Usethule ngobunonyico iSabelomali sango-2025/26 ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana, kusho umbhali wengosi

Yize bekuqala ukwethula iSabelomali kathathu onyakeni owodwa kodwa kulenzele okuhle izwe, kuloba uBusi Mavuso 

KUNINGI okwenzekile ngesonto elidlule, kusukela ekuthuleni iSabelomali okwesithathu kuya emihlanganweni umengameli wethu abenayo nomlingani wakhe waseMelika. 

Kukona konke loko obekwenzeka kukhona into encane eshiwo kwiSabelomali ezobaluleka kwikusasa lethu – imali ezotshalwa kwingqalasizinda.

Yize kukhona imizamo ebalulekile yokunciphisa izindleko, kulindeleke ukuthi kutshalwe uR1 trillion kwingqalasizinda eminyakeni emithathu ezayo. Le mali ivikeliwe kade kubuyekezwa iSabelomali, yize umNyango weziMali kudingeke ukuthi unciphise kwezinye izindawo ngenxa yokuthi umnotho ngeke usakhula ngendlela obekulindeleke ngayo futhi nemali esizongeniswa wuhulumeni isinciphile.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/05/21/izembe-likahulumeni-ligawule-nxa-zonke-ukuvala-isikhala-se-vat/

Ukugcina imali esetshenziselwa ukunakekela ingqalasizinda kubalulekile kule nselelo esibhekene nayo yokukhulisa umnotho. Ngaphandle kwaloko, asikwazi ukungenisa imali ezosiza uhulumeni wandise imali oyisebenzisa kwezinye izindawo. 

ISabelomali sifaka ukusebenzisa imali ezimboni zikagesi, ezitimeleni, eyamanzi nenye ingqalasizinda yezokuthutha. Ingxenye enkulu izolungisa ezokuthutha ezinqinda umnotho kakhulu indlela eziyiyo manje, okuxosha abatshalimali balapha ekhaya nabakwamanye amazwe.

Osomnotho balinganise ukuthi iTransnet ilahlekisela umnotho uR1billion ngosuku ngenxa yokungasebenzi kahle kwayo. Izimayini namafemu abakwazi ukuhambisa kahle umkhiqizo wabo emachwebeni futhi awusuki kahle kuwo uye emakhasimendeni kwamanye amazwe. 

Yize kukhona umehluko osanda kwenzeka, iNingizimu Afrika isathathwa njengelinye lamazwe elinamachweba abiza kakhulu emhlabeni. 

Njengoba uhambo lwaseMelika lukamengameli uMnu uCyril Ramaphosa lusitshengisile, sidinga ubudlelwano bokuhwebelana namanye amazwe amakhulu omhlaba obuthembekile futhi obusimeme.

Ngokwengeza intela oyikhokhisa amanye amazwe, uhulumeni kaTrump ukuphazamise kakhulu ukuhwebelana kwamazwe omhlaba obekusebenza ngendlela ehlukile. Sekufanele iNingizimu Afrika ibhekane nalesi simo. 

Ngiyethemba ukuthi amanxusa azokwazi ukwenza izivumelwano neMelika kodwa njengomhlaba wonke, kufanele sizilungiselele ikusasa elizosho ukuthi ukuhwebelana kwethu neMelika kuzokwehla kakhulu. 

Abaningi abaphawulayo ngalesi simo baphikisana ngokuthi ukuhwebelana kuzosuka eNtshonalanga kuye eMpumalanga ngenxa yokuziqhelisa kweMelika, okuzosho ukwanda kokuhwebelana neChina, i-India namanye amazwe athuthukayo, okubalwa kuwona awase-Afrika neYurophu.  

Esimweni esinjalo, ezokuhweba emhlabeni zizoncintisana kakhulu, okusho ukuthi azobamancane amakhasimende esizokwazi ukuwadayisela. Kuzobaluleka kakhulu kunakuqala ukuthi sisebenze ngendlela efanele. Okwamanje, izimpahla zethu ziyabiza kakhulu ngoba kubiza imali enkulu ukuzisusa lapho zikhiqizwa khona ziye lapho sidinga ukuzidayisa khona.

