Umengameli waseMelika uMnu uDonald Trump uyaqhubeka nokunyakazisa amazwe, njengeNingizimu Afrika, ukuthi azimele. Isithombe: Sithunyelwe

INingizimu Afrika izozwa ngamanye amazwe uma uhulumeni uqhubeka nokusonga izandla, kuloba uJabulani Sikhakhane

AMAZWE anamandla ngokomnotho nezimali zikahulumeni amatasatasa nemizamo yokuzilungiselela impilo ngaphansi kwesimo lapho uhulumeni kamengameli waseMelika uMnu uDonald Trump usuhoxise khona usizo lweMelika kwamanye amazwe. 

U-Trump usephinde wasabisa ngokuthi uzonyusa intela ekhokhwa ngamanye amazwe uma ethumela izimpahla eMelika. Sekuneminyaka leli zwe liyimakethe enkulu yomhlaba.

Le mizamo iyisifundo esibalulekile ngokuphatha amazwe, ikakhulu izimali nomnotho jikelele.

INingizimu Afrika iyingxenye yamazwe abanjwe wumbuso kaTrump ngobhongwane. Zimbili izizathu ezisemqoka. Esokuqala, kwaba wukusukuma kweNingizimu Afrika imangalele i-Israel eNkantolo yamaZwe omHlaba ngoba ithi i-Israel iphezu komkhankaso wokuqotha abantu baseGaza.

Esesibili, impumelelo yomkhankaso weminyaka wamaBhunu akuleli zwe, aholwa yi-Afriforum neSolidarity, ekhononda eMelika ngokuthi uhulumeni we-ANC useneminyaka uwahlalise kabi. Izikhalo zamaBhunu ziwele endlebeni kubelungu baseMelika abangakholelwa ezinguqukweni ezenziwa kuleli zwe, ezinjengalezi amaBhunu akhala ngazo. 

Phakathi kwalezi zinguquko kubalwa izinhlelo zokuvulela abantu bomdabu amathuba kwezomnotho, okuyizinhlelo esezineminyaka eMelika ukufukula abantu omsuka wabo use-Afrika nabantu besifazane. Yilezi zinhlelo uTrump athe ethatha nje izintambo ngoJanuwari wabe egadla kuzo.

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/01/29/izinqumo-zikatrump-ziyisikhumbuzo-sokuthi-amazwe-kufanele-athembele-emnothweni-wawo-kuloba-ujabulani-sikhakhane/
Ukubona ngaso linye phakathi kwamaBhunu nombuso kaTrump sekudale inkinga phakathi kweNingizimu Afrika neMelika, kangangokuthi obeyinxusa leNingizimu Afrika eMelika usegcine exoshiwe emva kwenkulumo yakhe ethathwa wuhulumeni waseMelika njengedelela umbuso futhi engahambisani nemigomo yokuziphatha kwamanxusa.

Nokho iNingizimu Afrika ayinamandla okwenza imizamo yokuzimela. Zintathu izizathu zaloku. Esokuqala, leli zwe lihlulekile wukusebenzisa imali elinayo ngendlela efanele. Ayincane le mali. Ngonyaka wezimali wango-2024/25, yomithathu imikhakha kahulumeni (izwe, izifundazwe nomasipala) ibihlele ukusebenzisa isamba esingaphezu kukaR2.2 trillion. Lesi samba asihlanganisi imali engaphezu kukaR389 billion ekhokhwa wuhulumeni njengenzalo yemali oyibolekile. 

Uma ibingasetshenziswa ngokucophelela le mali ibingaba nomphumela obonakalayo entuthukweni yezwe nasezingeni lokukhula komnotho.

Esesibili, noma leli zwe linganezinhlelo zokuzama ukuzimela, kungabanzima ukuboleka imali eliyidingayo. Isizathu wukuthi uhulumeni ugajwe yizikweletu. Usuneminyaka ebika ukuthi uhlose ukwehlisa lezi zikweletu kodwa ayibonakali kahle inqubekelaphambili.

Esesithathu isizathu sithi noma ingavela imali, uhulumeni waseNingizimu Afrika awunazo izisebenzi ezinamakhono namava okuphatha umsebenzi wokuvuselela umnotho wezwe ukuze likwazi ukuzimela, linganciki kakhulu kwamanye amazwe.

