USolwazi uBonke Dumisa ukhumbula umngani wakhe oshone ngempelasonto, uMnu uTito Mboweni, owake wawungqongqoshe womNyango wezemiSebenzi, oweziMali nomphathi weBhange loMbuso. Izithombe: Zithunyelwe

Umngani wami uMboweni ubekhaliphile, ethembekile, ewumzimb’ oqinile

AKUJWAYELEKILE ukuthi usebenzise la magama amane alandelayo: usozimali, unembeza, iqiniso, ukuthembeka uma ukhuluma ngosopolitiki lapha eNingizimu Afrika nasemhlabeni wonke. 

Imvamisa osopolitiki badume ngokubanamanga nokubangabantu abanenkohlakalo yokuntshontsha noma ukusebenzisa imali yomphakathi budedengu. 

Seloku kudlule emhlabeni uMnu uTito Mboweni, owayengungqongqoshe wokuqala ngqa womNyango wemiSebenzi ngaphansi kukahulumeni wokuqala wentando yabantu owawuholwa wuMengameli uNelson Mandela, sekukhulume noma kwabhala izinkulungwane zabantu nabahlaziyi. Akukho noyedwa engisamuzwe egxeka uMboweni.

Loku akujwayelekile ukwenzeka lapha ezweni lapho kunabantu abahlale begxeka kwasani, ikakhulukazi ngoba uMboweni ubewusozimali onezigidi zakhe.

Sikhumbule ukuthi uMboweni waphatha izikhundla eziningi kuhulumeni. Ngo-1994 kuya ngo-1999 wayewungqongqoshe womNyango wemiSebenzi, kwathi ngo-1999 kuya ngo-2009 wabawumphathi wokuqala omnyama weBhange loMbuso iSouth African Reserve Bank. 

Wabawumphathi waleli bhange wesishiyagalombili seloku lasungulwa ngezikhathi zobandlululo. Yingakho abantu abaningi abajwayele ezeBhange loMbuso bembiza ngo“Governor #8”, isiteketiso abesithanda naye uqobo. 

UMboweni waphinda wabawungqongqoshe womNyango weziMali kusukela ngo-2018 kwaze kwabawu-2021. Kuzo zonke lezi zikhundla uMboweni “washaya into ecokeme”, enza umsebenzi oncomekayo ngaphandle kwezinsolo.     

Mina-ke uSolwazi uBonke Dumisa, ngiwumhlaziyi ozimele wezomnotho nommeli wasemajajini obuye abambe esobujaji, akungithusanga futhi ngangikulindele ukuthi  uMboweni uzovelela empilweni. Mina noMboweni sineminyaka ewu-43 sazana, kusukela sisengabafundi ngo-1981 eNational University of Lesotho, edume ngokuthi iRoma, eLesotho. 

UMboweni wafika eLesotho ekudingisweni ngo-1980 benomngani wakhe uMnu uNgoako Ramatlodi besuka e-University of the North, eyayibizwa ngeTurfloop, kodwa manje esibizwa nge-University of Limpopo. Bangifica eRoma sengiqedela izifundo zami ze-BCom (Accounting) kanti uMboweni wayenza izifundo i-Economics ne-Political Science. 

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/04/05/siyabuya-isithunzi-se-sars/

Mina ngangiwu-DJ eRoma. UMboweni nabangani bakhe bona babehlale bekhuluma ngepolitiki, ukuthi umbuso wobandlululo uzosuswa kanjani nokuthi inqubo yobandlululo yona izojikwa kanjani ukuthi wonke umuntu waseNingizimu Afrika ahlomule kwezomnotho nezepolitiki. 

Okwakuhlekisa wukuthi bona labo ababehlala bekhuluma ngezombusazwe wawusubabona sebengena lapho sasizidansela khona “sidla ubusha bethu”. 

Into engizama ukuyicacisa lapha wukuthi iRoma yasifundisa sisebancane ukuthi ukuze uphumelele empilweni kufanele ukwazi ukuthi ukubamba iqhaza elibalulekile kwezombusazwe akusho ukuthi kufanele “ubeyisidindi nje”, into eshiyekayo ezintweni ezinye ezibalulekile kubantu abasha nasemphakathini wonke. 

Yingaleso sikhathi lapho sasiye siphikisane sibuye sivumelane ngokuthi sifuna iNingizimu Afrika enjani ngemva kobandlululo. Yingakho-ke bebaningi abantu ababeseRoma asebebambe iqhaza emikhakheni ehlukene eNingizimu Afrika ebuswa nguhulumeni wentando yabantu. 

Iziqu eRoma zazenziwe ngendlela eyayenza ukuthi umfundi akwazi ukugxamalaza emikhakheni ehlukene, njengoba uMboweni ahlanganisa ezomnotho nepolitiki kanti mina ngahlanganisa i-Accounting nezinye izifundo ezihambisana nezomnotho nezamabhizinisi.

UMboweni wenza izifundo i-Master of Arts in Development Economics e-University of East Anglia eNgilandi. 

Yilezo zizathu uMboweni ephumelele ezikhundleni eziningi azibambile emhlabeni wonke. Sibala ukuba yi-regional advisor eGoldman Sachs International, ukuhlala emabhodini eDiscovery, inkampani yezimayini yaseChina esebenzisana noMengomeli waseRwanda uMnu uPaul Kagame ekuguquleni i- African Union iZijin Platinum, i-trustee nosihlalo we-African Union Peace Fund, lapho esebenzisane nabantu okubalwa kubona uMoussa Faki Mahamat, usihlalo we-African Union.

Ubengomunye wabaphethe i-Asia School of Business ezinze eMalaysia. Wake waba ngushansela e-University of Limpopo. Ushone ewushansela weSefako Makgatho University, eyayibizwa ngeMedunsa kudala.

UMboweni, uNkk Mamosilo Dumisa, uSolwazi uBonke Dumisa, uMfu uMichael Lapslely noKarabo Dumisa mhla kwethulwa incwadi kaLapslely i-Priest and Partisan eMgungundlovu, eKZN, ngo-1994

Uyabona-ke ukuthi uMboweni uzakhele ngokwakhe izigidi zemali ngokusebenzisa amakhono akhe emikhakheni ehlukene. Akazange azakhele imali ngamathenda kahulumeni.

UMboweni ubengumTsonga. AmaTsonga anesisho esithi mintirho yavulavula, esichaza ukuthi yimisebenzi ekhulumayo. Siyabonga ngamagalelo akhe. Uyibekile induku ebandla. Wenze wonke umsebenzi wakhe ngokuzikhandla, ngeqiniso, ngokwethembeka, ewusozimali ononembeza. 

Ukube impilo iyabuyela emuva, bengingake ngiphindele ezinsukwini zami zakudala zokuba wuDJ eRoma, ngidlalele uMboweni ingoma kaCasper Nyovest ethi Tito Mboweni ngibone ukuthi ubengayidansela kanjani, ngoba cha ubengaphiwanga ukudansa emaphathini. 

  • USolwazi uDumisa uwumhlaziyi wezomnotho ozimele 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page