INingizimu Afrika namanye amazwe abangavumi uTrump noMusk bawasebenzise ukwenza imali, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

U-Trump noMusk ngamabhoklolo afuna umhlaba uzwe ngawo, kuloba uSandile Gumede

KUNOMKHUBA wasekweluseni owawenziwa yizingqwele noma amabhoklolo wokubambisa abafana abancane iqanda lenjelwane. Loku kwakwenzelwa ukuthi abafana bakhaliphe bangavumi noma yini futhi uma unqaba wawuzokubona okwabonwa uSawuli.

Kwesinye isikhathi loku wawukwenza kukubi kukhala isibhaxu, ushaywa womdala noma ibhoklolo lasekweluseni.

Ngesinye isikhathi kwakwenzeka kuphathwe nomphako noma loku kwakungavamisile. Kwakwenzeka ugcine ungakudlanga kwaloko kudla, kudliwe yingqwele. Lapho izothi idla ukudla kwakho ithi shaya izandla uhlabelele uthi “iyadla inkosi, idla ukudla kwayo”, lapho ithumbu lakho liyakhala ngenxa yendlala.

Angiqondile ukukhuluma ngezinto zasekweluseni kodwa ngikhuluma ngemikhuba kamengameli waseMelika uMnu uDonald Trump nobhululu wakhe uMnu u-Elon Musk, efana nse neyamabhoklolo asekweluseni. Bakhombisa ukuba ngamabhoklolo afuna umhlaba wonke uzwe ngawo.

Okwenza babebabi kakhulu wukuthi baqamba amanga bakhala ngemithetho yokudla umhlaba wabelungu eNingizimu Afrika. Khona kuyinto engathusi ukuthi amaMmelikana awazazi izinto eziningi ezenzeka ngaphandle kwezwe lawo kodwa loku kugcwaneka okwenziwa yilaba kudlulele. Kuzoba nomphumela omubi emnothweni waseNingizimu Afrika njengoba vele amazwe amaningi “ephila” emseni weMelika.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/01/29/izinqumo-zikatrump-ziyisikhumbuzo-sokuthi-amazwe-kufanele-athembele-emnothweni-wawo-kuloba-ujabulani-sikhakhane/

U-Musk ufana nomuntu ophehla amanzi amnyama njengoba azalelwa kuleli zwe kanti uyise nodadewabo basazinze lapha. Isenzo sakhe sikhombisa ukuthi akanandaba nezwe azalelwa kulona noma kukhona umqondo alele kuwona.

U-Musk ufuna ukusebenzisa ukusatshwa kweMelika ngokwezikhali nangomnotho ukuzodla umnotho weNingizimu Afrika. Njengoba bametasa nokuhubhuza akabhejane akhinyabeza umnotho wezwe kuzodala ukuthi iNingizimu Afrika igcine ngokuzincengela kubona ukuze baxegise isitilobho. Loku kungaholela ekutheni bazicanasele uma abaholi bethu beke bathamba njengotamatisi.

Noma kuyinkinga ukulwa namabhoklolo kodwa ububhululu bukaMusk noTrump buyingozi, hhayi kithina (iNingizimu Afrika) kuphela kodwa emhlabeni jikelele.

Okuthokozisayo wukuthi nabantu bangakubo sebebonile ukuthi uTrump nobhululu bakhe bayingozi. U-Trump usanda kuhlangana nondunankulu wakwa-Israel uMnu uBenjamin Netanyahu, osethathwa njengomgulukudu yinkantolo yamazwe omhlaba i-International Court of Justice.

Lapha usabise ngokuthi iMelika izodla umzila ngokutshala amasosha eGaza, indawo ebangwa ngamaJuda namaPhalestina. Loku kukhombisa ukuthi le mpi ayikezukuphela njengoba oTrump beqhubeka nokuzifaka ezindabeni zamanye amazwe.

IMelika, uTrump noMusk kufanele banqandwe kungaze konakale kakhulu emhlabeni bona bebebenza imali, nokuyiyona abahlangane ngayo. U-Musk usebenzisa inkundla yokuxhumana i-X, inkampani ayithenga iwuTwitter eminyakeni edlule, ukufafaza amanga nenzwabethi ukufeza izinhloso zakhe.

Laba babhemu bangamabhoklolo afuna ukukhothanyelwa wumhlaba bese ezichanasela nje, abantu basale bedla imvuthuluka esale kuwo.

Amazwe omhlaba kufanele angavumi ngoba loku kufana ncamashi nokumbiswa iqanda lenjelwana.

  • USandile Gumede uwumbhali ozimele nomfundi wePhD in Media Studies e-University of Witwatersrand

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

https://iono.fm/p/2014

Inqolobane

You cannot copy content of this page