Uma izinguquko zingenzeka ngokushesha emachwebeni umnotho ungakhula ngo-3%, kuvuleke amathuba emisebenzi nabatshalimali baphose esivivaneni ukufukula umnotho waseNingizimu Afrika, kusho umlobi wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

INingizimu Afrika ingakwazi ukushintsha ngokushesha ukuqeda ukuntuleka kwemisebenzi, kuloba uBusi Mavuso

NGESONTO elidlule sizwe ukuthi isibalo sabantu abangasebenzi eNingizimu Afrika sinyukele ku-32,9%, okusho ukuthi umuntu oyedwa kubantu abadala abathathu akasebenzi. 

Lezi balo zitshengisa ukuthi umnotho wethu uthwele kanzima ngenxa yokungasebenzi kahle kwezinto, ezingalungiswa izinguquko. Asisakhulumi manje ngokuthi kufanele yini izinto zishintshe kodwa sikhuluma ngokuthi singazishintsha kangakanani ngokushesha.  

Lezi zinto yizona ebeziseqhulwini ngesonto elidlule ngesikhathi kwethulwa iBLSA Reform Tracker eGoli naseCape Town. Leli ziko elizolandelela ukuthi izinguquko zithulwa kanjani, lizobheka izinto eziwu-240 okufanele zishintshwe kuhulumeni wonke futhi kuzobanombiko ozimele ongasetshenziswa ngabaholi bamabhizinisi nohulumeni ukusheshisa ukuthi kubenenqubekelaphambili.

Leli ziko akulona nje elokugada umsebenzi kodwa likhombisa ukuzibophezela kwethu ukushintsha izinto ngezinhloso ezinhle nokuba nendlela yokubheka ukuthi umsebenzi uqhubeka kanjani. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/08/14/i-blsa-ithule-ithuluzi-elizokhombisa-izinguquko-ezenzeka-emnothweni/

Kunezinto ezikhuthazayo eziqhamukayo, yize kukhona izinto ezibambezelekile. Okuhle wukuthi ukucinywa kukagesi kuphelile, into ebibonakala ingeke yenzeke ezinyangeni eziwu-18 ezidlule ngesikhathi ukuhamba kukagesi amahora ayisishiyagalombili bekuphazamisa impilo nsuku zonke. 

Amachweba nezitimela kuyathuthuka, ukuphasisa ama-visa sekuyasheshiswa futhi sesingaphuma noma yinini ohlwini okufakwa amazwe athathwa njengangenayo imithetho eqinile ukulwa nokushushumbisa imali, i-grey list.

Nokho kwezinye izindawo ezimqoka, izinto zihamba ngonyawo lonwabu. Amachweba asalawulwa yinkampani eyodwa, into eletha ingozi enkulu. Yize kukhona izinto eziphucukayo kancane kodwa sidinga izinguquko ezinqala ngokuthi kuvunyelwe imboni ezimele ukuthi ibambe iqhaza futhi itshale imali. 

Ukubambezeleka kwaloku eDurban Container Terminal njengoba sekuyiswane enkantolo kukhombisa ukuthi kwenzekani uma izinto zingaphethwe kahle njengoba kuhlehlisela emuva ngisho izinguquko ezizosiza. 

Njengoba eshilo uMnu uSaul Musker we-Operation Vulindlela eCape Town, iNingizimu Afrika ihlukile kwamanye amazwe emhlabeni ngokubanenkampani eyodwa elawula wonke amachweba ayo, izitimela nomthetho. Loku kwenza ukuthi kubenengozi yokuthi uma izinto zibheda kuyona kubeke yonke into nengqalasizinda yethu yokuhweba engozini. 

Undunankulu waseNtshonalanga Kapa uMnu u-Alan Winde ukhumbuze abebekhona ukuthi iJalimane neNetherlands benzenjani ngesikhathi kuphazamiseka ugesi wabo ngenxa yempi yase-Ukraine. 

