Abaholi beTransnet benzele izwe phansi ngokunyusa imiholo ngokungaphezu kwamandla emali, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Sidinga izinyathelo ezinqala nobuholi okuzofaka iTransnet emgqeni, kuloba uBusi Mavuso

NGISHAQEKILE ngesonto elidlule ukubona iTransnet igoba uphondo ngenxa yokuthi izinyunyana zisabise ngokuteleka, yavuma ukuzinyusela imiholo ngo-6% eminyakeni emithathu ezayo. 

Lesi sivumelwano sitshengisa ukuhluleka kwabaholi ezinhlangothini zombili – izinyunyana ezivuthayo zisabisa ngokuteleka nabaphathi abavele bathamba. 

Esikhathini lapho amabhizinisi enciphisa izindleko futhi izisebenzi zingasezidilizwe, ezakwaTransnet zizonyuselwa imali ngokuphindaphindiwe emandleni emali, okuzokhokhelwa ngabakhokhibentela abavele bethwele kanzima. 

Amandla emali ami ku-2.7%, kanti umnotho kulindeleke ukuthi ukhule ngo-1.4% kulo nyaka. Lezi zindaba zivele emva kwezinsukwana umNyango weziMali uvume ukulekelela iTransnet ngesinye isibambiso ukuze ikwazi ukumelana nesikweletu sayo esiloku sinyuka.  

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/05/21/umnotho-wethu-uyahluleka-kanti-kufanele-sikulungise-loku-kuloba-ubusi-mavuso/

Embonini ezimele, lesi simo somnotho esingesihle siphoqa ukuthi kuboshwe izifociya. Izimenenja zibheka izindlela zokunciphisa izindleko nokuzama ukubambelela emalini ukubhekana nezikhathi ezinzima. 

Akubuzwa ukuthi ezinye izinkampani zizowa futhi izisebenzi zizophelelwa wumsebenzi. Kodwa izinyunyana zisabise ngokumisa imboni yokuthutha izimpahla ngaphandle uma zizonikwa yonke into eziyifunayo, okutshengise ukungabinandaba nesimo somnotho esisithinta sonke.

Loku kushaqisa kakhulu uma ucabanga nokuthi iTransnet ineqhaza elingakanani enkingeni yomnotho esibhekene nayo. I-Transnet ingenye yezimbangela ezinkulu zokungakhuli komnotho. USolwazi waseStellenbosch University uJan Havenga ulinganise ukuthi umnotho ulahlekelwa wuR1 billion njalo ngosuku ngenxa yezimpahla ezingathutheki ezweni nasemachwebeni ezwe.

Loko kuthi akulingane nokuqeda isabelomali sikamasipala ophakathi nendawo zonke izinsuku. Kulingana no-5% womthamo womnotho. 

Izinyunyana zenza sengathi siphila emhlabeni esingabonanga eminyakeni ewu-15 edlule lapho umnotho wawukhula ngokungaphezu kuka-5% futhi nohulumeni usala nemali uma usukhokhele izindleko. Kunaloko siphila esikhathini lapho iGoodyear Tyres idilize khona izisebenzi ezingaphezu kweziwu-900 emva kokuvala ifemu eyasungulwa eminyakeni ewu-78 edlule eMpumalanga Kapa, okuzothinta nezinkulungwane zemisebenzi kwezinye izimboni ebisebenzisana nazo. 

Yisikhathi lapho iSouth African Breweries ixoxisana khona nezinyunyana ngokudiliza izisebenzi enkampanini yonke, lapho izimayini ezweni lonke zidiliza izinkulungwane zezisebenzi ngoba umkhiqizo wazo awufinyeleli emakhasimendeni. Kuzo zonke lezi zinto, okwenziwe yizinyunyana zaseTransnet kunesandla ekupheleni kwale misebenzi.  

Ukuhluleka lapha kukabili: wukunqaba kwezinyunyana ukumukela umholo ohambisana nendlela izisebenzi ezenza ngayo nokungaphikeleli kwezikhulu ekwenzeni loku. Uma izisebenzi zinganyuselwa imali ngokokusebenza kwazo, singakweseka loko. 

Amabhonasi angahambisana nokwana kwemithamo yezimpahla ezithuthwayo emachwebeni nasezitimeleni noma ngokwendlela amachweba akleliswa ngayo uma kuqhathaniswa nakwamanye amazwe, okumanje iklelisa amachweba aseNingizimu Afrika kwahlulekayo ukwenza umsebenzi. Kunaloko, izinyunyana zifuna isiqiniseko sokuthi zizonyuselwa imali noma ngabe le nkampani iyayiphucula indlela esebenza ngayo noma cha.  

Loku kwenza kusebenzeke kabi njengoba izinyunyana zibona uhulumeni njengomshini wemali, i-ATM yazo. Izinyunyana embonini ezimele ziyaqonda ukuthi izinkampani kufanele zenze kahle ukuvikela imisebenzi kodwa ezaseTransnet zingafuna izinto ngisho kuthiwa umsebenzi awenzeki kahle nokukhinyabeza umnotho kakhulu. 

Ngaphezu kwaloko, sebenesinye isivumelwano esiqinisekisa imisebenzi kulesi sivumelwano semisebenzi, okunqinda amandla eTransnet ukushintsha nokubuyekeza izinto.

Izinyunyana ziyazi kahle into eziyenzayo. Ziyakuqonda ukuthi ukusabisa ngokuteleka, zizompintshela iTransnet nomnotho wonke ekhoneni. Ziyazi ukuthi uhulumeni uyohlale ugoba uphondo kunokuthi kuphazamiseke ukuthutha izimpahla. 

Sengibhale kaningi ngezixazululo esizidingayo eTransnet, okufaka nokuthi imboni ezimele itshale imali nokuncintisana. Kodwa inqobo nje uma izinyunyana zikwazi ukuphazamisa noma ngabe yiluphi uguquko ngokusabisa ngesiteleka, sizoloku sibhajwe ekutheni le nkampani ayisebenzi kahle kanjalo nokuhlale itakulwa.  

Sezikucacisile izinyunyana ukuthi zincamela ukuvikela amalungelo amalungu azo kunokuvikela umnotho wezwe. Isivumelwano semiholo sitshengisa ukuthi izinyunyana azisizi kangakanani ekuthuthukiseni umnotho weNingizimu Afrika.  

Sidinga ukuthi uhulumeni ushaye phansi ngonyawo. UmNyango weziMali kufanele ufune ukuthi kubenemibandela eqinile uma uzophinde utakule iTransnet. UmNyango weziMali kufanele ubeke imigomo ehambisana nendlela abantu abasebenza ngayo eqinile njengengabekwa inkampani ezimele uma ifisa ukutakulwa namandla okuphikisana nezinyunyana uma zinqaba kuguqulwe izinto.

Amabhizinisi bafisa ukubambisana neTransnet kodwa indlela izinyunyana ezenza ngayo ayisizi futhi ayikweseki ukuvuselela umnotho sonke esizama ukukwenza. 

Uma uhulumeni ungakayitholi indlela yokumelana nezinyunyana, abakhokhintela bazoqhubeka nokuthwala lo msebenzi wokushaya ndawonye. Kufanele izinyunyana zibeyingxenye yesixazululo sokuvuselela umnotho wethu kunokubhebhezela izinselelo obhekene nazo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page