Inkampani kahulumeni yobuchwepheshe iState Information Technology Agency, eneminyaka engu-26 yasungulwa, ibambezela ukusebenza kweminye iminyango kahulumeni, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Ubuchwepheshe bumqoka ukwenza umsebenzi kahulumeni ngendlela, kuloba uBusi Mavuso

LABO bethu abasemabhizinisini bayazi ukuthi ubuchwepheshe bumqoka kanjani ukuze uncintisane kahle nezimbangi zakho. Ngaphandle kwabo ngeke ukwazi ukunika amakhasimende akufunayo. 

Kunjalo nje nasekusebenzeni kahle kukahulumeni. Ubuchwepheshe benza uhulumeni uhlinzeke umphakathi ngezidingo zawo futhi usebenze kahle. 

Ukuzama ukwakha uhulumeni osebenza kahle, ubuchwepheshe kufanele bubeneqhaza elikhulu. Iminyango kusukela kowaseKhaya kuya kowamaPhoyisa isitshengisile ukuthi kusiza kanjani ukuphucula ubuchwepheshe endleleni eyenza futhi esheshisa ngayo imsebenzi yawo. Nokho kukhona into enqinda amandla kahulumeni okukwazi ukusebenzisa ubuchwepheshe – inkampani kahulumeni iState Information Technology Agency (iSita). 

Ukukwazi kukahulumeni ukumukela futhi ukusebenza nochwepheshe obuhamba phambili emhlabeni kubalulekile kakhulu ukuthi kungenziwa ibhola lomnqakiswano wepolitiki. Yize kunjalo kodwa ngeshwa imizamo yokuguqula iSita isiyibhola lomnqakiswano ezinhlanganweni zepolitiki. 

Iziphakamiso ezenziwe wuNgqongqoshe wokuXhumana nobuChwepheshe uMnu uSolly Malatsi zokushintsha imithetho ukuze iminyango nezikhungo zikahulumeni zikwazi ukuziqokela ongoti bobuchwepheshe ezizosebenzisana nabo esikhundleni sokuphoqwa ukusebenzisa iSita zihlabe zahlikizwa ngamalungu ePhalamende. 

Loku kwenzeke yize le mithetho yesekwa ongqongqoshe bakahulumeni wobumbano.  

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/04/03/akwehle-amanani-okuthenga-amaselula-ungqongqoshe/

I-Sita ikhungethwe yizinkinga ezifana nezinsolo zenkohlakalo, ukungaphathwa ngendlela, izinkinga zobuholi, indlela yokuthenga izimpahla eshintsha njalo nohide lwezikhalo zeminyango kahulumeni ngendlela esebenza ngayo. 

Amalungu ePhalamende ayakwazi loku ngoba lezi zinto zaqhamuka embikweni weKomiti lePhalamende lezokuXhumana nobuChwepheshe, owashicilelwa ngoDisemba ngonyaka odlule.  

Kucacile ukuthi kungani kufanele iminyango kahulumeni ikwazi ukuzikhethela abantu abazoyihlinzeka ngezobuchwepheshe ngqo. Lezi ziphakamiso zinemibandela ecacile ngendlela okufanele ilandelwe yiminyango uma izosebenzisa ezinye izinkampani ngale kweSita, okufaka ukuthi kufanele kubenesizathu esibambekayo. Kade iminyango yayicela ukwenza kanje ikhala ngokubanjezelwa yiSita nezindleko ezihambisana nokungawenzi kahle umsebenzi. 

Kunesibonelo esihle sokuthi yini eyenzekayo uma izikhungo zikahulumeni zidedelwa zizilawulele ezobuchwepheshe, okuwuphiko oluqoqa intela iSouth African Revenue Service (iSars). 

Namhlanje iSars ivelele emhlabeni jikelele ngokubanobuchwepheshe bokuqoqa intela obusebenza kahle. Kuthatha imizuzwana ukuthi abakhokhibentela bathole imiphumela yokucubungula imininingwane yabo kanti nemali ikhokhwa ngokushesha. 

Amazwe asathuthuka nasethuthukile ayayicwaninga ukuthekela ulwazi kuyona. Ukukwazi kweSars ukuzikhethela ongoti bobuchwepheshe ezosebenzisana nabo kunesandla esikhulu kulokho. I-Sars ikwazi ukukwenza loku ngoba ithathwa njengebhizinisi likahulumeni, nokusho ukuthi ayiphoqelekile ukulandela ukusebenzisa iSita. 

UmNyango wezaseKhaya usukhale kakhulu ngokuthi kunamphumela muni ukungasebenzi kahle kobuchwepheshe emsebenzini wawo kuhulumeni ophethe nomdala. 

I-Sars iyisibonelo sokuthi yini engenzeka futhi ziningi ezinye izikhungo zikahulumeni ezimagange ukusika iphethini kuyo. Ngikhathazekile ngokuthi umNyango wezaseKhaya uzokwazi yini ukuyenza imisebenzi emqoka okufanele iyenze ngalobu buchwepheshe obusebenzisayo.  

Imizamo yokwakha uhulumeni osebenza kahle izoba yize leze uma singenabuchwepheshe bokuseka lowo msebenzi. Njengoba usho nomqulu i-National Development Plan, uhulumeni osebenza kahle “udinga ubuholi, imigomo ephusile, izimenenja ezinamakhono nezisebenzi, izindlela ezicacile zokubika, izinto ezisebenza kahle nokusebenza nokulandela imithetho ngaso sonke isikhathi”. 

Ubuchwepheshe obusebenza kahle bumqoka. Ukuvumela iminyango ukuthi iziphathele ubuchwepheshe bayo yigxathu elimqoka kulokhu. Kodwa futhi kufanele siqinisekise ukuthi neSita isebenza kahle futhi iyakwazi ukuncintisana nalabo okuzokhethwa kubona ukuthi bahlinzeke uhulumeni. 

Ukuvumela iminyango ikwazi ukukhetha phakathi kweSita nezinye izinkampani kuzofaka ingcindezi yokuncintisana ezokwenza iSita ifune ukulungisa izinkinga zayo zobuholi nenkohlakalo.  

Ubuchwepheshe buyashesha ukushintsha. I-artificial intelligence, i-blockchain, amaziko obuchwepheshe omnotho, ukuthuthukisa ingqalasizinda yobuchwepheshe nokunye kushintsha indlela amabhizinisi asebenza ngayo. Konke loku kuletha amathuba kuhulumeni ukuqhamuka nezinto ezintsha nokuphucula indlela osebenza ngayo. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/10/16/kufanele-siqhubeke-nokulungisa-izinto-ezikhinyabeza-ukusimama-komnotho-kuloba-ubusi-mavuso/

Ukuhambisana nemizamo yokuphucula indlela uhulumeni osebenza ngayo, kufanele sivumele izisebenzi zikahulumeni ukuthi zikwazi ukuthola ubuchwepheshe obuvelele ukuseka umsebenzi wazo. 

Akufanele lokhu kuphazanyiswe yizinhloso zepolitiki. Sidinga indlela entsha futhi esebenzayo yokufukula uhulumeni ukuze ubenezindlela ezifanele zokusebenza.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page