ISabelomali esithulwe wungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana sikhomba ukuthi abantu abampofu bazoqhubeka nokubasotakwini eNingizimu Afrika. Isithombe: yiFreepik

ISabelomali ngeke sibasize ngalutho abahlwempu, kuloba uJabulani Sikhakhane

BUSAZOQHUBEKA ubunzima obubhekene nabantu baseNingizimu Afrika izimpilo zabo ezincike ekusebenzeni kwamazinga kahulumeni yemithathu, okungomasipala, izifundazwe nowezwe.

Lokhu kucaca kwiSabelomali esithulwe ePhalamende izolo esiveza ukuthi izinga lokukhula komnotho kulo nyaka sekulindeleke ukuthi libengaphansi kunelalibikezelwe ngasekuqaleni konyaka.

Zintathu izizathu zaloku. Esokuqala yizinga eliphansi lokukhula komnotho, elingekho ithemba lokuthi lizoshintsha okutheni kuze kufike noma kudlule u-2030. Esesibili yisimo sezimali njengoba uhulumeni uthwele kanzima ngenxa yokunyuka kwenani lezikweletu nenzalo yazo.

Esesithathu yisimo sikahulumeni (amazinga womathathu), ikakhulu ukungabikhona kwamakhono nobuchwepheshe, izinto ezidingekayo ukuze uhulumeni umelane nezidingo zomphakathi nokuthuthukisa izwe. Ukuze ukusebenza kukahulumeni kubesezingeni elifanele, kudingeka izisebenzi ezikwazi ukuhlela umsebenzi, ziwenze ngendlela unyaka nonyaka futhi ziphathe nemali eyabiwe ngendlela.

Zontathu lezi zizathu zisho ukuthi abantu abahluphekayo basazoqhubeka nokuthwala kanzima. Yibona abathembele kakhulu ezinhlelweni zikahulumeni,  ezinjengezempilo nemfundo. Abanawo amandla okuzithengela izidingo zabo ezinkampanini ezizimele.

Libalulekile izinga lokukhula komnotho, ngenxa yobudlelwano phakathi kwalo nemali yentela engaqoqwa wuhulumeni. Isikali salobu budlelwano, phecelezi i-tax buoyancy, okuchaza ukuthi uma umnotho wezwe ukhula ngezinga elithile, intela engaqoqwa ingenyuka kangakanani. Lapha kubaluleke ukusebenza kophiko lukahulumeni oluqoqa intela iSouth African Revenue Service (iSars).

Ukunyuka kwezinga lokukhula komnotho kusho ukwanda kwamathuba emisebenzi nokunyuka kwenzuzo eyenziwa yizinkampani. Umphumela wokunyuka kwentela etholwa wuhulumeni emiholweni yezisebenzi) nentela ebanjwa ezimpahleni i-value-added-tax (i-VAT) ekhokhwa uma kuthengwa esitolo.

Izinga eliphansi lokukhula komnotho lisho ukuthi inani lentela eqoqwayo alinyuki ngesivinini esingamelana nezidingo nokuthuthukisa izwe.  Ngakho-ke uma uhulumeni udinga imali ethe xaxa kufanele unyuse intela – njengoba uNgqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana ayehlongoza ukunyusa i-VAT ngasekuqaleni konyaka. Wehlulwa kuloku, emva kokuthi amanye amaqembu ezepolitiki eyise indaba ye-VAT enkantolo.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/05/21/izembe-likahulumeni-ligawule-nxa-zonke-ukuvala-isikhala-se-vat/

Izinga eliphansi lokukhula komnotho kungaphoqa uhulumeni ukuthi ungene ezimakethe zezimali uyoboleka ukuze ukwazi ukumelana nezidingo zezwe. Yilo mgudu owalandelwa yizwe kusukela ngo-2008, osekunyuse inani lemali ebolekiwe yaze yafinyelela ngaphezulu kwangoR6 trillion

Uma lesi samba singehlukaniselwa isakhamuzi ngasinye, kungasho ukuthi umuntu ngamunye ukweleta ngaphezu kwangoR100 000, akhokhe inzalo engaphezulu kwangoR6 870 ngonyaka.

