Umsebenzi weHhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele eliholwa uNksz uTsakani Maluleke ubaluleke ekukhombeni indlela okufanele kwenziwe ukulungisa omasipala, kusho umbhali wengosi. Isithombe: wuSlindile Khanyile

Umcwaningimabhuku uphakamisa ukuthi kungenelelwe komasipala, kuloba uBusi Mavuso

SIYASHAQISA isimo sezimali somasipala futhi siyinselelo ekukhuleni komnotho. Uwodwa kuphela umasipala kwabayishiyagalombili abakhulu othole umbiko omuhle, yiCape Town. 

I-Buffalo City, iTshwane, iMangaung neNelson Mandela Bay bathole imibiko engemihle njengoba kunezinto ezingahambi kahle ngamabhuku abo.  

Omasipala baseGoli, eThekwini nasEkurhuleni bathole imibiko emihle kodwa enogcobho, okutshengisa ukuthi amabhuku abo mahle kodwa kunezinto okufanele bazilungise.

Umbiko omubi kunayo yonke ongakhishwa wumcwaningimabhuku, i-disclaimer, okusuke kusho ukuthi umcwaningimabhuku akakwazi ukubeka umbono ngamabhuku ngenxa yendlela izinto ezisuke zibheda ngayo ngawo. Bawu-16 omasipala okushiwo kanjalo ngabo.

Omasipala abakhulu bayizizinda zomnotho ezweni. Akwamukelekile nhlobo ukuthi abaningi bayahluleka ukuphatha imali ngendlela efanele. Babelwa izigidigidi, umasipala waseGoli uzosebenzisa cishe uR90 billion kulo nyaka kodwa awukwazi ukuphatha leyo mali kahle. 

Ezinkampanini uma abaphathi bengakwazi ukuveza amabhuku abacwaningimabhuku abangakwazi ukuwasayina bangawothu ubomvu abanikazi benkampani. Abanikazi bomasipala wumphakathi okufanele usebenzise ivoti lawo.  

Okucika kakhulu wukuthi indlela imali ephathwa ngayo ihambisana nendlela izidingo zomphakathi ezihlinzekwa ngayo. Umasipala waseGoli, lapho iningi lezinkampani ezinkulu zizinze khona, sekuyiminyaka izinto zibheda. Indaba yamarobhothi ayisanakwa nhlobo, akuhambeki emigwaqweni.

Ezinyangeni ezimbili umengameli uMnu uCyril Ramaphosa wakhala ngesimo sedolobha okufanele ingqungquthela iG20 ibekulona, wathembisa ukuthi uhulumeni ezweni lonke uzongenelela.

Njengoba ekucacisa umcwaningimabhuku-jikelele embikweni wakhe wango-20203/24, izinselelo zibangwa wukushoda kwabanamakhono okuphatha imali nezikhala ezingavaliwe. Abekho abantu abenele abaqeqeshiwe abasebenza komasipala ukuqinisekisa ukuthi amabhuku ahlelwa kahle, yize loku kubeka izigidigidi engozini.  

Bukhona ubufakazi bokuthi kukhona lapho izinto zibangcono khona. Isibalo somasipala abathole imibiko emibi kakhulu sehlile sisuka kwewu-28 ngo-2020/21 safinyelela kwabawu-14. Loku, umcwaningimabhuku-jikelele uthi, kwenzeke ngoba omasipala besekwe yiminyango yezimali ezifundazweni. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/05/29/umcwaningimabhuku-usole-izimeya-nosomlomo-ngokungaphathi-kahle-izimali-komasipala/

Nokho  izinto azinjalo komasipala abakhulu njengoba umcwaningimabhuku-jikelele ethi bahlehlele emuva kusukela ngo-202/21 njengoba abathathu behliswe indlela abakleliswe ngayo. Umcwaningimabhuku-jikelele ubalule ukuthi omasipala baseGoli naseTshwane abakuhleleli ngokwanele ukunakekela ingqalasizinda. 

Ukhale ngomkhuba womasipala wokuphasisa izinhlelo ezisuke zingabelwe imali, izindleko ezisuke zingeke zikhokheleke nangemali omasipala abasuke bezoyingenisa. Kufanele kukhathaze wonke umuntu eNingizimu Afrika ukuthi amakhansela aphasisa kalula izinhlelo esuke ingekho imali yazo. Wubudedengu lobo.

