Sengathi i-Eskom isazoqhubeka ibhekane nomqansa nezinselelo zemali, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Isazodonsa kanzima i-Eskom nokuzozwela kumakhasimende kagesi, kuloba uJabulani Sikhakhane

ISAZOQHUBEKA nokwenyuka intengo kagesi njengoba i-Eskom ithi kusadingeka inyuswe kakhulu ukuze le nkampani kahulumeni ephehla ugesi imelane nezinkinga zayo zezimali.

Siloba-nje, i-Eskom isifake isicelo sokunyuselwa intengo kagesi ngo-36% ngonyaka wezimali zale nkampani wango-2026. Lesi sicelo esiphambi kweNational Energy Regulator of South Africa (iNersa) silandela iminyaka ewu-15 (kusuka ngo-2009 kuya ngo-2024) intengo kagesi odayiswa womasipala yenyuka ngo-10.5% unyaka nonyaka. Omasipala bathenga ugesi ku-Eskom.

Phezu kwaloku, i-Eskom yehluleka wukungenisa imali engakwazi ukumelana nezidingo zale nkampani. Sekugcine ngokuthi isizwe wumNyango weziMali. Lolu sizo luzokwehlisa isikweletu sale nkampani sisuka ngaphezu kwaR400 billion , siyofinyelela ngaphansana kwaR270bn, okuyinani le nkampani ethi ingakwazi ukumelana nenzalo yalo.

Esicelweni esiphambi kweNersa, i-Eskom ithi kusadingeka inyuswe kakhulu intengo kagesi ukuze ikwazi ukuvuselela isimo sayo sezimali. Inkinga enkulu yale nkampani wukwenza imali ewukheshi engaphezulu kwezidingo zayo. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/02/16/isabelomali-kufanele-sicacise-nge-eskom-kusho-izingqapheli-uslindile-khanyile-uyabika/

Ukuthola ukheshi ewudingayo le nkampani inemithombo emibili. Owokuqala yimali eyithola kuhulumeni. Nokho uhulumeni, ikakhulukazi umNyango weziMali, usuyidonse ngendlebe ukuthi kumele ifinyelele esimweni lapho ikwazi ukuzimela, inganciki kuwo.

Ne-Eskom iyavuma ukuthi usizo lukahulumeni alusona isisombululo esiwunomphelo ezinkingeni zayo.

Indlela yesibili wukunyusa amanani kagesi. Lapha kudingeka ukuthi intengo kagesi inyuke ifinyelele ezingeni lapho ihambisana nezindleko zayo, phecelezi, i-cost reflective tariff.

I-Eskom ixwayisa ngokuthi uma inganyuswa intengo kagesi kuyosho ukuthi kuzofanele iqhubeke ixhaswe wuhulumeni, okuyosho ukuthi abakhokhintela yibo abayoqhubeka bathwale i-Eskom. Ithi ukusekwa wuhulumeni kuyophambana nenqubo kahulumeni ethi abantu abasebenzisa into kumele bakhokhe izindleko zayo, phecelezi, i-user pay principle.

Nokho ukunyusa intengo kagesi kudala izinkinga. UNgqongqoshe owengamele ugesi, uDkt uKgosientso Ramokgopa, usanda kumemezela ukuthi izindleko zikagesi kufanele zibuyekezwe wuhulumeni. 

Uthe ukunyuka ngesivinini kwentengo kagesi eminyakeni ewu-15 edlule sekwenze imindeni eminingi, ikakhulukazi eyabantu abahola kancane nabahluphekayo, ixineke kakhulu.

NeBhange loMbuso ngonyaka odlule laveza ukuthi izakhamuzi zaseNingizimu Afrika azisakwazi ukumelana nezindingo zika-Eskom zokwenyuselwa intengo kagesi. Leli bhange lathi ugesi ubalulekile kakhulu kwintuthuko yezwe nokusimama kwalo. Ugesi udingeka kuzo zonke izingxenye zomnotho. Izakhamizi nezinkampani zidinga ugesi ezingakwazi ukumelana nezindleko zawo futhi otholakala ngaso sonke isikhathi. 

