Sizobathinta kanjani abathengi iSabelomali sango-2025, kuloba uThabani Ndwandwe
ABANTU baseNingizimu Afrika bebeyilindele ngabomvu inkulumo kangqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana yeSabelomali sango-2025 , benethemba lokuthi kuzothathwa izinyathelo zokunciphisa ukudonsa kanzima ngokwezimali.
ISabelomali size nezinto ezihlukene, yize besizama ukulungisa indlela uhulumeni osebenzisa imali ngayo kodwa kolunye uhlangothi izindleko zizonyuka kubantu njengoba kunyuswe intela.
Umbuzo uthi loku kuzomthinta kanjani umuntu waseNingizimu Afrika ophila impilo ejwayelekile?
Ake sibheke izinguquko ezibalulekile nokuthi zisho ukuthini kubathengi. Ukunyuka kwentela ekhokhwa uma uthenga izimpahla i-value added tax (i-VAT)
Ezinye zezinguquko ezigqame kakhulu wukunyuka kwe-VAT, ezokhuphuka isuka ku-15% iye ku-15.5% ngomhlaka-1 kuMeyi wango-2025, iphinde iye ku-0.5% ngo-2026, okuzoyibeka ku-16%.
Kubathengi loku kusho ukuthi izimpahla abazisebenzisa nsuku zonke zizobiza kakhulu, kusukela kugesi, izingubo kuya kwezinto zokuthutha nezinto zokuzinakekela.
Nakuba ukudla okuyisisekelo kusaloku kungakhokhi i-VAT futhi kwengezwe nokunye ohlwini, iqiniso wukuthi izinto eziningi ezibalulekile zizokhuphuka amanani, okuzokwandisa ingcindeni yezimali emakhaya.
Loku kunyuka kwamanani ezimpahla kuzozwela kakhulu kubantu bahola kancane nokuthiwa bahola kangconywana njengoba i-VAT iyintela ebuyisela emva, okusho ukuthi ithatha ingxenye enkulu yemali engenayo evela kwabampofu kunevela kwabacebile.
Nakuba kungekho ukukhuphuka okuqondile kwentela ekhokhiswa izisebenzi nabantu abangenelwa yimali kodwa uhulumeni awuzange ucabange ngokwehla kwamandla emali.
Loku kusho ukuthi njengoba amaholo enyuka ngenxa yokwehla kwamandla emali, abantu abaningi baseNingizimu Afrika bazofakwa kuma-tax bracket entela aphezulu, bakhokhe intela eyengeziwe nakuba bengaholi imali eyengeziwe.
Abasezingeni eliphakathi nabasebenzayo bazowuzwa umphumela waloku njengoba amaholo abasala nawo ezoncipha yize imiholo izobe inyusiwe.
Okuhlonyulwe ngabashayeli bezimoto kuncane njengoba intela ekhokhwa uma ufaka uphethroli (i-general fuel levy nesiza abalimele ezingozini eya kwiRoad Accident Fund (iRAF levy) ingeke ishintshe.
Lesi sinyathelo sehlisa intela ebizokhokhwa ngoR4 billion futhi kuvimbela ukunyuka kakhulu kwentengo kaphethroli.
Kubantu abaphuzayo nababhemayo, iSabelomali siletha ezinye izindleko njengoba kunyuka intela yale mikhiqizo minyaka yonke. Imi kanje:
• Intela yotshwala izokhuphuka ngo-6.75%;
• Ubhiya owu-340ml unyuka ngo-15c;
• Ibhodlela lewayini lizonyuka ngo-38c;
• Ibhodlela likagologo eliwu-750ml lizonyuka ngo-R5.97;
• Izindleko zogwayi zikhuphuka ngo-4.75% (6.75% izigazu nemboza);
- Iphakethe logwayi lizobiza imali ethe xaxa;
• Izibhawubhawu zizobiza kakhudlwana.
Uhulumeni uthi ukunyusa le ntela kuzosiza njengoba ufuna abantu baphile kahle. Noko, kubathengi kusho ukuthi ukuphuza nokubhema kuzothatha ingxenye enkulu yemali yabo.
Izigidi zabantu eNingizimu Afrika zithembele kwizibonelelo zikahulumeni. Uhulumeni uzinyuse kancane izibonelelo, okuzokwenza zinhambisani namanani okudla okusho ukuthi abazitholayo basazobbhekana nobunzima bokukhokhela izinto ezibalulekile njengoba amanani eloku ekhuphuka.
Uhulumeni wabele iPassenger Rail Agency of South Africa (iPrasa) uR19.2 bn ukuze ilungise izinsiza zezitimela, ihambisana nesamba esiwu-R11.8bn wezinhlelo zengqalasizinda.
Uma lezi zimali ziphathwa kahle, abagibeli bangazuza ngokugibela ezokuthutha ezingcono nezishibhile. Noko uma kubhekwa ukuphatha budedengu izabelomali zengqalasizinda, kuzobaluleka ukuthi kubenabantu abazochaza ngokusebenza kwayo ukuze abantu baseNingizimu Afrika babone ushintsho oluzokwenzeka.
Uma kubhekwa lezi zinguquko, abantu kufanele babenamasu amasha okusebenzisa imali. Naku okungenziwa ngabathengi:
1) Lungisa isabelomali sasekhaya. Lindela amanani aphezulu ngezinto ezibalulekile nezingabalulekile ngokufanayo.
2) Sebenzisa izaphulelo zentela yokonga. Sebenzisa ngendlela efanele imali ozoyonga emalini oyilondolozile okubalwa i-tax free savings, i-medical aid nasemalini oyongela umhlalaphansi.
3) Qaphela izindleko zikaphethroli nezokugibela. Uma izinhlelo zokuthuthukisa iPrasa ziphumelela, ezokuthutha ngezitimela kungaba ngenye indlela eshibhile yokuhamba kunezimoto.
4) Shintsha indlela ophila ngayo. Njengoba izintela zikhuphuka, ukunciphisa utshwala nokubhema kungonga imali eningi.
Okokugcina, kuzoba wunyaka onzima kubathengi. Nakuba uhulumeni utshale imali ngendlela ephusile, lesi Sabelomali sithwalisa abantu baseNingizimu Afrika ijoka ngenxa ye-VAT ephezulu, ukungashintshi kwentela yabantu abasebenzayo nokunyuka kwentela yogwayi neyotshwala.
Ukuze umnotho ukhule ngendlela efanele, iNingizimu Afrika kufanele ibeke eqhulwini ukwakha amathuba omsebenzi, ukukhula komnotho nokusebenzisa imali ngendlela ezosiza umphakathi ngoba uma ingakwenzi loku isengcupheni yokuthwalisa abantu kanzima eminyakeni ezayo.