Ukwandisa amazwe esihwebelana nawo kumqoka, kuloba uBusi Mavuso
KULELI sonto iPhalamende laseNingizimu Afrika liphasise isiphakamiso sokukhuphula intela ebanjwa ezimphaleni i-value-added tax, osekuqubule inkulumompikiswano ngomphumela wakho emnothweni.
Khonamanjalo umbango wohwebo nomengameli waseMelika uMnu uDonald Trump ufinyelele kwelinye izinga emva kokufakwa kwentela osekufake itwetwe emhlabeni lokuthi kuzobambezela ukukhula komnotho.
Intela eyethulwe wuTrump isiqubule impi yezohwebo, okuwise izimakethe futhi kwenza abantu bahlalela ovalweni. Njengoba ake asho nongoti wezokuphatha uMnu uPeter Drucker ukuthi “Indlela efanele yokuqagula ikusasa wukuzakhela lona” kanti iNingizimu Afrika kufanele ibhekane ngqo nalesi sivunguvungu, ime isibindi futhi ingadidiseki.
Kungikhuthazile ukubona isitatimende songqongqoshe oMnu uRonald Lamola noParks Tau bevumelana ngokuthi into okufanele yenziwe wukuphucula ubudlelwane neMelika kodwa futhi nokugxila ekukhuliseni umnotho nendlela esihwebelana ngayo namanye amazwe ase-Afrika nakwezinye izindawo ukwandisa izindawo esidayisa imikhiqizo yethu kuzona.
Ongqongqoshe bethu bezangaPhandle nowokuHweba, iziMboni nokuNcintisana benze kahle bazibamba ekugxekeni iMelika, kunaloko bagxila kwesingakwenza ukunciphisa umonakalo.
U-Trump usekucacisile ukuthi kukhona izinto afuna izwe ngalinye ligobe uphondo ngazo ukuze anciphise noma ahoxise intela. Ukugcizelele nokuthi le ntela inika iMelika amandla ezingxoxweni ezisazoqala phakathi kwamazwe.
Ngenxa yendlela iMelika eyenza ngayo izinto, kufanele sicabangisise ukuthi yini into esizoyigabisela yona uma sesixoxisana engayiheha kodwa futhi isize izinhlangothi zombili. IMelika ayikufakile okuningi okumbiwa phansi esikudayisayo ezintweni ezikhokhiswa intela, izinto ezinjenge-platinum, igolide, i-manganese,i-copper,i-zinc ne-nickel, ngoba zonke lezi zinto zithathwa ngokuthi zimqoka emnothweni wayo.
UTau uthe esithangamini nabezindaba iNingizimu Afrika “ibonisana” nabanye ongqongqoshe bezohwebo e-Afrika, ikakhulu ngesivumelwano esivuna amazwe athile ezwekazi uma ehweba eMelika i-African Growth and Opportunity Act kodwa futhi nasekutheni iyiphi indlela yokuxoxisana neMelika. Kuyancomeka loku futhi kuyakhuthaza ukuthi uthe uma ekhuluma ngendlela engajwayelekile iMelika eyenze ngayo ukunquma ukuthula intela njengoba ihlukile kuye nezwe, uTau uthe ongqongqoshe bezohwebo e-Afrika bazoxoxisana ngendlela leli zwe elihlanganise ngayo imigomo yohwebo futhi “kuzofanele sishintshe indlela esixoxisana ngayo nayo sibheka lokhu”.
I-Financial Times ibike ukuthi “isiyayazi” indlela esetshenziswe yiMelika ukubala intela. Ithathe isibalo esiwumehluko phakathi kwezimpahla iMelika ehwebelana ngazo nezwe ngalinye yasihlukanisa ngesibalo sazo zonke izimpahla eziqhamuka kulelo zwe, yase ihlukanisa kabili i-percentage. Yingakho intela yezimpahla zaseNingizimu Afrika ibekwe ku-62%, okusho ukuthi sizokhokha u-31% kusukela ngomhlaka-9 Ephreli yize intela ekhokhwayo imi okungenani ku-7.5%.