Ukulawula izindleko enye inkinga. Umasipala waseGoli uhamba phambili kwabasebenzisa imali engagunyaziwe njengoba usebenzise uR2.76bn. ITshwane ilandela eduze ngoR2.15bn. 

Umcwaningimabhuku-jikelele akabheki nje imali kodwa ubuka nemibiko ebheka indlela omasipala abasebenza ngayo okufanele bayihlanganise ukubheka ukuthi baqhuba kanjani uma kuqhathaniswa nemigomo abazibekele yona. Uthe akukho okungcono kusukela ngo-2020/21 njengoba kuwu-26% owenza umsebenzi osezingeni elifanele. 

Emva kokusizwa ukulungisa eminye imibiko, isibalo sinyukile safinyelela ku-52% nokusho ukuthi kusasele cishe uhhafu ohlulekile.  

Ukungahlinzeki ngendlela izidingo imvamisa kusho ukuthi amabhizinisi awakwazi ukusebenza. Yinto eseqhulwini ezweni lonke njengoba ingenye yeziyingxenye zesigaba sesibili se-Operation Vulindlela, uphiko oluholwa yiHhovisi likaMengameli ngempumelelo ukulungisa izinkinga zikagesi nezokuthutha.

Sekucace bha ukuthi kudingeka kungenelelwe ukulungisa indlela omasipala abasebenza ngayo. Kufanele sithole abantu komasipala abakwazi ukwenza umsebenzi okuzophucula indaba yezimali. Umcwaningimabhuku-jikelele ubalise nangobuchwepheshe, nako okudalwa wukushoda kwamakhono. 

Konke loku kuyatshengisa ukuthi yini i-Operation Vulindlela okuzofanele ibhekane nayo. Kudingeka nokuthi kubuyekezwe umgomo womasipala owabekwa ngo-1998 ongakwazi ukuguqula izinto futhi kutholakale izindlela ezintsha zokuseka omasipala ukuqinisekisa ukuthi babambisana kangcono nohulumeni wesifundazwe nowezwe lonke. 

Kufanele lo mgomo ubheke kakhulu ukuthi abantu bathathelwa ziphi izinyathelo uma behlulwa wumsebenzi futhi kuqhubeka ukuthi izidingo zingahlinzekwa ngendlela.  

Ungishaqisile umbiko we-Investec ngesonto elidlule oveze ukuthi ngabe izinto zihluke kanjani ezweni lethu ukube saqhubeka nokukhulisa umnotho ngo-4.5% esasivame ukukwenza kwaze kwabango-2008. 

Ngo-2024 umnotho ubuzobe umkhulu ngo-40% kunobuyikona. Imali engeniswe wuhulumeni ngabe ingaphezulu ngoR800bn. Cabanga leyo mali nezinkulumompikiswano esisanda kubanazo ngokunyusa intela ebanjwa ezimpahleni i-value-added tax ngoba sizama ukuhlanganisa uR75bn eminyakeni emithathu ezayo. 

Ukube umnotho wethu waqhubeka wakhula, ngabe isikweletu sikahulumeni sincane futhi ngabe kulula ukunyusa imali esetshenziselwa izidingo zomphakathi. Nokuntuleka kwemisebenzi ngabe kungaphansi kakhulu kunokuyikona.  

Kubekuhle ukusikhumbuza ukuthi kungakanani okusilahlekele ngemigomo engalungile nokungenzi umsebenzi kahle. Yebo, zikhona ezinye izinto ezibenesandla, okufaka ukwehla kwamanani okumbiwayo neCovid-19. Kodwa amanye amazwe asekwazile ukuvusulela iminotho yawo njengoba amazwe emhlabeni ekhula okungenani ngo-3% kodwa thina silokhu sibhajwe ku-1% nangaphansi. 

Abantu bakithi bayahlupheka futhi abaningi baswele imisebenzi. Imibiko efana neyomcwaningimabhuku-jikelele isikhombiisa okufanele kwenziwe.  Kufanele sizimisele ukukwenza.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page