Eminyakeni ewu-15 edlule i-Eskom ihluleke kuzona zombili lezi zinto. Noma ukunqanyulwa kukagesi izikhawu sekunezinyanga kwamiswa kodwa kukekwanda kakhulu eminyakeni edlule. Okwesibili, intengo yawo isineminyaka ikhuphuka.

IBhange loMbuso lithi kunomehluko phakathi komthwalo wosomabhizinisi nowezakhamazi ngokwenyuswa kwentengo kagesi. Intengo ekhokhwa wosomabhozinisi baseNingizimu Afrika ingaphansi kweyabalingani babo kwamanye amazwe, ikakhulukazi eYurophu, eSouth East Asia, e-Brazil, eRussia, eChina naseNdiya. Intengo ekhokhwa yizakhamuzi zaseNingizimu Afrika ingaphezu kweyezakhamuzi zala mazwe.

Leli bhange lithi okunyusa intengo kagesi kakhulu yimali esetshenziswe yi-Eskom ukwakha iziteshi ezintsha iMedupi neKusile nokuvuselela ezindala. Phakathi kwango-2007 nango-2021, lezi zindleko zafinyelela kuR680bn. Lezi zindleko zinyuswa kakhulu yinkohlakalo eyenza le nkampani ibesemuva ngokuphothula iMedupi neKusile, okwagcina ngokudla i-Eskom uR33bn odingekayo ukuphothula lezi ziteshi.

I-Eskom yayihlose ukwakha lezi ziteshi ngokushesha ngenxa yokuthi kwase kusondele ukuthi iNingizimu Afrika ifike esimweni lapho iziteshi ezazikhona zingakwazi ukumelana nezidingo zikagesi zomnotho nezezakhamuzi. 

Inkinga wukuthi konke loku kwakufanele kwenziwe yinkampani eyayingasenamakhono nonjiniyela abanamava  alo msebenzi njengoba kwasekuphele iminyaka ewu-20 ingazange yakhe isiteshi esisha sokuphehla ugesi. 

Uma kwenzeka loku enkampanini, kuvame ukuthi abantu abanamava okwakha iziteshi babesebethathe umhlalaphansi, behamba nenzululwazi yomsebenzi walolu hlobo. Abalulekile amava alolu hlobo, ikakhulukazi emsebenzini obucayi ofana nokwakha iziteshi zikagesi ezidinga iso  elibanzi lobuchwepheshe.

Konke loku, nokudliwa kwezimali, kubenesandla ekunyukeni kwezindleko zokwakha lezi ziteshi ezintsha, okunyusa nemali okwadingeka ukuthi i-Eskom iyiboleke. Ukunyuka kwemali ebolekwayo kunyusa izindleko zenzalo yayo. Izindleko zokuboleka imali zinegalelo ezingeni lokunyuswa kwentengo kagesi.

Enye inkinga ebhekene ne-Eskom wukwehla kokuthengwa kukagesi awuphehlayo. Izinkinga ngokungatholakali kukagesi ngaso sonke isikhathi kule minyaka edlule nokunyuka kwentengo yawo sekwenze amakhasimende amaningi afune ezinye izindlela zokuphehla ugesi. Phakathi kwazo singabala ezisebenzisa imisebe yelanga.

Nasesicelweni sokunyuselwa intengo kagesi salo nyaka i-Eskom ithi kulindeleke ukuthi lehle inani likagesi wayo othengwayo ngenxa yokwanda kokusetshenziswa kukagesi ophehlwa ngezindlela ezingangcolisi umkhathi, ezifana nemisebe yelanga nomoya. 

Loku kusho ukuthi i-Eskom izoqhubeka nokudinga ukunyuselwa intengo kagesi ewuphehlayo ukuze inyuse imali eyingenisayo. Zimbili phela izindlela zokwandisa imali engenayo: ukwenyusa intengo yento edayiswayo nokwandisa amanani ayo.

Konke lokhu kusho ukuthi izakhamuzi zisazothwala kanzima kakhulu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page