Ukuthatha ngenhliziyo ezimweni ezinjena akusizi uma kuxoxiswana kanti iBusiness Leadership South Africa (iBLSA) iyavumelana nesibonelo esenziwe wumengameli uMnu uCyril Ramaphosa sokugwema ukusho izinto ezigqugquzela uthuthuva. INingizimu Afrika ayisilo elinye lamazwe ahamba phambili kwazama ukuxoxisana neMelika.
Uma sibheka ukuthi iNingizimu Afrika ayiphethe lutho olutheni kumqoka kakhulu ukubheka ukuthi yini esingayisebenzisa ukuphucula umnotho wezwe. Siwakha kanjani umnotho onamandla manje? Impendulo ilele ekutheni sisheshise esesikuqalile, izinguquko ezinqala, iningi lazo eziqhubekayo.
Ezikhathini ezinzima njengalezi kubuye kubenzima ukukhumbula okuhle kodwa eminyakeni embalwa edlule mkhulu umehluko esiwenzile ezinkingeni ezimbili ebezisixakile, ugesi nezokuthutha. Izinguquko emanzini seziqalile kanti i-Operation Vulindlela isiyengeze izinguquko komasipala.
Impumelelo ye-Operation Vulindlela, uhlelo okubambisene kulo iHhovisi likaMengameli nomNyango weziMali ukusheshisa izinguquko, ngenye yezinto ezinhle ezweni. Amabhizinisi asazibophezele ekusebenzisaneni nohulumeni emazingeni onke ukuphuthumisa lolu shintsho.
Manje yisona sikhathi sokuyiqinisa le mizamo ukugcina umgqigqo womsebenzi osuqalile ngoba yize sekukhathulwe indima enkulu embonini kagesi nezokuthutha kodwa zombili lezi zimboni zisahlalelwe wumsebenzi omkhulu ngaphambi kokuthi zisebenze kahle futhi kusuke lezo zinto eziyizingqinamba ekukhuleni komnotho.
Ngale kwala mazwe esivele sihwebelana nawo, kukhulu esingakwenza namanye amazwe e-Afrika ukuhwebelana kwethu nawo okuwu-17% wezimpahla ngokusho kweTrade Law Centre (iTralac), inkampani engenzi inzuzo eNingizimu Afrika, okuningi kwaloku kuhwebelana kuphakathi kwamazwe aseNingizimu ne-Afrika iSADC.
Isivumelwano esihlose ukuphucula indlela amazwe ase-Afrika ahwebelana ngayo, i-Africa Continental Free Trade Agreement (i-AfCFTA) sisayinwe ngo-2019 kodwa siqale ukusebenza ngo-Okthoba wango-2022 emva kokwethulwa kwe-AfCFTA Guided Trade Initiative obekuhlolwa ngayo ukuthi singasebenza kanjani lesi sivumelwano.
Lolu hlelo luhamba kancane kodwa iTralac ibike ukuthi kusukela ngo-Agasti ngonyaka odlule, amazwe awu-48 kwawu-54 asezilethile izimfanelo ukuqinisekisa ukusebenza kwalesi sivumelwano kanti ayishumi aseqalile ukuhwebelana esebenzisa sona okukhona kuwo neNingizimu Afrika eqale ngoJanuawari ngonyaka odlule ngemikhiqizo eyidayisela iKenya neGhana.
Amazwe amaningi asaxoxisana. I-BLSA ikholwa wukuthi amabhizinisi nohulumeni kufanele bagxile kulesi sivumelwano. Yisifiso esikhulu ukuhlanganisa amazwe amaningi kangaka anezidingo ezingafani futhi izinto eziseqhulwini kuwo azifani.
Kodwa izinto seziqala ukuhlangana kanti ukuphucula ukuhwebelana phakathi kwamazwe ase-Afrika kuzosiza wonke umuntu.
