izimpahla ezweni nasemachwebeni kuyehlise kakhulu imali eziyenzayo.  

Amalahle adayiselwe amanye amazwe echwebeni laseRichards Bay ngonyaka odlule abehle ngendlela angakaze ehle ngayo eminyakeni ewu-30 ngenxa yokungasebenzi kahle kwezitimela. I-Transnet ithutha amathani awu-48 million, esikhundleni sawu-60 million.

Umthamo we-iron ore nawo wehla mawala njengoba kudayiswe amathani awu-51 million, esikhundleni sawu-60 million, nako okuphansi kakhulu kunokwake kwenzeka.  

UmNyango wezeziMali ulinganisa ukuthi ukungasebenzi kahle kwezitimela kulahlekisele umnotho ngo-5.5% ngonyaka odlule. 

Loku kuzwele kakhulu ezimayini ezivele zithwele kanzima ngenxa kagesi nesidididi semithetho engacacile kahle osekuphele iminyaka eyishumi kuqhubeka.  

Sekunesikhathi izimayini zimanqikanqika ukutshala imali ngoba izinkampani zihudula izinyawo ngenxa yokungacaci kahle kwendaba kagesi nomthetho.  

Kunemithethosivivinyo ephakamisa ukuthi izingxenye ezithile zezimayini zibe ngaphansi kukahulumeni, nokunika umbuso amandla negunya lokuvala ukuthi eminye imikhiqizo embiwa phansi idayiselwe amanye amazwe.

Akukacaci ukuthi yikuphi kulezi zinto eziphakanyisiwe ezizogcina ziwumthetho kanti kuyazwakala ukuthi kungani kungekho muntu ozibophezela ukutshala izigidigidi esimweni esinjena. 

UmNyango wokuMbiwa Phansi namaNdla ushaya udaka, asikho nesisodwa isicelo selayisensi yokuba nemayini ebesesiphothuliwe ngoDisemba kweziwu-2 525 ezifakiwe.

Ziningi nezinye izinto ezibambezelekile njengokuthenga i-cadastral system okufanele isetshenziselwe ukuqopha yonke into eyenziwa ezimayini ezweni, okungenye yezinto edala ukuthi izinto zingenzeki kahle embonini.  

Yilezi zinto ezizobhekwa kwiMining Indaba eqala eKapa, eNtshonalanga Kapa, ngesonto elizayo. Ingenye yezingqungquthela zezimayini ezivelele emhlabeni, yize izikhulu eziqhamuka emhlabeni zigxila ekutshaleni imali kwezinye izindawo.

Ucwaningo olwenziwa yiFraser Institute minyaka yonke nolubheka ukuthi izwe libaheha kanjani abatshalimali luveze ukuthi iNingizimu Afrika isingemuva kweMali neDRC kanti izwe elihamba phambili ezwekazi yiBotswana njengoba kuyizwe leshumi elihamba phambili emhlabeni uma kukhulunywa ngokuheha abatshalimali neMorocco, elele endaweni ka-16. 

ENingizimu Afrika kugqoze abazotshala imali ukukhulisa umsebenzi wezimayini kodwa okukhathaza kakhulu wukungabi bikho nhlobo kwabantu abakhokhela ukucwaninga ukuthi zisekhona yini izindawo okungenziwa umsebenzi wezimayini kuzona. 

Loku kusho ukuthi imboni iyafa njengoba lezi zimayini ezikhona ziphela futhi zingekho ezintsha ezivulwayo.   

Yize kunjalo, kuningi esingakwenza. Yize sinomlando omude wezimayini kodwa kusekuningi okumbiwa phansi esinako okufaka u-91% we-platinum no-80% we-manganese emhlabeni. 

Kufanele kuncishiswe ukukhiqiza umoya ongcolile kusho ukuthi imikhiqizo efana ne-manganese, i-chrome, i-vanadium, i-copper, i-nickel ne-iron ore kuzokwanda, imikhiqizo egcwele eNingizimu Afrika.

Ukube umuntu ubekwazi ukuzenzela ukuze izinto zishintshe embonini, kucace ukuthi kwenzekani ngomthetho nemigomo futhi izimboni ezifana nekagesi nezokuthutha zisebenze kahle, bekungaba nomehluko omkhulu emnothweni nasemathubeni emisebenzi. 

Indaba yithuba lokutshengisa esikwenzayo ukuphucula izinto. I-National Logistics Crisis Committee nohlelo olukhona lezokuthutha elwengamele lungenza umehluko omkhulu uma luzokwenziwa ngendlela efanele.  

Ukuhlinzeka ugesi kuyaphucuka futhi abezimayini yibona abangabanye babatshalimali abakhulu uma kukhulunywa ngogesi ovuselelwayo ngenxa yokuchitshiyelwa komthetho wokukhiqiza ugesi.  

Ekuqaleni kwenyanga uNgqongqoshe wokuMbiwa Phansi namaNdla uMnu uGwede Mantashe uthembise ukuthi umnyango uzokulungisa ukubambezeleka kwamalayisensi futhi kuphothulwe nokuthengwa kwe-cadastre.

Angalungisa nezinye izinto ezithinta umthetho ezidala izinkinga embonini. 

Ngiyathemba ukuthi iTransnet nomnyango bazobakhona ukuzoxoxisana nabatshalimali bakwamanye amazwe nasezweni ukutshengisa ukuthi ikhona inqubekelaphambili eyenziwayo.

Kufanele baqinisekise abatshalimali ukuthi izinhlelo zokudayisa ingxenye yechweba laseThekwini nengxenye yojantshi izophindaphindwa futhi iphothulwe kanti kukhona nezingxenye zamanye amachweba ezizodayiswa.

Kufanele bakhombise ukuthi ukusebenza kweTransnet kuyaphucuka futhi kunezinguquko ezenziwayo enkampanini, okufaka nemali yokuphucula isimo sayo.

Nakuba kuwukuphothula lezi zinguquko okuzoletha ithemba, Indaba iyithuba lokuxoxisana nabantu bakwamanye amazwe ngalolu hambo. Yithuba engithemba ukuthi sizolibamba ngezandla zombili.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page