Lezi zikweletu zihambisana nenzalo, engaphezulu kwangoR426 billion, isamba esingaphezu kwesabelo sezemfundo nesezempilo. Ukunyuka kwesamba senzalo kusho ukuncipha kwemali uhulumeni ongayabela izinhlelo zawo. 

Isizathu saloku wukuthi umthetho olawula ukuphatha izimali zikahulumeni i-Public Financial Management Act uthi kufanele kubekwe eceleni imali yenzalo ngaphambi kokuhlukanisa iSabelomali, esihlanganiswe yimali engena ngentela nebolekiwe.

Ukunyuka kwenzalo ngesikhathi lapho imali eqoqwa ngentela inganyuki ngezinga elidlula elokunyuka kwezidingo zezwe kusho ukuncipha kwemali uhulumeni ongayabela izinhlelo zawo. 

Sekuyiminyaka engaphezulu kweyishumi uhulumeni ukulesi simo. Usombulule le nkinga ngokunciphisa isabelo sezinhlelo okuncike kakhulu kuzona abantu abahluphekayo, njengezemfundo nezempilo. Isabelo salo nyaka sikhomba ukuthi kusazoqhubeka loku.

Kwenzeka konke lokhu nje, imiholo yezisebenzi zikahulumeni iyaqhubeka yenyuka. Umphumela waloku wukuthi kwehla ingxenye yezabelo ebhekele nokulungisa izikole kanye nezinye izinsiza zezemfundo, ukwakha nokulungisa izibhedlela nokubheka ezinye izidingo zokusebenza kwazo. 

Isimo sokunyuka kwemiholo yezisebenzi sibi kwezemfundo, lapho imiholo idla u-76% weSabelomali, ezempilo (u64%), izinkantolo namajele (u-72%), kuthi amaphoyisa (ngaphansana kwango-80%).

Kwesinye isikhathi ukunyusa le miholo kusho ukuthi ezempilo nezemfundo azisakwazi ukuqasha othisha ukuvala izikhala zalabo abasulayo emsebenzini nabathatha umhlalaphansi. Kwezemfundo, loku kusinda kwehlela ezikoleni nokungakhokhwa kuzona ngenxa yokuthi abazali bezingane ezifunda kulezi zikole abanamandla okukhokhela othisha, okuyinto eyenziwa ezikoleni okukhokhwa kuzo.

Phezu kwaloku, ukusebenza kwamazinga kahulumeni (ezweni, ezifundazweni nomasipala) ayisekho ezingeni eliphezulu ngenxa yokuncipha kwamakhono omsebenzi nokusebenzisa izimali ngendlela.

Kuyacaca kwiSabelomali esithulwe kuleli sonto ukuthi zontathu lezi zizathu – izinga eliphansi lokukhula komnotho, izinga eliphezulu lezikweletu nenzalo yazo nezimo zamazinga  kahulumeni – zisazoqhubeka isikhathi eside. Zizoba umthwalo wabahluphekayo, okuyibona abathembele kakhulu ezinhlelweni zikahulumeni.

Sikhuluma nje izinkampani ezizimele ziyangenelela, zidayisela izakhamuzi izidingo zazo – ezempilo nezemfundo nezokuvikeleka. Ngenxa yokuhluleka komasipala kwezamanzi, ziyanda izinkampani ezidayisa imishini yokuhlanza amanzi. Kwezikagesi, sekuyiminyaka kudayiswa ama-generator kadizili nengqalasizinda kagesi ophehlwa ngelanga.

Konke loku kudinga abantu abanemali noma abangakwazi ukuboleka imali bhange. Abantu abahluphekayo basala ngaphandle kwalezi zinhlelo zezinkampani ezizimele.

Abantu abahluphekayo, ikakhulu izingane zabo, bathwele kanzima ngesimo semfundo namathuba omsebenzi. Loku kusho ukuncipha kwamathuba okuzithuthukisa, isimo esizodlulela ezizukulwaneni ezizayo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page