Ukuvama kwe-Eskom ukusabisa ngokuthi izocishel uMasipala waseGoli ugesi ngenye yezinto ezihlehlisela emuva umsebenzi omuhle owenziwa wuHulumeni woBumbano, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Ziningi izimpawu zezinto ezinhle ezweni, nokho iGauteng isihlehlisela emuva, kuloba uBusi Mavuso

UKUBUYEKEZWA kwendawo okukleliswe kuyo iNingizimu Afrika yiS&P Global njengoba isibekwe lapho kukleliswa khona amazwe angeyona ingozi uma ebolekwa imali yigxathu lokuqala lokuthi sibuyele endaweni enhle eyasiphunyuka ekuqaleni kokubheduka kwe-COVID-19.

Kuwubufakazi futhi bokuthi uhulumeni uphumelele eminyakeni edlule ukuphatha kahle imali, nokusitakulile kulesi sibhicongo esazithola sikuso ngesikhathi sombuso kaMnu uJacob Zuma.  

Ukuthi uhulumeni ungenise imali eningi kunezindleko zawo uma kungabalwa izindleko ezikhokhiswa inzalo ngonyaka wezimali odlule, yinto ebalulekile futhi ebiqala ukwenzeka emva kweminyaka.

Yize iSabelomali saphakathi nonyaka wezimali sitshengise ukuthi uhulumeni ngeke usayingenisa imali obubheke ukuyingenisa, nokho sisibonisile ukuthi kukhala isicathulo sikahulumeni. Amabhizinisi kahulumeni awasazitamuzeli nje emalini yabakhokhintela futhi kukhona izinto ezikhalinyiwe endleleni uhulumeni osebenzisa imali ngayo.  

Ngiwubongela ngokukhethekileyo umNyango weziMali kodwa futhi nohulumeni wonke okwazile ukubopha izifociya ukufinyelela lapha. 

Ukuphucuka kwendlela izwe elikleliswe ngayo yinto engabukeka ingathi shu kubantu kodwa yenza umehluko omkhulu. Kusukela ngokhetho, inzuzo yama-bond kahulumeni isikhule cishe ngo-2 percentage points, okusho ukuthi cishe uma uhulumeni uboleka imali kuma-bond ukhokha inzalo engaphansi ngo-20%. Loko kwenza umehluko omkhulu ezindlekweni ezihambisana nesikweletu ezikhokhwayo. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/07/17/kunyuka-ithemba-njengoba-uhulumeni-wobumbano-uqhubeka-nomsebenzi-kuloba-ubusi-mavuso/

Amabhizinisi kufanele enze izinto ngokuhambisana nokwenzeka ezweni, loku kusho ukuthi amabhange nezinkampani ezinkulu ezibolekisa ngemali ngokusebenzisa ama-bond zikwazi ukukwenza loku ngokukhokhisa inzalo engaphezudlwana kancane kwenzuzo engeniswa ngama-bond kahulumeni.

Umphumela waloku kukhula komnotho wukwanda kwemisebenzi. Kubekuhle ukubona kuncipha ukuntuleka kwemisebenzi ngekota yesithathu njengoba kumenyezelwe ngesonto elidlule ukuthi kubenemisebenzi emisha ewu-294 000, nokwehlise isibalo sabantu abangasebenzi safinyelela ku-32.1%.  

Ukusimama kukagesi nakho kusizile njengoba izimboni zokuhweba nezokwakha kuyizona ezibe mandla ekwengezeni imisebenzi emisha. Ukuphucuka kwezinto embonini yezokwakha, okudale imisebenzi emisha ewu-176 000, kutshengisa umgqigqo ohambisana nokutshala kwingqalasizinda, nokutshengisa ukuthi izinto zibangcono emnothweni futhi uyakhula.  

Nokho kulezo zibalo ngiphoxekile ukubona ukuthi izinto ziphucukile ezweni lonke ngaphandle kwaKwaZulu-Natali naseGauteng. Zombili lezi zifundazwe zimqoka ekukhuleni komnotho kodwa imisebenzi inciphe ngewu-66 000 eGauteng, kwathi eKZN kwangewu-2 000. EMpumalanga Kapa ikhule ngewu-83 000, kwathi eNtshonalanga, yanda ngewu-75 000.  

