Umnotho wethu uyahluleka kanti kufanele sikulungise loku, kuloba uBusi Mavuso
ISINQUMO senye yezinhlangano ezibuyekeza indlela amazwe aphatha ngayo umnotho nokuthi akwazi kangakanani ukukhokha izikweletu zawo iS&P Global sokuphinde iklelise kahle iNingizimu Afrika uma ibheka okulindeleke kuyona siwubufakazi bokuthi yini eyingozi.
I-S&P ibona okungahle kuzuzwe nokungaphucula indlela esikleliswe ngayo uma izinguquko ezinqala zingaqhubeka nokuthela izithelo eziqinisa umnotho nokwehlisa isikweletu sikahulumeni. Ibuye ikhulume ngengozi ekhona uma izinguquko ezinqala zingaqhubeki, nokuzobhebhezela ukwehla komnotho noma kushode imali kakhulu kunokulindelekile futhi kunyuse inzalo.
Ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana uzokwethula iSabelomali kuleli sonto kodwa abatshalimali bazobheka kakhulu ukuthi osopolitiki basamukela kanjani. UmNyango weziMali awuguquki endleleni owenza ngayo ukuqinisekisa ukuthi iSabelomali asinyusi isikweletu sethu futhi ngilindele ukuthi iSabelomali esethulwa namhlanje siyibambe kanjalo.
Kepha njengoba ingeke isanyuka intela ebanjwa ezimpahleni i-value-added tax, okwakuphakanyiswe kwiSabelomali sokuqala, kufanele sizithibe ekusebenziseni imali. Ngifisa ukubona kakhulu ukuthi sizothembeka kangakanani ekubukeni indlela izingxenye zikahulumeni ezisebenza ngayo, ikakhulu ezingenzi imisebenzi ethinta wonke umuntu.
Kule minyaka ewu-30 edlule sekubenohulumeni abehlukene, bonke abaqhamuke nezinhlaka futhi nezinhlelo ezihlukene. Akuzona zonke esiyibonayo into esiyikhokhelayo ngazo. Njengoba senza embonini ezimele, uma isabelomali sishoda kufanele sinciphise ezindaweni ezingasibuyiseli olutheni.
Inkinga enkulu ebhekene nosopolitiki bethu wukuthi abakwazi ukubuyekeza izinto ngendlela engenzeleli, kwazise abalandeli bamaqembu ehlukene bathinteka ngezindlela ezihlukene. Yingakho nje umThethosisekelo wethu uvikela ukuzimela kwezinhlaka ezihlukene, okubalwa kuzona i-Financial and Fiscal Commission, iBhange loMbuso nomNyango weziMali.
Abasihlanganisela umThethosisekelo babona ukuthi izinhlaka zomnotho zibucayi futhi zidinga ukuvikelwa kubantu abacabangela imanje ngenxa yezinhloso zabo zepolitiki. Umbuzo okufanele uphendulwe ngeSabelomali othi: yiziphi izinto okungancishiswa kuzona ngaphandle kokuphazamisa ukusimama komnotho?
Kufanele sibheke izindawo sisebenzisa ubufakazi bese siyanciphisa. Lona wumsebenzi okufanele wenziwe wongoti baloku kanti umNyango wethu weziMali unabantu abafanele ukwenza lo msebenzi.
Ngithemba ukuthi ungqongqoshe womnyango uzokwazi ukumemezela izinyathelo ezifanele zokunciphisa izindleko futhi ngithemba ukuthi osopolitiki bazomeseka ngokushesha. Yiloku okuzokhulula abatshalimali babone ukuthi siyizwe elikwazi ukuphatha izimali zalo ngendlela efanele.
Uma senza kanjalo ababolekisa ngemali bazoqhubeka nokusithemba. Sizogcina siwutholile umvuzo ngokuthi sibuyele ekuklelisweni namazwe okuthiwa kuhle ukutshala imali kuwona, okuzonciphisa izindleko zokuboleka imali, sihehe abatshalimali futhi sikhulise umnotho.
Enye yezinselelo iSabelomali esibhekene nayo wukuthi indlela umnotho okulindeleke ukhule ngayo isiyehlile kusukela ngoFebhuwari ngesikhathi siqala ukwethulwa. Kusho ukuthi inciphile imali ezongeniswa yintela, okusho ukuthi kuzobawumqansa kakhulu ukubhalansisa amabhuku futhi kucacisa kakhulu ukuthi kubaluleke kangakanani ukukhulisa umnotho.
Loku kuzwakale kakhulu emhlanganweni wamabhizinisi nohulumeni ebesinawonomengameli ngesonto elidlule. Bekucace bha kuwona wonke umuntu ukuthi ibucayi kangakanani indaba yendlela umnotho okulindeleke ikhule ngayo. Sesivumelene ukuphuthumisa izinguquko ngokwethula izinhlelo “ezisheshayo”. Sesandise nezikhathi esizohlangana ngazo njengoba esikhundleni sokuhlangana njalo ngekota, sesizohlangana njalo emva kwamasonto ayisithupha.
Loku kutshengisa ukuzimisela nokuphokophela kukamengameli nethimba lakhe. Sibonile ukuthi kunezinto eziningi kusukela odabeni lezohwebo emhlabeni kuya kwipolitiki ezweni lethu ezingaphazamisa imizamo yezinguquko kodwa kufanele siphokophele futhi sigxile kokufanele sikwenze.
Noma kungenzekani emazweni omhlaba, izinguquko zethu ezinqala zimqoka emnothweni wethu. Ezinye izimboni ezinjengeyokuthutha izimpahla zisele emuva kodwa umhlangano ucacisile ukuthi loku kufanele kulungiswe. Ngikujabulele ukubona indlela okuphuthunyiswe ngayo ukulungisa izwe lethu futhi nokuqinisekisa ukuthi kunemigomo efanele.
Ngesonto elidlule sibone nezibalo ezitshengise ukuthi isibalo sabantu abangasebenzi siyaqhubeka nokunyuka. Kungaba wuhulumeni uzama ukubhalansisa amabhuku noma abantu abazama ukuthola umsebenzi, umnotho uyehluleka. Kufanele siwulungise futhi ngibonile ngesonto elidlule ukuthi bazimisele kangakanani uhulumeni namabhizinisi ukukwenza loku.
Kunginike ithemba elisha ukuthi abantu baseNingizimu Afrika sebeziqonda kahle izinselelo esibhekene nazo futhi bakulungele ukuzixazulula. ISabelomali esibheka kahle zonke izinto nokucophelela, simqoka. Osopolitiki banethuba lokuqinisekisa loku emasontweni ambalwa ezayo.
