Isinyathelo sikangqongqoshe wezokuThutha singenza kutshalwe uR100 billion ezitimeleni, kuloba uBusi Mavuso
KUNESINQUMO esibalulekile esithathwe ngesonto elidlule esizobanesandla ekukhuliseni nasekuqiniseni ezokuncintisana embonini yokuthutha izimpahla eNingizimu Afrika. Ungqongqoshe womNyango wezokuThutha uNks uBarbara Creecy umemezele ukuthi izinkampani eziwu-11 ezizimele sezizokwengamela eminye yemigudu kwewu-41 ekhona emihubheni eyisithupha.
Loku kuwumphumela wokubambisana phakathi kwamabhizinisi nohulumeni, osekuyiminyaka kuqhubeka, okuhlose ukuphucula ukusebenza kwezitimela ngokuthi kubekhona izinkampani ezizimele nabatshalimali.
Uma sikhuluma ngezinguquko ezinqala kwezokuthutha izimpahla, sisho loku: ukuthi kuncintiswane ukuphucula umsebenzi, ukutshala imali nokuzokhulisa umnotho. Yilokhu ebesilokhu sinxusa ukuthi kwenzeke uma sikhuluma ngomsebenzi okufanele wenziwe yikomiti elengamele ukuxazulula inkinga yezokuthutha iNational Logistics Crisis Committee (iNLCC).
Lesi simemezelo senzeke emva kokuthi unggqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana ekhulume namalungu eBusiness Leadership South Africa (iBLSA) ngokubaluleka kokuphuthumisa izinguquko ezinqala.
Iyodwa kuphela indlela yokuthi iNingizimu Afrika ibhekane nezinselelo ezidalwa wukushintsha indlela osekuhwetshwa ngayo emhlabeni. Wukwenza umnotho usebenze ngendlela efanele ukuze uzokhula. Yiloku kanye okwenziwa yisimemezelo sikangqongqoshe wezokuthutha.
Inkinga yezokuthutha isilahlekisele umnotho wethu ngemali engaphezu kukaR100 billion ebingangeniswa yimboni yezimayini. Isiholele ekusebenzisaneni phakathi kwezinhlangano zamabhizinisi nohulumeni ngendlela ebekungakaze kwenzeke ngayo kudala.
I-NLCC ikhuthaze izikhulu eziphezulu zezinkampani ezizimele ezingaphezu kweziwu-45 ukuthi zisebenzisane nohulumeni ukufeza izinjongo zomhlahlandlela wokuthutha izimpahla i-Freight Logistics Roadmap, oyisisekelo sesimemezelo sangoLwesihlanu.
Ingxenye yalo msebenzi ifaka ukusimamisa nokuphucula ukusebenza kweTransnet endleleni ethutha izimpahla ngayo. Usuvele uyabonakala umphumela waloku. Isibonelo nje, ngenyanga edlule iKumba Iron Ore ibike ukuthi umthamo we-iron ore ewuthuthile usuka ezimayini zaseNyakatho Kapa uya echwebeni laseSaldanha unyuke ngo-4%.
Nokusebenza kwemishini echwebeni kuphucukile, okunyuse imali engeniswe yiKumba ngo-3%. Nokho kukhona ezinye izinto eziphazamisile futhi ukusebenza kwechweba kuke kwamiswa ukulungisa imishini, into ebingahleliwe.
Bekungeke kubelula ukuqala ukuncintisana. Ukushintsha isimo esisho ukuphela kokukhonya kwenkampani eyodwa kudinga isibindi ohlangothini lombusazwe, ubunyonico emthethweni nokuzibophezela kuzo zonke izinhlaka.
Ukuthi manje sekunezinkampani ezintsha eziwu-11 ezilungiselela ukuthutha izimpahla ezingamathani awu-20 million ngo-2026/27 futhi ezizokwazi ukubamba iqhaza ekukhuliseni umnotho kuwubufakazi bokuthi yini esingakwazi ukuyenza uma singeke sigxile ekumpongolozeni okungathi shu kodwa esikhundleni saloko sigxile ekutholeni isisombululo.