Amazwe afana noChina enze umsebenzi omkhulu ukuqinisekisa ukuthi amachweba awo asebenza kahle, okumqoka ekusebenzeni komnotho wabo. 

Indawo engifisa ukubona kutshalwa ekuthuthukiseni ingqalasizinda kuyona womasipala ngokusebenzisana phakathi kukahulumeni nemboni ezimele. 

Ukuphothula ukubuyekeza imithetho yokubambisana kukahulumeni nemboni ezimele ngonyaka odlule kufanele kukulekelele loku kodwa kuzodinga ukubambisana nomdlandla komasipala ukukusebenzisa loku. 

Isigaba sesibili se-Operation Vulindlela sizofaka umsebenzi ozogxila ekusebenzeni komasipala. Ukubambisana kukahulumeni nemboni ezimele cishe yiyona ndlela ebalulekile engenza ingqalasizinda entsha yenzeke ngendlela efanele futhi engadli imali.

Kungijabulisile ukubona izinhlelo eziningi kwiSabelomali zokunciphisa ukusebenzisa imali ezintweni ezingasebenzi. Njengoba kungekuningi okungenziwa ngentela, uhulumeni kufanele uthole indlela yokunciphisa izindleko. Ukubuyekeza indlela imali esetshenziswa ngayo okwenziwe wumNyango weziMali kuthole ukuthi kunezigidigidi ezingongiwa ezinhlelweni ezingasebenzi kahle. 

Njengoba ushilo kwiSabelomali, uma uhulumeni ungazilandela iziphakamiso zawo, cishe ngeke sibekhona isidingo sokunyusa intela ngo-2026. 

Ngithemba ukuthi okwenzekile ngeSabelomali kulo nyaka sekucacisile okufanele kuvunyelwane ngakho meyalana nentela nezindleko. Sekuyisikhathi eside sivumela ukuthi izindleko zikhule ngaphandle kokuzihlupha ukubheka ukuthi leyo mali isetshenziswa ngendlela efanele yini. 

Ngomuso, iSabelomali kufanele sibheke izinhlelo zikahulumeni ezingasebenzi kahle bese ziyavalwa. 

Enye indawo umGcinimafa asenze kuyo inqubekelaphambili yindaba yesibonelelo esathulwa ngesikhathi se-Covid-19 ukusiza abantu ngesikhathi izwe livaliwe, kungekho okutheni okwenzekayo emnothweni. Sabasiza abantu okungekho okutheni ababengakwenza ngenxa yesimo somnotho ngaleso sikhathi. 

Nokho-ke sasingadalelwe ukuthi sibeyinto yangunaphakade futhi sesingezinye zezinto ezidla isamba esikhulu kwiSabelomali, njengoba sidla uR35bn ngonyaka, okuphindwe kathathu emalini ebizongeniswa yintela ukube intela ebanjwa ezimpahleni i-value-added-tax ibinyuswe nge-half percentage point.

UmNyango weziMali usuzobheka ukuthi akungcono yini ukushintsha lesi sibonelelo sibengesokusiza abantu abafuna umsebenzi. Kuyezwakala loku. Kufanele sisize abantu, ikakhulu intsha yethu ukuthi ithole imisebenzi. Uhlelo oluhlanganiswe kahle olusiza abantu bathole umssebenzi yilona olungasebenza kangcono kunesibonelelo. 

Kuhle futhi ukubona sengathi iSabelomali sisekwa wosopolitiki, okusho ukuthi sizogunyazwa. Yize kuqala ukwethula iSabelomali kathathu onyakeni owodwa, konke okwenzekile kulenzele okuhle izwe futhi abatshalimali bazojabula, enye into ebalulekile emizamweni wokukhulisa umnotho. Sonke sesingaqhubeka nomsebenzi manje.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page