I-B20 neG20 yithuba lokukhangisa ngamava obuholi beNingizimu Afrika emhlabeni jikelele, kuloba uBusi Mavuso
ENYE yezinto ezigqame engqungqutheleni yeB20 ebiseSao Paulo, eBrazil, ngesonto elidlule wukuthi izinkinga zeNingizimu Afrika azikhungethe yona kuphela, namanye amazwe amaningi abhekene nezinkinga ezijulile ezifana nalezi nathi esibhekene nazo.
Loku kubonakala nangezinto eziseqhulwini kwiB20: okuwukuhweba nokutshala, imisebenzi, ezemfundo, izinguquko ezihambisana nobuchwepheshe besimanje, ushintsho oluthinta ugesi nokuguquguquka kwesimo sezulu, ezezimali nengqalasizinda, ukuba qotho nokuhlonipha umthetho, izindlela zokukhiqiza ukudla ezisebenza kahle nezolimo, abesifazane namabhizinisi afaka wonke umuntu.
I-B20 wuphiko lwamabhizinisi omhlaba olungaphansi kweG20 kanti luhlanganisa abantu abamele amabhizinisi basemazweni eG20, kube ngamazwe lapho abantu bemenywa khona nezinhlangano zamazwe omhlaba ukuzodingida ngezinto zomnotho namabhizinisi. Izingxoxo bezigxile ekuhlanganiseni imigomo futhi kubhungwe ngezindlela okungasetshenziswana ngazo ukubhekana nalezi zinselelo.
Iziphakamiso zizodluliselwa kwiG20 ezohlangana mhlaka 18 no-19 wangoNovemba eRio de Janeiro, eBrazil, nakwiB20 yangonyaka ozayo ezoba eNingizimu Afrika. NgoLwesihlanu oludlule, iBrazil iphothule ingqungquthela yeB20, okusho ukuphela kwesikhathi sayo iwumengameli walolu phiko.
INingizimu Afrika izothatha izintambo zokubawumengameli weB20 ukuhambisana nokuba wumengameli weG20 ngo-2025. Unyaka ozayo uzobe ubalulekile kakhulu ukuthi izwe lizibonakalise uma selisingatha izingqungquthela zeB20 neG20.
UMengameli uMnu uCyril Ramaphosa usinxuse ukuthi sisebenzise leli thuba ukukhangisa ngamathuba akhona amabhizinisi ukwandisa abatshalimali bakwamanye amazwe nokwandisa izwi labantu base-Afrika, ikakhulukazi njengoba i-African Union isiyilungu leG20.
Kunika iNingizimu Afrika ithuba lokulawula inkulumpikiswano futhi izwe linethuba lokuthula ezinye izinto okufanele kugxilwe kuzona ngesikhathi kuhlangenwe kwiB20 neG20.
Kuqinisa ubudlewano bethu namanye amazwe angamalungu eG20, obehola ithimba laseNingizimu Afrika eSao Paulo wuMnu uMxolisi Mgojo, umengameli weBusiness Unity SA, owayeyisikhulu esiphezulu se-Exxaro Resources. Uyigagu futhi ugcizelele ukuthi ithimba leNingizimu Afrika lisekwe kahle kangakanani.
Yinto nami engiyibonile, ikakhulukazi indlela ithimba laseBrazil eliseseke ngayo ngesikhathi lidlulisa izintambo zokuhola iB20, lisebenzisa amava abo ukusicathulisa. Ithimba laseMelika nalo lisisizile futhi limagange ukuseseka ukulungiselela indlela esizohola ngayo iB20 ngonyaka ozayo.
Emcimbini lapho izintambo zidluliselwe khona, uMgojo wethule imigomo emqoka ezolawula indlela esizohola ngayo uma sesiphethe izintambo. Into yokuqala wukwakhela phezu komsebenzi osuwenziwe ngabasandulele. Uchazile izindlela esizokwakhela ngazo kulezi sekelo esezikhona.
Iqhinga elikhulu leNingizimu Afrika kuzoba wukukwazi ukuhlela nokwenza izinto. “I-B20 Brazil yenze umsebenzi omkhulu ukubalula izinto ezidinga ukwenziwa,” usho kanje. “INingizimu Afrika izogxila ekutheni izinto zenzeke kusetshenziswa imigomo ukuze kubenemiphumela ebonakalayo.”
UMgojo uthe kunezinto ezintathu iNingizimu Afrika ezokwakhela phezu kwazo eziyisisekelo seBrazil B20. Uthe okokuqala wukuqinisekisa ukuthi kwandiswa abantu besifazane ababamba iqhaza kanti uthe uma esho njalo kwachwaza indlu, kushaywa izandla ngesikhathi egcizelela ukuthi zonke izinhlaka eNingizimu Afrika zizoba no-50% wabantu besifazane engqungqutheleni yeB20 ngonyaka ozayo.
Ngizokukhumbuza Mxolisi!
Okwesibili wukuthi kwande ukubambisana kwamabhizinisi nohulumeni ukufeza izinjongo zokuthuthukisa inhlakahle nomnotho. Ugcizelele ukuthi kukhulu okwazuzwa yiNingizimu Afrika ngesikhathi kuhlasele i-COVID-19 ngenxa yokusebenzisana kukahulumeni namabhizinisi okuqhubekile nokubonakala ezintweni ezinjezinguquko ezenzeka embonini kagesi neyezokuthutha, yize usemniningi umsebenzi okufanele wenziwe.
Uthe ukubambisana kwamabhizinisi nohulumeni kumqoka ukuxazulula izinselelo zezenhlalakahle, ikakhulukazi ngoba imigomo ihlanganiswe kubhekwa izinselelo ezikhona emhlabeni.
Okwesithathu kugxile ekuphuculeni ukubambisana phakathi kwamazwe. Inhloso wukuthi kubekhona ukubambisana okungcono phakathi kwamazwe athuthukile nasathuthuka nokubhekana nezinxushunxushu nezimpi ezikhona emhlabeni.
Miningi imibuzo abuzwe yona uMgojo ngokusebenzisana kwamabhizinisi nohulumeni ngesikhathi se-COVID-19. Nami ngibuzwe imibuzo eminingi ngesikwenzayo ukusebenzisana nohulumeni futhi kungikhumbuze ukuthi kubaluleke kangakanani ukuthi senze izinguquko ezinqinda umnotho ukuthi ukhule.
Kubemnandi ukuzwa iNingizimu Afrika iqhakanjiswa njengesibonelo esihle sokusebenzisana phakathi kwamabhizinisi nohulumeni ukuxazulula izinselelo zenhlalonhle nomnotho.