Ungqongqoshe umemezele ukuthi lezi zinkampani kungenzeka zingenise uR100bn ozofakwa ngabatshalimali ezitimeleni. Yiloku kanye okudingwa kakhulu imboni yezitimela. Sekuyisikhathi eside iTransnet ihluleka wukwenza umsebenzi kahle kanjalo nezingqinamba zokungakwazi ukuhlanganisa imali yokunakekela izitimela nengqalasizinda, okunciphise kakhulu imboni yethu yokukhiqiza.
Okuhle ngalezi zinguquko wukuthi izinkampani ezizimele zizofika nezinsizakusebenza zazo, ulwazi, imishini futhi okukhulu kakhulu zizophendula uma amakhasimende enemibuzo.
Isifiso sikangqongqoshe sokuthi kushaye u-2029 sekuthuthwa amathani awu-250m sikhulu kakhulu kodwa singenzeka uma sizogcina umgqigqo. Qhathanisa loku nokwenziwa yiTransnet okwamanje, ethutha amathani awu-160m bese uyabona ukuthi kungakanani okungashintsha.
Ithani nethani elithuthwa ngesitimela, esikhundleni sasemgwaqweni, lincipisa izindleko zokuthutha izimpahla, isiminyaminya emigwaqweni, kuphucula indlela imvelo enakekelwa ngayo futhi okumqoka wukuthi kwandisa imisebenzi.
Iyangikhuthaza indlela eziqokwe ngayo izinkampani nokuthi yonke into ihlala obala. Ukusungula i-Interim Rail Economic Regulatory Capacity ukwengamela izingxoxo kukhombisa indlela yokwenza izinto ezintsha edingeka kuwona wonke uhulumeni.
Ukuhlukanisa iTransnet Rail Infrastructure Manager, ikhishwa kwiTransnet Freight Rail, okwenzeke ngonyaka odlule, bekubalulekile ekuphumeleleni kwalezi zinguquko. Akukwazi ukuthi umnikazi wengqalasizinda kungaphinde kubewuye oshaya amaphiko ekungameleni umsebenzi. Kunokwenzelela okuphazamisa ukuthi izinto zenziwe ngendlela efanele. Loku kuhlukanisa izinkampani, into iBLSA eyayikade iyilwela, kuzokwenza ukuthi kuncintiswane kahle.
Siyazi ukuthi ukumemezela izikhala kulula kunokuphatha izitimela. Into osekufanele ibonakale manje wukuthi kuzokwenzeka kanjani. Izinkontileka ezigunyaza loku zinemibandela efana nokuthola izimvume kumlawuli owengamele ukuphepha kwezitimela, ukulungisa amaguzu nokwenza amalungiselelo emachwebeni kumqoka ekuqinisekiseni ukuthi izinto zenziwa ngononina kodwa zizodinga ukwenzeka ngokushesha.
Azikwazi izinguquko ukubambezeleka ngendlela okwenzeke ngayo eDurban Container Terminal, lapho inkampani eyakhethwa ukuthi yengamele ichweba yamenyezelwa khona eminyakeni emibili edlule kodwa kuze kubemanje ayikakaqali njengoba kunomdonsiswano enkantolo.
Ukuvula izicelo zolayini abathe xaxa ngesonto elizayo okulandele uhlelo lwezicelo zango-2026/27 kukhombisa ukuthi akuyona lena into ezokwenzeka kanye kodwa yisiqalo sendlela entsha yokwenza izinto. Le ndlela izosinika ithuba lokufunda nokuphucula sibe sibamba umgqigqo.
Loku kuvuleka kolayini bezitimela yinto okufanele siyibheke ngokubambisana nezinguquko emachwebeni, okuwumsebenzi we-Operation Vulindlela nokuphucula ingqalasizinda. Kwezokuthutha, yonke into kufanele ihambisane. Akusizi ukuthi izimpahla zihambe kahle ngezitimela bese zibambezeleka emachwebeni.
Le mpumelelo esesiyibonile yiyona ezosho ukuthi siyakwazi yini ukuqhubeka sihehe abatshalimali. Thina mabhizinisi sizohlale simi ngomumo ukusebenzisana nohulumeni.


