Inqubekelaphambili nge-grey list nobungozi bentela yaseMelika kusifundisa ukubhekana nezinselelo zomnotho, kuloba uBusi Mavuso
UKUPHOTHULA kweNingizimu Afrika zonke izinto ebezidingwa yiFinancial Action Task Force (iFATF) yinto enkulu emnothweni wethu. Ngiyawubongela umNyango weziMali ngokuhlanganisa izinhlaka ezihlukene ukuqinisa imizamo yokulwa nokushushumbisa imali nokuxhasa ubushokobezi.
Okokugcina okufanele bakutshengise wukuphucula indlela izinto ezenziwa ngayo ukuphenya nokushushisa okudinga kwandiswe abantu kuzo zonke izinhlaka zobulungisa, kusukela emaphoyiseni kuye ophikweni lokushushisa ezweni lonke.
Sesinohlelo olucacile manje lokuphuma ohlwini iFATF efaka kulo amazwe athathwa njengangenayo imithetho eqinile yokulwa nokushushumbisa imali, i-grey list, ngo-Okthoba uma sekuphelile konke ukubuyekeza okufanele kwenziwe.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/06/17/iningizimu-afrika-ayihlale-iqaphile-ngisho-isiphumile-kwi-grey-list-umnyango/
Loku kwenzeka ngesikhathi esifanele impela. I-grey list iwulimaze kakhulu umnotho wethu. Izinkampani ezihlinzeka ngemali kwamanye amazwe kudingeke ziyibhekisise into yaseNingizimu Afrika ethinta imali, umthwalo ovele wenze abanye bancamele ukuyeka ukusebenzisana nezinkampami zethu.
I-Business Leadership South Africa (iBLSA) yaxwayisa nge-grey list kusasele izinyanga eziyisithupha ngaphambi kokuthi yenzeke, yaze yenza ucwaningo olwalubheka ukuthi kungawudla kangakani umnotho. Kukona konke loku, amabhizinisi abehlale ekulungele ukuseka uhulumeni ukuze uhlangabezane nezidingo zeFATF futhi miningi imisebenzi esiyenziwe ngokubambisana ukwenza loku.
Ukuphucula izinto, osekwenzekile kusukela ngoFebhuwari wango-2023, akupheleli nje ekuhambisaneni nomthetho weFATF. Manje sesinohlu olucacisa kahle yonke into mayelana nokuthi ngobani abanikazi bezinkampami nama-trust.
Ekugcineni, imininingwane yeFinancial Intelligence Centre isiyasetshenziswa ukuphenya nokuhlanganisa amacala angaquleka. Izinhlaka zethu zomthetho sezisebenzisana nezakwamanye amazwe ukulwa nobugebengu obenziwa emazweni ahlukene.
Asikucacise loku, ukufakwa kwethu kwi-grey list ngeminye yemiphumela yokugwamandwa kwamandla ombuso. Ukucekela phansi izinhlaka zobulungisa kusukela kwezobunhloli kuye ophikweni lokushushisa kwenza ukuthi izigebengu eziganga kakhulu ngamabhizinisi zizicanasele.
Abaphenyi abanamava baxoshwa, kwathi izikhala zabo zavalwa ngabantu abancethezayo kosopolitiki, umsebenzi wabo okwakuwukuvikela, hhayi ukushushisa. Amathuba okuthi abantu bajeze ngezenzo zabo zobugebengu ancipha.
Umsebenzi owenziwe wumNyango weziMali usuqale uhlelo lokuvuselela nokulungisa umonakalo okuwuthinta kakhulu umnotho. Njengoba sengisho kaningi, ukungasebenzi komthetho kuyakuphazamisa ukukhula komnotho. Azifezeki kahle izivumelwano. Amabhizinisi athwala izindleko ezinkulu ngenxa yokukhwabanisa nenkohlakalo. Amaqembu obugebengu obuhleliwe ayacanasa, kwande abafuna ukugwazisa, okunqinda ukukhula kwamabhizinisi.
