‘U-Chief of Staff’ uhambe ephoxekile ngokushintsha kwabaholi benkululeko, kuloba uBuyani Mhlongo
UBHUT’ Mi Hlatshwayo wayeyikonke engangikudinga ngenkathi ngingena esigabeni sokubawumuntu omdala ngo-1998. Ngaphambi kwaloko, ngangimbonela kude uma benomlingani wakhe uMama uGugu Ngcobo bezosibuka sizilolonga eNtuzuma, enyakatho yaseThekwini.
Ngangingazi ukuthi “u-Chief of Staff” wayeyinsika ekuqoqeni izimali emkhankasweni wokwakha iNtuzuma Art Centre, esayethula ngo-2000. Ngagcine ngiqonde umsebenzi ngendlela ejulile ngenkathi benoNkk uNgcobo bengiqashe ukuthi ngibewumdiyeli womsebenzi eKZN Arts and Culture Trust, eKwa-Culture.
Leyo nhlolokhono yokuqala yangivula amehlo ukuthi uyinkunzi kangakanani. Ngafunda ngomsebenzi uHlatshwayo ayewunikwe yi-ANC wokudidiyela uguquko embonini yobuciko namasiko KwaZulu-Natali.
Ngafunda ngamagalelo akhe okufaka abantu abamnyama kwibhodi yase-Playhouse nokuthi babengabaphathi nokuthi izinsizakusebenza zeDurban Arts Association zifake nabantu abamnyama.
Ngiyohlale ngisazisa isikhathi esininginingi engisihlale noMhayise ePlayhouse Mayville Complex, eDurban Arts Assoiciation ku-Avondale Road nasemigwaqweni yaseKZN singqumuza nezikhulu zikahulumeni, izishoshovu zomkhakha wamasiko ebezingaphansi kwazo zonke izinhlangano zepolitiki nabalingani emkhakheni wezobuciko, ezamasiko namagugu.
Wayazi ukuthi kufanele ahole uhlaka lwesifundazwe oluzohlinzeka ngokulinganayo usizo nangezinsizakusebenza kubo bonke abantu bezobuciko namasiko. UHlatshwayo ubenendlela yakhe eyingqayizivele yokukhombisa uthando nokusekana. Ubekwenza uzizwe sengathi uwena wedwa amthandayo noyisifuba sakhe. Ubengaphucuzekile futhi ekholwa wukuthi umuntu kufanele akhululeke, ajabule, azitike ngobumnandi.
Wabawumgani wabangani bami sabelana ngezinkondlo, indaba kaJesu namanye amadoda amakhulu aseBhayibhelini kanti njalo uma kuhleliwe kwakungahlukanwa engayilandanga indaba yenkosi yaKwaZulu ebiyintandokazi kuyena, iSilo saKwaDukuza, iSilo sasoNdini, iSilo saKwaNobamba.
Ubephana ngamakinati akhe njalo. Ubethanda ikhofi elineconsi lobisi. Ubexoxa ngezindaba zokukhula kwakhe eColenso. Ubexoxa ngempilo yakhe eClermont, entshonalanga yaseThekwini.
Ubevame ukuxoxa ngokudumala kwakhe ngabanye abaholi ayecabanga ukuthi amaciko alindeleni eNingizimu Afrika ekhululekile.
Ubephoxekile ngokuthi abanikwa igunya lokwenza uhulumeni ukuthi uhlinzeke amaciko ngezinsiza nosizo lwemali ezobuciko namasiko sebeshintshile. Ubedumele ngokuthi umsebenzi wobizo wokuguqula umkhakha wobuciko namasiko usushabalele. Ubedumele ukuthi akakwazi ukusisiza ekudumaleni kwethu ngendlela izinto eseziyiyona nokuthi akasenamfutho namandla.
Usebenze ukuthi i-IFP ibafake ezinhlakeni zesifundazwe ngobaba uBaba uWally Serote wayemlume indlebe ukuthi i-IFP izophatha isifundazwe, ngakho imali yokusebenza kwe-Arts and Culture Council isezandleni zayo.
Ngiyazi ukuthi iseyinde indlela ehlalele amaciko ngoba mihla namalanga sibanjezelwa ngabantu abangenamsebenzi walutho abathatha izinqumo ezibhedayo egameni labantu abasembonini yobuciko, amasiko namagugu.
Impumelelo yakhe yahlaluka ngenkathi eyisikhulu esiphezulu seKZN Arts and Culture Council nomholi oqotho emphakathini owabaneqhaza ekutheni izinhlangano zamaciko namasiko ezingaphezu kuka-350 zaxhaswa ukuthi zenze imisebenzi yazo.
UMhayise akafile, umphefumulo wakhe usenathi.