Osopolitiki nezisebenzi zikahulumeni kudingeka basondele kwabampofu ukuze baqonde ubunzima babo, kuloba uJabulani Sikhakhane
OHULUMENI abavamile ukucubungula ngezindleko ezithwalwa yizakhamuzi uma zifuna ukuthola izinsiza zikahulumeni.
Umsuka walezi zindleko kungabayindlela umthetho osungula izinsiza ophasiswe ngayo, imisebenzi yeminyango kahulumeni noma indlela izisebenzi zikahulumeni eziziphatha ngayo emsebenzini.
NgesiNgisi lezi ndleko zibizwa ngama-administrative burden. Zihlukaniswa izigaba ezintathu.
Esokuqala siqondene nezindleko izikhamuzi ezingena kuzo ukuze zithole ulwazi ngohlobo lwezinsiza ukuze zazi ukuthi zivumelekile yini ukuthola lezo zinsiza, yimiphi imigomo ehambisana nazo nokuthi kufanele zithathe ziphi izinyathelo ukuzithola (lezo zinsiza).
Esesibili sithinta izindleko ezithwalwa yisakhamuzi uma sifaka isicelo sokuthola izinsiza. Phakathi kwalezi zindleko singabala imininingwane edingwa wuhulumeni ukuthatha isinqumo sokuthi isakhamuzi singathola uhlobo oluthile lwensiza. Izindleko zemali yokugibela – zokuya emahhovisi kahulumeni, imali ekhokhwa ehhovisi likahulumeni (njengeyokufaka isicelo) noma izindleko zabameli uma isakhamuzi sifuna ukuvikela amalungelo aso.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/06/18/izisebenzi-zikahulumeni-azisazazi-izinkinga-ezibhekene-nomphakathi-kuloba-ujabulani-sikhakhane/
Ezinye izindleko kungaba ngezidalwa yinkohlakalo yezisebenzi zikahulumeni. Ziyizinhlobo ezimbili. Kungaba yimali isakhamuzi esiphoqeke ukuyikhokhela isisebenzi ukuze sithole usizo noma imali esiphoqeka ukuyikhokha uma sithatha izinyathelo zokuphikisana nenkohlakalo.
Esesithathu isigaba salezi zindleko esiqondene nengcindezi yangokwengqondo izakhamuzi ezibhekana nayo uma zizama ukuthola izinsiza. Isibonelo, ezinye izinsiza zihambisana nemigomo elawula ukuthi izakhamuzi kufanele zivumele uhulumeni ukuphenya ngempilo yazo.
Isibonelo lapha yisibonelelo sabantu abangasebenzi i-Social Relief of Distress Grant (iSRD) eyasungulwa ngesikhathi se-Covid-19. Uhulumeni ulunguza kuma-akhawunti asebhange abantu abathola lesi sibonelelo esiwuR370 nyanga zonke. Uma kutholakala ukuthi kukhona enye imali engena kwi-akhawunti yabo siyanqanyulwa isibonelelo sikahulumeni.
Yingakho uma abantu abathola lesi sibonelelo bephiwa imali yizihlobo nabangani baye bacela ukuthi ithunyelwe kubo ngezinye izindlela ukuze ingabonwa ezikhulwini wuhulumeni. Ukuthola imali ngezinye izindlela kungahambisana nezinye izindleko.
Miningi imibiko yezikhalo ngaloku abantu abathola lesi sibonelelo bebika ukuthi bazithola sebekhishiwe okwesikhashana kuso. Izinhlangano ezilwela amalungelo abantu zibika ukwanda kwalezi zikhalo. Zithi lo mgomo kahulumeni uthwalisa izakhamuzi ezincike kulesi sibonelelo kanzima.
Zibika ukuthi kunabantu abathola itoho, okungaba elezinsukwana, inyanga noma izinyangana. Uma nje kukekwangena imali kuma-akhawunti abo, iSouth African Social Security Agency imisa uR370. Inkinga ngaloku wukuthi uma seliphelile itoho, isakhamuzi kufanele sibuyele emahhovisi kahulumeni siyochaza isimo saso ukuze sibuyiselwe isibonelelo.
Ngaphezu kwalezi zindleko zemali nesikhathi, enye inkinga edalwa yilo mgomo wukuthi wenza abantu bangabi magange ukufuna itoho. Yincane le mali yesibonelelo njengoba ingaphansi kakhulu kwenani elithathwa njengelanele izindleko zokudla okudingwa wumuntu ngenyanga ukuze athole umsoco namandla okusebenza komzimba.
Leli nani liwuR796 ngenyanga (uma kusetshenziswa izindleko zokudla ngoMeyi wangonyaka odlule), ngokweStatistics South Africa (iStats SA). Njengoba leli nani lishiya ngaphandle ezinye izindleko zempilo, lithathwa njengesikali sobuphofu obunzima kakhulu.
Emndenini wabantu abane, lesi sikali sibekwa ngaphezudlwana kwangoR3 000 ngenyanga.
I-Stats SA ithi ukuze umuntu amelane nezindleko zokudla nezinye izidingo zempilo, isikali sobuphofu kufanele sibekwe kuR1 634 ngenyanga. Nalapha emndenini wabantu abane isikalo siba nguR6 536 ngenyanga.
Loku kuchaza ukuthi umuntu othola uR370 ngenyanga ngeke akwazi ukuziphilisa. Ukuze aphile kufanele enze eminye imizamo yokuthola imali engaphezu kwalesi sibonelelo. Kodwa umgomo kahulumeni uthi uma ethola enye imali – ngomsebenzi noma usizo oluphuma ezihlotsheni noma abangani – kufanele ame ukusithola.
Njengoba iNingizimu Afrika ikhungethwe ukungabibikho kwemisebenzi, abantu abafesayo bayaphoqeka ukuthi babambe itoho. Sekujwayelekile ukuthi abaqashi batshele isisebenzi setoho ukuthi bazosikhokhela ngokufaka umholo ebhange.
Lesi sibonelo siyisikhumbuzo sokuthi izindleko ezithwalwa yizakhamuzi uma zifuna ukuthola izinsiza ezikhishwa wuhulumeni zihleli kanzima emahlombe abantu abancike kakhulu kwizinsiza kuwona (uhulumeni). Lapha kukhulunywa ngezakhamuzi ezingenamandla emali okuzimela.
Okwesibili, kuvame ukuthi kubeyizakhamuzi ezingenalwazi ngamalungelo azo. Ngamanye amazwi azikwazi ukuphikisana nezikhulu zikahulumeni.
Nakwipolitiki azivamile ukubanezwi elizwakalayo, okuchaza ukuthi izinkinga ezibhekene nazo zithatha isikhathi eside ngaphambi kokuthi uhulumeni enze izinguquko. Kwesinye isikhathi kuze kudingeke ukuthi kungenelele abantu abalwela amalungelo abantu bamangalele ohulumeni ezinkantolo, kube yizona eziphoqa uhulumeni ukuthi enze izinguquko.
Yingakho nje kudingeka ukuthi kosopolitiki, izisebenzi zikahulumeni namalungu esishayamthetho kuxube abantu abasondelene kakhulu nabantu abahluphekayo, abathembele ezinhlelweni zikahulumeni.
Loku kungabenza basheshe bathole ulwazi ngezindleko nezinkinga ezitholwa yizakhamuzi uma zizama ukuthola izinsiza.
