ISabelomali sikhombisa ukuthi abaholi baHulumeni woBumbano banamaphi amaqhinga okufukula umnotho, kusho umlobi wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

ISabelomali asikhombise ukuthi izwe liyakwazi ukulawula izindleko nesikweletu, kuloba uBusi Mavuso

UKUSHESHA ukushintsha kwezinto kwezombusazwe emhlabeni kusho ukuthi iSabelomali saleli sonto okwakufanele sithulwe emasontweni amabili edlule sesizothulwa izinto sezihluke kakhulu. Izenzo zeMelika ziphoqa ohulumeni yonke indawo ukuthi bacabange ngezindlela ezintsha.

Lezo zenzo ziyithinta iNingizimu Afrika ngqo njengoba imali ebixhaswa ngayo esihoxisiwe ifaka no$430 million ngonyaka wokulwa negciwane lesandulelangculazi kanti ngesonto elidlule (iMelika) ihoxe ohlelweni lokusiza ukushintshela ekusebenziseni ugesi ovuselelwayo, phecelezi i-Just Energy Transition Partnership ebizibophezele ukuthi izofaka u$1 billion kulona.  

Loku kukuthinta ngqo ukuxhasa izinhlelo ezibalulekile eNingizimu Afrika kanti uhulumeni yiwona okuzofanele uzilungisele ezinye zazo. Okubi wukuthi isimo somnotho emhlabeni sibukeka sishintsha njengoba amabhizinisi nohulumeni sebelungiselela izimpi zohwebo. 

Singabantu abengamele iG20 kulo nyaka, ukuxoxisana namanye amazwe kuzosiza siqhakambise iNingizimu Afrika kulesi simo sepolitiki esisha kodwa nendlela izinto ezenzeka ngayo ezweni, kufanele ihambisane naloku.  

Isimo sethu sezimali asisiniki okuningi esingakhetha kukona. Lesi yisimo amazwe amaningi abhekene naso njengoba amazinga ezikweletu ephezulu ngendlela eyagcina ukubonakala ngesikhathi seMpi yoMhlaba yesiBili.

Iminotho emhlabeni ibhekene nalesi simo futhi ohulumeni benza izinto abangakaze bacabange ukuthi bangazenza. Ohulumeni abaningi sebeyabona ukuthi kuzofanele bathole izindlela zokwenza izinto eziningi ngokuncane. Sibhekene nenkiyankiya ehlukile kunesikesahlangabezana nayo phambilini.

ISabelomali sethu sokuqala sibambekile ngenxa yendaba yentela ekhokhishwa izimpahla, i-value-added tax (i-VAT). Isiphakamiso sokunyusa i-VAT kuthiwe yiyona ndlela yokubhalansisa amabhuku eSabelomali esinyuse nemali ezosetshenziswa ezinhlelweni zokuseka abantulayo. Njengoba osopolitiki bengayizwa eye-VAT, uhulumeni kuzofanele uthole izindlela zokunciphisa izindleko futhi ungenise imali ngezinye izindlela.

Loku kuzodinga ubunyoninco. Ukunciphisa izindleko kufanele kwenzeke ngendlela ezovikela ukukhula komnotho. Kufanele futhi siqinisekise ukuthi ukusebenza kukahulumeni akuqhubeki nje kodwa kuyaphucuka, ikakhulukazi komasipala njengoba umengameli uMnu uCyril Ramaphosa ecacisile ngesikhathi ehlanganisa ikomiti elizolungisa ukubheda kwezinto eGoli, eGauteng. Ukuthola izixazululo, kuzodingeka sicabange ngezinto ngendlela ehlukile.

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/02/19/izinto-azihlehliswanga-ngenxa-yombango-nge-vat-ugodongwana/

Uhulumeni wobumbano ungakwazi ukukwenza loko. Uqhamuka nezindlela ezihlukile zokucabanga njengoba uhlanganisa izinhlangano zepolitiki ezihlukile eziwakhile. Inselelo sekuzoba ukusebenzisa lezo zindlela ezintsha zokucabanga ngendlela esizayo ukuthola amathuba amasha, azosiza imali kahulumeni ngendlela efanele kube futhi umsebenzi uqhubeka.  

Sengibhale kaningi ngithi umgomo wezimali ubalulekile ekusebenzeni kwamabhizinisi. Eminyakeni embalwa edlule sasibhekene nenkinga njengoba abatshalimali babephelelwe yithemba ngokuthi uhulumeni uzokwazi ukulawula indlela osebenzisa imali ngayo nesikweletu.  

Sasibhekene nenkinga njengoba imali eyayisetshenziswa wuhulumeni yayenza abatshalimali bakhiphe imali kakhulu ngenxa yokusaba. Kusukela ngaleso sikhathi, uhulumeni usulivuselele ithemba ngokufeza isithembiso sokulawula indlela osebenzisa imali ngayo futhi ulawule isikweletu. 

Loku sekuholele ekutheni imali odayisa ngawo ama-bond ibengcono futhi nezinkampani ezibuyekeza isimo sezimali samazwe seziyiklelise kangcono iNingizimu Afrika, nokuphucula amathuba okuthi ibolekwe imali. 

Noma ngabe yisiphi iSabelomali esizothulwa wuhulumeni wobumbano namhlanje, kumqoka ukuthi uqhubeke ngonyawo oshaya ngalo ukuze abatshalimali baqhubeke nokuwuthemba. Liyakhula ithemba lamabhizinisi nabatshalimali ukuthi uhulumeni wobumbano uzokwazi ukuqhubeka nezinguquko ezinqala ube uqhubeka usimama kanti iSabelomali yithuba elihle lokutshengisa loko.  

Akubuzwa ukuthi intela ethe xaxa izodingeka. Ngaphandle kwe-VAT, kuncane okungenziwa. Intela ebanjwa emiholweni nasemabhizinisini ivele yenze abantu bathuthele imali kwamanye amazwe nokwenza imali engeniswayo ezweni inciphe. Kukhona enye intela encane engasetshenziswa kodwa ngaphandle kokunyusa i-VAT, kuzodingeka kutholakale izindlela zokunciphisa izindleko.  

Ngithemba ukuthi uhulumeni wobumbano ulitholile ugqozi kokwenzeka emhlabeni nokuzinikela kohulumeni ukubhekana nezinselelo ngezindlela ezintsha. Ukuphucula indlela uhulumeni osebenzisa imali ngayo nokuqinisekisa ukuthi ukuhlinzeka izidingo kwenzeka ngendlela efanele kumqoka. Uhulumeni wobumbano kufanele uthole izindlela ezihloniphekile zokwenza loku ngokuphucula izinto nokusebenzisa imali ngendlela ezoheha abatshalimali.

Into enkulu ngeSabelomali sanamhlanje kuzobawukubona ukuthi uHulumeni woBumbano ukwenza kahle kangakanani loku okudingekayo. 

Ngithemba ukuthi sizosala siwuthemba kakhulu kunakuqala uHulumeni woBumbano ukuthi uyakwazi ukwengamela izimali nokukhulisa umnotho.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page