Ulwazi ngesimo sezakhamuzi lusho lukhulu, kuloba uJabulani Sikhakhane
IBALULEKILE imininingwane ngenhlalo nezinguquko ezenzeka kwizakhamuzi zezwe. Kusemqoka ukuthi abaphethe izwe babenolwazi olunzulu ngaloku, ikakhulukazi ukuthi kusho ukuthini ngekusasa lezwe nezinhlelo zikahulumeni.
Sikhuluma lapha ngemininingwane efana nezinga lokuzalwa nokufa kwabantu, izinguquko ezimpilweni zezakhamuzi, amazinga emfundo, ukwehla noma ukunyuka kwengxenye yabantu abashadayo ukuze baqale imindeni nezinqumo zabo ngokuthi babenezingane noma cha.
Eminye ingaba ngoshintsho lwemibono ngezindlela zokuziphatha – ukwanda kobugebengu ngenye yezinhlobo zalolu shintsho. Kungaba wukushintsha kwabantu izindawo lapho behlala khona. Uma silinganisa nje, seloku kwavulwa izimayini zegolide amabombo abheke eGauteng, okunyusa izindleko zalesi sifundazwe zokuhlinzekela ukwanda kwabantu kwezempilo, ezemfundo, izindlu nezinye izinhlobo zengqalasizinda.
Lubalulekile ulwazi ngokuthi iningi labantu besifazane ezweni liqala nini ukuthola izingane. Uma iningi labantu besifazane lithola izingane lineminyaka ewu-22 kubanomehluko omkhulu ngekusasa lezwe noma liqala ukuthola izingane lineminyaka ewu-36.
Ulwazi oluqhamuka kwamanye amazwe lukhomba ukuthi ezweni lapho abantu besifazane bethola izingane sebeneminyaka ewu-22 kuvame ukuthi babenezingane eziningi, okusho imindeni emikhulu kodwa uma beqala ukuthola izingane sebedlulile eminyakeni ewu-36 bavame ukubanemindeni emincane.
Lubalulekile ulwazi ngaloku, ikakhulukazi ezweni elifana neNingizimu Afrika, lapho imindeni eminingi ibanjwe ngabantu besifazane. Owayengumphathi omkhulu weStatistics South Africa uMnz Pali Lehohla wake wethusa abaningi eminyakeni edlule ngesikhathi eveza ukuthi izitifiketi zokuzalwa ezingaphezulu kuka-60 kweziyikhulu ezweni azinawo amagama obaba bezingane.
Kubalulekile ukuthi abaphathi bezwe babenolwazi lokuthi lemininingwane ichaza ukuthini ngezinhlelo zikahulumeni. Ingachaza ukuthi izingane eziningi zikhula zingabazi oyise noma uma zibazi abanaqhaza ezimpilweni zazo. Loku kungasho ukuthi uhulumeni kufanele asungule izinhlelo zokusaphotha abesifazane ekukhuliseni izingane.
Eminye yemininingwane ebalulekile eqondene nezinguquko ezenzeka ezimpilweni zabantu ngesikhathi bephuma bengena ezigabeni zempilo. Uma sikhuluma ngezigaba sisho ubuntwana, ubusha, ukungena ebudaleni, ubudala, ukushada, ukubawumzali nokuguga. Zonke lezi zigaba ziqhamuka nezinkinga zazo, ezinye zazo ezidinga ushintsho ezinhlelweni zikahulumeni.
Indlela yokukhula kudala, asithi nje eminyakeni yo-1970s, ayifana neyamanje. Ngaleso sikhathi yayingakafiki ithelevishini eNingizimu Afrika, engekho amaselula nezinto ezihambisana i-internet. Ulwazi ngezinguquko ezihambisana nokwanda kwalobu buchwepheshe lubalulekile.
Kwenye inkathi noma izinguquko ngenhlalo zingadingi ushintsho ngasohlangothi lukahulumeni kubalulekile ukuthi abaphathi bezwe babenolwazi ngazo, ikakhulukazi ukuthi zinamphumela muni – omuhle noma omubi.