Mabili amazwe ayisibonelo ngemizamo yawo yokunciphisa ukuncika kwawo kwiMelika. YiChina neGermany. La mazwe asezingeni eliphezulu kuneNingizimu Afrika ngokwentuthuko futhi iminotho yawo mikhulu kakhulu. Ngokwesikali somkhiqizo wezwe, phecelezi i-gross domestic product, umnotho weGermany uphindwe cishe ka-12 (uwu$4.5 trillion) ngobukhulu kunoweNingizimu Afrika ($380.7 billion), ngokwesikali sango-2023. 

Nokho kukhulu okungafundwa emizamo yawo, ikakhulu ukubaluleka kokuthi izwe liphathe kahle izimali zalo futhi lisukumele ukukhula nokuthuthuka komnotho walo.

I-China isineminyakana iphezu kwalo mkhankaso. Yethuswa wuTrump ngesikhathi ephethe izintambo zombuso okokuqala (ngo-2017 kuya ku-2021). U-Trump wangena nohlelo lokwehlisa inani lezimpahla iMelika ezithenga eChina ngoba ethi kuhlomula iChina ngesimo sokuthi izimpahla eziningi ezidayiswa eMelika ziphuma eChina.

Le mizamo kaTrump yethusa abaphathi beChina. Baqala benyusa izinga lemizamo yokuthi izwe likwazi ukuzimela, ukuze linganciki ezimpahleni eziphuma emazweni asentshonalanga, ikakhulu ezobuchwepheshe. 

Sikhuluma nje iChina isingenye yezindawo ezivelele emhlabeni jikelele zokwokha amarobhothi nemishini esetshenziswa kwezempilo. Isiyazakhela amaphaneli ezinto zokuphehla ugesi welanga. Ingelinye lamazwe avelele ekwakheni izimoto ezihamba ngogesi. Nakwezempi, iChina isiyingxenye yamazwe ahlonishwayo.

Noma ongoti bezomnotho beyigxeka iChina ngesamba semali uhulumeni asesifake emizamweni yokuzimela, iyabonakala inqubekelaphambili.

Okusha nje, iphalamende laseGermany, okungelinye lamazwe amakhulu ngomnotho eYurophu, seliphasise uhlelo okulindeleke ukuthi ludle isamba esingaphezulu kukaS$1 trn, okuwuR19.74 trn ngokwemali yeNingizimu Afrika.

Inhloso yalolu hlelo wukwehlisa ukuncika kweGermany osizweni lokuvikela iMelika, okuyisimo seminyaka. Umsuka waso ukuphela kwemPi yeSibili yomHlaba, eyaqalwa yiGermany ngokuhlasela idle amanye amazwe aseYurophu.

Ekupheleni kwale mpi, okwahambisana nokuncintisana okukhulu phakathi kweMelika ne-Union of Soviet Socialist Republics (eyayibizwa kakhulu ngeSoviet Union), iMelika yabeka amasosha ayo nezikhali eYurophu ukwenza umngcele phakathi kwala mazwe nayengaphansi kophiko lweSoviet Union.

Okusha, iMelika ihambe phambili ekusekeni i-Ukraine emva kokuhlaselwa kwayo yiRussia. Noko uTrump usekubeke kwacaca ukuthi sesiphelile isikhathi lapho iMelika izovikela amazwe aseYurophu, wathi kufanele la mazwe asebenzise imali eyawo ukuzivikela.

Yilo mlayezo kaTrump nezinyathelo zakhe zokunyusa intela ekhokhwa ngezimpahla ezingena eMelika osekusukumise iGermany. Enye inhloso yalolu hlelo wukuvuselela umnotho wezwe, osuneminyaka ukhula ngezinga eliphansi. 

Lolu hlelo, oseluphasiswe iphalamende, lusadinga ukwesekwa wumthetho okulindeleke ukuthi wethulwe ephalamende emva kokungena kukahulumeni omusha.

Ayibonakali imizamo eyenziwa yiNingizimu Afrika ukuze leli zwe likwazi ukuzimela. Loku kubeka izwe engcupheni yokutshelwa ngamanye amazwe ukuthi aliziphathe kanjani futhi libenobuhlobo namaphi amazwe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page