IJalimane yakha i-liquefied natural gas terminal yayo yokuqala esikhathini esingaphansi kwezinsuku ezingu- 200, yasusa yonke imithetho eyayiphazamisa, yakwazi ukubanegesi eyayiyithola eRussia.

I-Netherlands yashesha kakhulu kunaloku. Loku yizibonelo zezinto ezenzekayo uma kugxilwe ekusheshiseni izinto. Uma kunezinto eziyingozi, ohulumeni bayakwazi ukunciphisa isikhathi, esikhundleni seminyaka kubeyizinyanga ukususa izithiyo ukusiza abantu abenza izinqumo.

Ukuntuleka kwemisebenzi ezweni lethu yinkinga ephuthumayo. Uma sibheka ukuthi umnotho uzokhula ngaphansi kwango-1%, kunezigidi okufanele ngabe ziyasebenza ezizoqhubeka zivaleleke ngaphandle. 

Uma umnotho ungakhuli ngokungaphezu kwango-3%, ngeke ibekhona imisebenzi emisha. Imiphumela yaloku akusiko nje loku esikubona ezibalweni, ukuntuleka kwemisebenzi kuholela egebeni lokungalingani, kuphazamisa ukuhlalisana kahle futhi kwenza abantu baphelelwe yithemba ezinhlakeni zentando yabantu. Asikhulumi nje lapha ngesikuncamelayo uma sikhuluma ngemigomo, silwela ukusimamisa iNingizimu Afrika. 

I-BLSA Reform Tracker ihlose ukuthi abantu bazimele izinqumo zabo. Leli ziko lizofaka ulwazi olusha njalo ngekota noma njalo nje uma kukhona into entsha futhi enkulu eyenzekayo ukukhombisa izinguquko ngaleso sikhathi zenzeka, ngesikhathi ziqhubeka nezinselelo. Abantu bangagxila kuphela kwabafuna ukwazi ngakho ezintweni eziwu-240 ezizobhekwa.

Iphini likangqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Ashor Sarupen noWinde baqinisekise ukuthi sebevele bayibhekile iTracker ukuze amathimba abo agxile ezindaweni izinto ezitotobayo kuzona. 

Ungqongqoshe womNyango wokuHlela uNks uMaropene Ramokgopa uyithakasele, wathi izolekelela umsebenzi abavele bewenza wokugada umsebenzi bewuhulumeni.

Le ndlela ezimele yokuhlola izinto futhi esobala izofaka ingcindezi efanele ukuze kuthi uma kujatshulelwa inqubekelaphambili kubeyinqubekelaphambili efanele. 

Impumelelo idinga ushintsho kuhulumeni wonke kuphele ukwamukela ukuthi “yiyona ndlela izinto ezenziwa ngayo” kodwa kusheshiswe izinto. Akufanele sibekezelele ukubambezeleka kwezinto nokuloku sibeka izaba. 

Zikhona izinto okufanele sakhele phezu kwazo, okuyizisebenzi zikahulumeni ezizibophezele ukuletha ushintsho, amakhono kwabamabhizinisi nezinsizakusebenza nezinguquko okufanele sizibeke eqhulwini. 

Esikudingayo wubuholi obungashintshi futhi obubuka izinguquko zomnotho ngendlela efanayo nephuthumayo njengeJalimane ngesikhathi ilungisa inkinga kagesi.

Uma sizoqhubeka ngomgqigqo esenza ngawo silungisa indaba yokucinywa kukagesi futhi sibe siphuthumisa izinto ezindaweni ezisalele emuva, umnotho ungakhula ngokungaphezu kwango-3% eminyakeni emibili. 

Yilapho isibalo sabantu abangasebenzi sizoqala sehle khona, kwande imali etshaliwe futhi iNingizimu Afrika ibuyele kulesiya sikhathi lapho umnotho wayo wawuqhuba kahle. 

I-Reform Tracker izobheka ukuthi sizimisele kangakanani ngesikhathi esizibekele sona noma sizovumela esinye isizukulwane sibeyizibukeli nje ezweni laso. Kusezandleni zethu nokuthi siphuthuma kangakanani.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page