Isibonelo nje, ziyanda izinkulumo ezweni lapho abanye abantu bekhononda ngento ebizwa nge-black tax. Leli temu likhuluma ngezindleko ezibhekana nomuntu, ezidaleka ngesidingo sokubheka abantu ahlobene nabo, okungaba ngabazali bakhe, abantu azalwa nabo noma izihlobo.
Zibalulekile lezi zindleko eNingizimu Afrika, okuyizwe elikhungethwe yindlala kanti linabantu abangaphezulu kuka-11 million abantula imisebenzi. Ngenxa yezindleko zokuhlwaya amathuba omsebenzi abantu abantulayo bavame ukuncika ezihlotsheni futhi bavame ukukhala kuzona ukuze bavike ukulala bengadlile.
Ukuphela kwe-black tax kungashiya elikhulu igebe. Yingakho uhulumeni kumele ubenolwazi olunzulu lokuthi abantu abantula umsebenzi baphila kanjani, baluthola kuphi usizo ngemali yokuyothungatha amathuba omsebenzi.
Ngakwezomnotho, lubalukeli ulwazi ngomehluko phakathi kwezindleko zempilo phakathi kwabantu abashadile nabazihlalele bodwa. Imibiko yaseMelika iveza ukubaluleka kwalolu lwazi.
Kuthiwa ukugana kwenza umehluko omkhulu kwezezimali. Imininingwane eqoqwe yibhange lezwe eMelika iveza ukuthi selandile kakhulu igebe phakathi kwabantu abashadile abaneminyaka ephakathi kwewu-25 newu-34 nonkomidlayodwa.
Ezigabeni zempilo iminyaka ephakathi kwewu-25 newu-34 ithathwa njengemqoka ngoba iyisikhathi soshintsho, lapho abantu beqala imindeni. Ngakho-ke kubalulekile ukubanomuntu ongabambisana naye, ikakhulukazi ezimalini.
EMelika kutholakala ukuthi ukunyuka kwezindleko zempilo kushaya kakhulu onkomidlayodwa. Noma abashadile nabo bethwala kanzima kodwa basizwa ukuthi banemiholo emibili, okwenza umthwalo ubeludlana. Imiholo emibili yabashadile yenza umehluko omkhulu uma abantu befaka izicelo zokuboleka imali ibhange ukuthenga indlu. Iba wusizo futhi noma kufanele bathole indawo yokuqasha.
Nokho, kuvela nokuthi liyanda inani labantu eMelika abathatha isikhathi ukushada, okusho ukuthi baze bedlule eminyakeni ephakathi kwewu-25 newu-34 bengashadile.
Eminye imininingwane ngasohlangothi lwezomnotho iqondene nezinkampani ezisungulwayo ezweni. EMelika kuvela ukuthi ziyanda izinkampani ezisungulwayo kodwa liyehla inani lezisebenzi eziqashwa yilezi zinkampani.
Izinkampani ezasungulwa phakathi kwangoMashi wango-2020 nangoMashi wango-2021 zaziqashe abantu abangaphansana kwabahlanu ngayinye, okuyinani elingaphansi kwabantu abacishe babeyisithupha ababeqashwe yizinkampani ezasungulwa ngonyaka owaqala ngoMashi wango-2019.
Kwizizathu zaloku wukwanda kwezisebenzi ezisebenzela ekhaya, izisebenzi ezingaqashiwe ngokugcwele, phecelezi i-gig economy, nokwanda kokusebenzisa ubuchwepheshe ukwenza umsebenzi, noma ezinye izinto zawo, ikakhulukazi eziphindaphindwayo.
Wulwazi olubalulekile lolu ngoba sekuneminyaka abacwaninga ngesimo somnotho bekhomba ukuthi izinkampani ezisanda kusungulwa zineqhaza elikhulu ekudaleni amathuba omsebenzi. NaseNingizimu Afrika miningi imibiko ethi ukwehliswa kwenani labantu abantula umsebenzi kuncike kakhulu ekwandeni kwezinkampani ezintsha.