Thina esihlala kulesi sifundazwe esithathwa ngokuthi siwumgogodla womnotho, siyawuqonda lo mphumela. Ukuhlinzekwa kwezidingo kuyaqhubeka nokwehla njengoba omasipala abakhulu bengasebenzi kahle kanti akubonakali nohulumeni wesifundazwe ukwazi ukufaka omasipala emgqeni ukuze baphinde bahlinzeke  izidingo kahle.  

Imikhandlu yaseTshwane naseGoli ibukeka ingakwazi nokuthi ihlanganise ubuholi bomasipala obuzoqala bulungise loku kungasebenzi kahle kwayo. Umbono wephephandaba i-Sowetan ngesonto elidlule uthe: “IGoli alilona idolobha elisezingeni lomhlaba elivelele e-Afrika elihlale lithi liyilo. Ingqalasizinda iyabhidlika. Ukucinywa kukagesi nokuvalwa kwamanzi yinto ejwayelekile futhi esabalele. Ayikho into eletha ithemba netshengisa ukuthi abantu abaphethe bayakwazi futhi bazibophezele ukulungisa lezi zinkinga.” 

Kuphinde kube yi-Eskom ehlale ihlale isabise ngokuthi izowuvalela ugesi umasipala. Akekho okufanele amangazwe ukuthi izinkampani zinciphisa imisebenzi eGauteng.  

Ukungasebenzi kahle kwezinto kwezombusawe kunomphumela emnothweni. Ngakho-ke yize uHulumeni woBumbano uvuselele ithemba ezweni kodwa okwenzeka eGauteng kuyaqhubeka nokuba kubi. Uma kubhekwa ukuthi umnotho omkhulu wezwe useGauteng, ukungabisesimweni esihle kwayo kungaphazamisa ukukhula komnotho.

Amanzi yiwona ayinkinga kakhulu kulesi sifundazwe. Ngakho, kunyanyisile ngesonto elidlule ukuzwa uNgqongqoshe wamaNzi nokuThutha iNdle uNks uPemmy Majodina ePhalamende ethi ayikho inkinga yamanzi futhi abantu kufanele bawaphathe kahle amanzi.

Loku kutshengise ukuthi ungqongqoshe akazi lutho ngesimo abantu ababhekene naso. Njengoba amanzi egeleza imigwaqo yonke ngenxa yamapayipi anganakekelwa, ungqongqoshe utshela abantu ukuthi abonge. 

Into edingekayo womasipala abanakekela futhi bakhe ingqalasizinda ukunciphisa amanzi achithekayo ngaphambi kokufinyelela kubantu. Sidinga osopolitiki abavumayo uma bebhedile futhi balungise izinto, hhayi ukuphika ukuthi kunenkinga.

Kuningi okusadinga ukulungiswa ezweni lonke. Okuhle okwenzekayo ngokuphathwa kwemali kahulumeni kuhambisana nokusebenza kahle kwamabhizinisi kahulumeni, ikakhulukazi i-Eskom. Kodwa njengoba sengike ngasho, kuyanda ukukhathazeka ngokuthi uhulumeni uwengamele kangakanani la mabhizinisi. 

Ukuvala umNyango wamaBhizinisi kaHulumeni ekubeni ingekho into ecacile ukuthi kuzokwenzekani ukubhekela umnikazi wala mabhizinisi kuyingozi enkulu. Imibiko yabezindaba ngeSonto iveze ukuthi uhulumeni usuyayibuyekeza yonke into emva kokuya eChina ukuyobheka ukuthi izenza kanjani izinto.  

Ngifisa ukuxwayisa ngaloku ngaphambi kokuthi kubekhona esizibophezela kukona: kufanele sicabangisise okuzosisebenzela thina. Esikudingayo yiqhinga elizovuselela ithemba ezweni lethu. 

Uma singagxila ekulungiseni ukungahambi kahle kwezinto eGauteng, sizowugcina lo mgqigqo wezinto ezinhle. Osomabhizinisi bamagange ukusiza lapho amathuba okuphucula izinto eqhamuka khona njengoba ukusebenzisana kwethu nohulumeni kutshengisile. Lapho kukhona khona amathuba okuseka omasipala, sizosifaka isandla.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page