Ukubawumninimuzi ngesinye sezinqumo ezibalulekile endleleni abantu abaphatha imali ngayo, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Amanani ezindlu ayisibuko ngesimo sezwe, kuloba uJabulani Sikhakhane

IBALULEKILE intengo yezindlu, okuyitemu esilisebenzisa ukuhlanganisa izindlu namaflethi) ezweni. Iyinkomba enkulu yesimo somnotho wezwe nenhlalonhle nje yesizwe. Ziningi-ke izizathu ezidala ukunyuka nokwehla kwentengo yezindlu.

Ukuba wumninimuzi kuvame ukuthi kubeyisinyathelo esibaluleke kakhulu ekuphatheni izimali kubantu abaningi. Sihambisana nesikhwama sempesheni. Kubantu abaningi, ubunikazi bendlu nesikhwama sempesheni kubayizimpahla ezisemqoka kakhulu. Loku kusho ukuthi lezi zinto yizona umuntu angakwazi ukuzishiyela abantu bakubo nezizukulwane ezilandelayo.

Ukunyuka kwentengo yezindlu kungenye yezinkomba ezinkulu zethemba ngekusasa kwrzakhamuzi. Ukwehla kuyinkomba yokuncipha kwamathemba ngekusasa.

Nokho, ziningi ezinye izizathu ezingadala ukwehla nokunyuka kwentengo yezindlu.  Esokuqala kungaba wukwehla nokunyuka kwemali yenzalo emalini amabhange abolekisa ngayo. Ukunyuka kwemali yenzalo, ikakhulu uma kwenzeka ngesivinini, kungenza abathengi abaningi bangakwazi ukumelana nezindleko zokukhokhela ibhange. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/09/04/usimeme-umnotho-ngekota-yesibili/

Mibili imiphumela yalesi simo sokunyuka kwemali yenzalo. Owokuqala, wukuthwala kanzima kwabantu asebevele bengabanikazi bezindlu. Owesibili, abantu abanesifiso sokuthenga bakuthola kunzima ukuboleka imali ebhange ngoba esimweni sokunyuka kwemali yenzalo amabhange enza kubenzima ukubolekisa ngemali yokuthenga indlu.

Esinye sezizathu zokunyuka noma ukwehla kwentengo yezindlu kuba yinani lezindlu ezakhiwa ezweni noma ekhosombeni elithile lezwe. Inkomba ebhekwa kakhulu lapha yinani lamaplani okwakha izindlu aphasiswa yiziphathimandla.

Phela izinkampani ezakha izindlu akuvele kuse sezinqume ukuthi zifuna ukwakha izindlu endaweni ethile. Kumele zithole umhlaba lapho zingakha khona nemvume yokwakha kulowo mhlaba. Kwenye inkathi umhlaba lowo wawubhaliswe ngokuthi ungowezolimo, okusho ukuthi kumele ushintshwe ubewumhlaba wezindlu zokuhlala abantu.

Lezi zinkampani kudingeka zisebenzisane nomasipala, ikakhulu mayelana nezidingo zikagesi, amanzi nokuthutha indle. Ezweni elifana neNingizimu Afrika, lapho omasipala bengasebenzi ngendlela efanele, loku kusho ukuthi ukuphasiswa kwamaplani okwakha izindlu kuthatha isikhathi.

Ukushoda kwezindlu ezintsha kungabanomphumela entengweni yezindlu esezivele zikhona uma kunabantu abaningi abafuna ukuthenga imizi. Ngokunjalo, ukwanda kwemizi eyakhiwayo ngesivinini esedlula inani labathengi kungehlisa amanani ezindlu esezivele zikhona.

Singexwayisa nokho lapha ngokuthi loku akwenzeki ngendlela efanayo ezweni lonkana. Ungathola ukuthi endaweni ethile yaKwaZulu-Natali intengo yezindlu iyenyuka noma iyehla.

Nalapha ziningana izizathu ezingadala loko. Isibonelo nje ukwakhiwa kwesikhumulo sezindiza iKing Shaka International Airport kwabhebhezelwa wukuthuthukiswa komhlaba osenyakatho yedolobha laseThekwini.