Kukhona izinto ezibalulekile okusadingeka zenziwe ngaphambi kokuthi siphume ngokusemthethweni kulolu hlu kodwa amathuba asemahle kakhulu manje. Ukususa le ngqinamba kuzoletha umgqigqo omuhle wokukhulisa umnotho, uma kubhekwa izinselelo esibhekene nazo. Sidinga yonke into engasisiza.
Nokho-ke kukhona inselelo enkulu eqhamuka eWashington, eMelika, okufanele siyinake masinyane. Intela ewu-10% yezimpahla zaseNingizimu Afrika ezidayiswa eMelika sizophela isikhathi sayo ngomhlaka-9 wangoJulayi, okuzosho ukubuyela kweka-30%, ngaphandle uma singasilula isikhathi sokukhokha u-10%.
Ungqongqoshe womNyango wokuHweba, iziMboni nokuNcintisana uMnu uParks Tau uzohlangana nezikhulu zaseMelika kuleli sonto engqungqutheleni yaleli zwe nezwekazi i-Afrika i-US-Africa Summit e-Angola, umhlangano ongahle ucacise ukuthi kuzokwenzekani ngomnotho wethu.
Kuyadumaza ukuthi akukho okutheni osekwenzekile kusukela kwahlangana omengameli uMnu uDonald Trump nomengameli uMnu uCyril Ramaphosa eWashington, lapho iNingizimu Afrika yenza khona isiphakamiso esasifaka ezokumbiwayo nokuthi kungenzeka kuthengwe i-US liquified natural gas. IMelika ayikaze iphendule kanti isikhathi siyahamba. Ungqongqoshe nethimba lakhe kufanele bathukulule leli findo elibophekile.
Okwenzeka kwezombusazwe emhlabeni jikelele kwenza konke loku okwenzeka manje kubaluleke kakhulu kunakuqala. Isimemezelo seChina sokuthi zonke izimpahla eziqhamuka emazweni ase-Afrika esebenzisana nawo ngeke zisakhokhiswa intela akuyona into iMelika eyizibayo.
Kungenzeka sibone izinto zishintsha kakhulu endleleni i-Afrika esebenzisana ngayo namanye amazwe omhlaba, ushintsho olungase lumosele iMelika izinto kuleli zwekazi unomphelo.
Loku kubalulekile ngenxa yezizathu ezimbili. I-Afrika isaqhubeka nokubayindawo emqoka emnothweni waseMelika ngenxa yokumbiwayo. Okunye wukuthi ukwanda kwabantu abancane ezwekazini lethu kusho ukuthi i-Afrika yiyona ezobanabathengi bangomuso futhi izobamqoka uma kukhulunywa ngokukhiqiza izinto. IMelika isengozini yokuthi indawo yayo igcine ithathwe yiChina.
INingizimu Afrika kufanele yenze isiphakamiso esihlukile, esizosiza iMelika kodwa futhi izicabangele nayo. Amabhizinisi aneqhaza elibalulekile kulokhu. Ukusebenzisana kwethu nsuku zonke namakhasimende nabadayisi baseMelika abasichazelayo ngamathuba akhona nezingozi. Lolu lwazi yilona okufanele silusebenzise uma sixoxisana.
Uma sihluleka, izimboni okuzozwela kakhulu kuzo ngezokukhiqiza nezolimo okuyizona ezivula kakhulu amathuba omsebenzi. Imikhiqizo engakaguqulwa izimpahla eziphelele ayibalwa kule ntela kodwa imisebenzi okuyiyona eguqula imikhiqizo ibeyizimpahla eziphelele isengozini yokuphazamiseka kakhulu uma kuthulwa intela ewu-30%.
Asikwazi ukulahlekelwa yizimboni eziqasha abantu abaningi. Imihlangano yaleli sonto imqoka kakhulu. Sidinga isivumelwano esibheka okwenzeka emnothweni kodwa sibe sicabangela wonke amazwe athintekayo. Kuningi okusengozini.
