AkuSabelomali sabantu lesi ngaphandle kwezwi labantu, kuloba iCry of the Xcluded
ISABELOMALI esisanda kubakhona siyimbibizane kubantu abahluphekayo, abasebenzayo nabangasebenzi. Ungqongqoshe womNyango womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana noHulumeni woBumbano-mbumbulu baphinde bethula Isabelomali sobasi, amabhange nosozigidi, hhayi esethu.
ISabelomali sesithathu siwukukhaphela abantu nokuqhubeka nohlelo lokonga olwehlulekile olwenze imiphakathi yasala dengwane, lwacekela phansi ikusasa lesizukulwane sonke.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/05/21/izembe-likahulumeni-ligawule-nxa-zonke-ukuvala-isikhala-se-vat/
Basibiza ngeSabelomali “sokuhlenga” kodwa kuhlengelwa bani? Kwabaphezulu! Kuhlengelwa imboni ezimele, abatapi abagqoke amasudi abadla igazi leningi. Uma kulamba izigidi zabantu, izingane zibulawa yindlala nabantu abasha bebhuquza ekhaya bengasebenzi futhi bengenathemba kodwa lo hulumeni usitshela ukuthi asizincishe kodwa bona bayatamuza, batamuza amabhonasi, izimali zokubatakula nezivumelwano esithe.
Benza sengathi banikela okuncane kwezempilo nemfundo kodwa amenenjana angasondeli nakancane ekulungiseni umonakalo owadalwa yisihluku seminyaka sokunqamula. Kunezikhala ezingaphezu kweziwu-100 000 ezingagcwalisiwe ezikhungweni zikahulumeni. Kunemitholampilo enganabahlengikazi, izikole ezingenathisha nezibhedlela ezingenadokotela.
Lesi Sabelomali asenzi lutho ukubhekana nenkinga yangempela ekhona ezweni lethu; okuwukuntuleka kwemisebenzi. Cishe uhhafu wabantu ezweni awusebenzi! Yinhlekelele ezweni lonke kodwa iSabelomali asikuboni loku. wuphatha njengento eza ngemuva. Uhlelo-mbumbulu lwabo lwenza kubelula ukuthi amabhizinisi amakhulu asixhaphaze ngokwenza ukuthi izinkampani zikahulumeni ziye ezandleni zabazimele, ukuqeda imithetho ekhona nokubambisana okubeka inzuzo phambili. Ngeke kudale imisebenzi loku kodwa kuzoyiqeda.
Yini i-Operation Vulindlela? Wukuvula indlela yokuthi imboni ezimele ithathe ugesi wethu, ojantshi bethu nomhlaba wethu. Lokhu akuyona intuthuko, wukuphucwa isibili.
Sithi cha ekubambisaneni kukahulumeni nemboni ezimele. Sithi phambili nemisebenzi yomphakathi nezinsiza ebantwini.
Ukuhoxisa usizo olubalulekile, njengokunyusa izibonelelo nokuqeda intela ekudleni kwabantu, kukhombisa unya lwalesi Sabelomali. Bayazi ukuthi abantu babulawa yindlala kodwa baqhubeka nokwenzelela izicebi. Ngenkathi isibonelelo sesondlo sezingane singaphansi kakhulu namanani okudla, uhulumeni unesibindi sokunyusa izindleko zikaphethroli, okunyusa ukudla nezokuthutha abantu abahluphekayo.
Yindluzula ngomthetho lena. Sifuna ukuphuma kule nto. INingizimu Afrika idinga iSabelomali sabantu esibeka eqhulwini imisebenzi, ukudla, umhlaba, izindlu nesithunzi, hhayi inzuzo, ukukleliswa kahle ngezikweletu nokutshala imali kwemboni ezimele.
Nakhu esikudingayo:
Sidinga izinhlelo zokuqasha abantu eziwukhukhulelangoqo, ukuvuselela izwe lethu ngemisebenzi enesithunzi yawo wonke umuntu.
Okwesibili, imali yesibonelelo efukula wonke umuntu ngaphezu kwesikali semali yokuphila, izindlu zomphakathi, ezokuthutha nemisebenzi kagesi ukuvuselela izimboni nentuthuko yendawo.
Okwesithathu, sifuna intela yezicebi kubantu abacebe kakhulu ukukhokhela izidingo zabantu, kuphele ukwazisa ukonga nezinsika ezimise imboni yezimali ezisibopha ngamaketango ukuthi sihlale sihlupheka.
Abantu abazange bavotele lesi Sabelomali. Asisivumi. Siyanqaba. Ngeke sibeyizibukeli kucekelwa phansi impilo yethu. Yizwe lethu leli futhi sizolilwela.
Singabanenye iNingizimu Afrika kodwa uma sihlela ukuyilwela.
- I-Cry of the Xcluded ibunjwe yiSouth African Federation of Trade Unions, i-Association of Mineworkers and Construction Union ne-Assembly of the Unemployed ukuhlanganisa izisebenzi emzabalazweni wemisebenzi, izidingo nesithunzi