Umhlaba owabe ungowezimoba iminyaka eminingi waphendulwa izindawo zokuhlala namabhizinisi. Loku kuthuthukiswa kwenyakatho yedolobha laseThekwini sekwenabele nasemhlabeni ongaphambi kweKing Shaka.

Ngakho-ke ungathola ukuthi intengo yezindlu entshonalanga yaseThekwini ihlukile kunentengo yakwezinye izindawo ezingaphansi kukaMasipala waseThekwini nezisondelene nawo. Uma inani lezindlu ezakhiwa enyakatho yaseThekwini zidlule inani labathengi, ingehla intengo yezindlu ezindala, okungasho ukuthi abanikazi bazo ngeke bathola imali eningi uma beyithengisa.

Okunye okusemqoka ngentengo yezindlu ubudlelwano phakathi kwentengo yezindlu nokwanda noma ukwehla kwemali yokuqasha. Ukwenyuka kwentengo yezindlu nemali yenzalo emalini ebolekwayo uma umuntu efuna ukuthenga indlu, kushiya abantu abaningi abafuna izindlu bengakwazi ukuboleka imali emabhange.

Abadinga izindlu babheka kwezokuqasha. Nakule makethe libalulekile inani labantu abafuna izindawo zokuqasha. Okwesibili, nesimo sezimali sabantu abafuna ukuqasha, noma abavele beyiziqashi, sibalulekile.

Umbiko wephaphandaba laseMelika, i-Wall Street Journal, uveza ukuthi izinkampani zakhona zandisa izindlu zomqasho ngenxa yokwanda kwabantu abazidingayo. Inani labaqashi landiswa wukushoda kwezindlu ezindaweni lapho abantu befuna ukuthenga khona, ukunyuka kwentengo yezindlu nenzalo yemali ebolekwayo ukuthenga indlu.

Nalapha, inkomba enkulu ngekusasa lezindlu zokuqasha kuba amaplani aphasiswayo inyanga nenyanga ngomasipala, okuyimininingwane eqoqwa ishicilelwe yiStatistics South Africa.

Umbiko webhange iFNB uveza ukuthi u-83% wabaqashi wakhokha imali yentela ngesikhathi ezinyangeni ezintathu (u-Ephreli kuya kuJuni) ngo-2024, okuyizinga elithathwa njengeliphezulu. 

Nokho inani lezindlu ezingenaziqashi lakhombisa ukunyuka kancane, lafinyelela ku-4.87% uma liqhathaniswa nelezinyanga ezintathu zokuqala konyaka (uJanuwari kuya kuMashi).

I-FNB ixwayisa ngokuthi le mininingwane akufanele ithathwe njengenkomba eqinile yokwehla komfutho emakethe yokuqasha. Nokho, ithi ukwehla kwemali yenzalo amabhange abolekisa ngayo imali kwabafuna ukuthenga izindlu, kuzosho ukuthi emva kwesikhathi lizokwanda inani labantu abafuna ukuthenga izindlu kunokuthi babeyiziqashi.

Esinye sezizathu zokunyuka kwentengo yezindlu kungabawukwanda kwabathengi abaqhamuka kwamanye amazwe. Noma kukhona nabantu abasuka kwezinye izifundazwe zaseNingizimu Afrika beyothenga eNtshonalanga Kapa, imakethe yezindlu kulesi sifundazwe iqhutshwa kakhulu ngabathengi baphesheya.

Zimbili izizathu zaloku – yizindleko zokuthenga kumuntu ongena kuleli zwe nemali yaphesheya nesimo senhlalo kulesi sifundazwe.

Umthengi oqhamuka eYurophu no-€500 000 wemali yakhona unamandla acishe afinyelele kuR10 million uma eseyishintsha le mali eyenza eyakuleli zwe. Ababaningi abantu bakuleli zwe abanamandla okuthenga indlu ebiza ngalolu hlobo.

Yingakho-ke iFNB ithi kuzoqhubeka ukunyuka kwentengo yezindlu eNtshonalanga Kapa, kuthi iKZN ibemaphakathi nendawo. Izoqhubeka ukwehla intengo yezindlu eGauteng, ikakhulu edolobheni iGoli.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page