Abaholi bezinhlangano zamabhizinisi bayakhuthazeka ngeqhinga lokuphucula ezokuthutha, okufaka amachweba, elithulwe wungqongqoshe womNyango wezokuThutha, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Uqinisa idolo umbono ocacile ngokuguqula imboni yezokuthutha, kuloba uBusi Mavuso

UNGQONGQOSHE womNyango wezokuThutha uNks uBarbara Creecy uselethe umfutho omusha emnyangweni oletha ithemba kubantu bamabhizinisi ukuthi singaphumelela ekubhekaneni nenkinga yezokuthutha. 

Ungqongqoshe ubekhuluma emkhandlwini weBusiness Leadership South Africa (iBLSA) ngesonto elidlule futhi uwucacisile umbono wakhe ngafisa ukukuzuza ngezokuthutha.

Zinhlanu izinto azibalile uNks uCreesy athe uphokophele ukuzifeza eminyakeni eyisihlanu ezayo. Okokuqala, ufisa ukukhuphula isibalo sezimpahla ezithuthwa ngezitimela sifinyelele kumathani awu-250 million ngonyaka. Loku kungasho ukunyuka kakhulu kusuka kumathani wu-149m athuthwa yiTransnet ngonyaka wezimali odlule futhi kungalidlula kakhulu irekhodi lamathani awu-227m elaqopheka ngo-2015.

Okwesibili, ufuna kusebenze o-crane abaphakathi kwabawu-25 nabawu-30 ngehora emachwebeni esikhundleni salaba abaphakathi kwabawu-15 nabawu-18 okwamanje. Ukuphucula loko kuzonciphisa olayini abade bamaloli alindile emachwebeni futhi kuqinisekise ukuthi imikhumbi ayihlali ilinde ukungena emachwebeni izinsuku eziphakathi kweziyishumi neziwu-15 ngesikhathi. 

Loko kuzonciphisa kakhulu nezindleko zamabhizinisi kuzo zonke izimboni futhi kuphucule indlela okuncintiswana ngayo. 

Okwesithathu, ufuna ukubona isibalo sezindlela ezihanjwa yiPassenger Rail Agency of South Africa (iPrasa) zinyukele ku-600m ngonyaka. Loku kuyosho ukunyuka kakhulu kusuka kweziwu-40m ngonyaka odlule. 

Okwesine, ufuna ukunyusa isibalo sabantu abaya ezikhumulweni zezindiza sibewu-30m ngonyaka. 

Okwesihlanu, ufuna izimpahla ezithuthwa ngamabhanoyi zibengamathani awu-1.2m ngonyaka. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/02/01/izibalo-zokwehla-kwamalahle-ziwubufakazi-bezinkinga-ezijulile-emnothweni-wethu-kuloba-ubusi-mavuso/

Ungqongqoshe ube esekhuluma ngomsebenzi owenziwayo ukuze lezi zinto zifezwe. E-Transnet kukhona ithimba elisebenza nezinhlaka zamakhasimende ezisebenzisana ngqo nale nkampani ukuphucula umsebenzi. 

Umsebenzi usuvele uphucukile njengoba sekuthuthwa amathani awu-160m ngonyaka. 

Okunye okuyingxenye yaleyo mizamo wukusebenzisana nemboni ezimele ngophiko oluzoba seDevelopment Bank of Southern Africa ezokwengamela iziphakamiso ezizovele ziqhamuke zingacelwanga zomsebenzi othinta ingqalasizinda yeTransnet.

Ungqongqoshe ugcizelele ukubaluleka kokusebenzisana namakhasimende ukuqinisekisa ukuthi izimpahla kusukela kwizithelo kuye emalahleni kwenganyelwa ngendlela efanele futhi kuzifeza izidingo zawo.

Ungqongqoshe womNyango wezokuThutha uNks uBarbara Creecy

Ugcizelele nobungozi kwamazwe esincintisana nawo; ukuthi iWalvis Bay izosibangisa ekuthutheni izithelo uma izinto zingaphucuki eCape Town kanti iMaputo yona izosibangisa ngamalahle uma iRichards Bay ingakhuphuli amasokisi.

Ukuvuma ukuthi izimbangi zingabanomphumela omuhle yinto enhle. Ngicabanga ukuthi singafunda kuloko, singaphucula kanjani ukuncintisana ezweni ukuze amachweba nezitimela kuncintisane kunokukhathazeka kuphela ngamachweba amazwe esakhelene nawo.

Enye indlela elula wukudedela imboni ezimele emachwebeni nasezitimeleni ukuthi ibambe iqhaza elithe xaxa. Cabanga ichweba laseThekwini selincintisana nelaseRichards Bay esikhundleni sokukhathazeka kuphela ngokwenzeka ngaphesheya kwemingcele.

Yize sikhona isifiso sokusebenza nemboni ezimele namakhasimende nangokubambisana ukwengamela ingqalasizinda, ungqongqoshe ubalule imicikilisho eminingi. Sithemba ukuthi le micikilisho izolungiswa kangcono ukuze kuxoxiswane kangcono futhi ngokushesha ukuze izingxoxo zithele izithelo. 

NasePrasa uyabonakala umsebenzi owenziwayo njengoba ungqongqoshe ethe imizila ewu-31 kwewu-40 eseqhulwini isisebenza kahle futhi kanti eminye emithathu izovulwa ngasekupheleni konyaka. 

Lena eminye eyisithupha noma inzima, ngoba yiyona okwantshontshwa kakhulu amarobhothi ngisho nolayini kuyona. I-Prasa izama ukwandisa isabelomali sayo ngokusebenzisa izakhiwo zayo nokuba nezitolo. Konke loku kunika ithemba. 

Ungqongqoshe uphinde wakhuluma ngezinhlelo ezinkulu zokutshala kwingqalasizinda yokuthutha izimpahla ngamabhanoyi ezifaka i-OR Tambo, umsebenzi owama ngenxa ye-COVID-19 kodwa usuzoqala manje.  

Ungqongqoshe uphethe eminye yeminyango enezinselelo kuhulumeni futhi ethinta umnotho kakhulu. Igiya ahamba ngalo ungqongqoshe nokukhuluma kwakhe into ecacile ngokuzibekela izinto okufanele zenziwe liyakhuthaza. Lena ngenye yezinto ezinhle ngoHulumeni woBumbano nokwengeza emsebenzini owenziwa wongqongqoshe bomNyango wezasekhaya kuya kowekuHweba, iziMboni nokuNcintisana nabanye.

Ngithintekile ngibona indlela ocace ngayo umbono wakhe, impumelelo isho ukuthini kanjalo nanendlela okucace ngayo into okufanele yenziwe. Uma ungqongqoshe ezenza lezi zinto, kuzoba nomehluko omkhulu ezindlekweni zokuba nebhizinisi.

Ezokuthutha zibalulekile kwezokuncintisana, noma zingasezingeni kangakanani ezokukhiqiza noma izimayini, uma singakwazi ukuthutha izimpahla zifinyelele emachwebeni futhi sizihambise khona uma sezifike, ngeke sikwazi ukuncintisana namanye amazwe asemhlabeni.  

Ukulungisa ezokuthutha kuzokhulisa umnotho, kwakhe imisebenzi futhi kungenise nemali edingekayo ukuphucula impilo yawo wonke umuntu eNingizimu Afrika. Izinhlangano zamabhizinisi zizimisele ukulekelela kuloku futhi ngikubheke ngabomvu ukusebenzisana nongqongqoshe ukufeza lo mbono wakhe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page