Isimemezelo sikahulumeni waseNingizimu Afrika, esenziwe wuNgqongqoshe weZimali uMnu u-Enoch Godongwana, ngokuhlela kahle izisebenzi asicacile, kusho umlobi. Isithombe: Sithunyelwe

Uhulumeni kungenzeka uzigwaze ngowawo ngokunciphisa izisebenzi aziqashile, kuloba uJabulani Sikhakhane

UHLELO lukahulumeni waseNingizimu Afrika lokwehlisa isibalo sezisebenzi lungase ludale izinkinga ezingaphezulu kwalezi ozama ukuzixazulula. UmNyango weziMali umemezele ngenyanga edlule ukuthi uhulumeni usubeke isamba esiwuR11 billion sokuheha izisebenzi eziwu-30 000 ukuthi ziyeke umsebenzi.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/10/30/kunor11-billion-wokunciphisa-isibalo-sezisebenzi-zikahulumeni/

Inhloso yalolu hlelo wukwehlisa izindleko zokuqasha izisebenzi zikahulumeni wezwe nabezifundazwe. Sekuyiminyaka ongoti abacubungula ngokusebenza kukahulumeni bekhomba ukuthi iNingizimu Afrika ingelinye lamazwe asebenzisa imali eningi kahulumeni ukukhokhela izisebenzi. Bathi loku kushiya uhulumeni nemali encane ongayisebenzisela ukuthuthukisa izwe.

Uhulumeni uthi lolu hlelo oluzothatha iminyaka emibili luzokwenziwa ngendlela eyenza ukuthi uhulumeni ukwazi ukugcina izisebenzi ezinamakhono asemqoka emsebenzini. 

Okunye, lolu hlelo kuhloswe ngalo ukuthi kuvulelwe intsha enamakhono amathuba okwenyuswa ezikhundleni.

Lungase ludale izinkinga lolu hlelo, ikakhulukazi uma kucutshungulwa indlela izinhlelo ezifanayo zeminyaka edlule. Inkinga yokuqala wukuthi izisebenzi ezivame ukuthatha amathuba afana nazovulwa yilolu yilezo ezinamakhono namava omsebenzi.

Lolu hlobo lwezisebenzi kuvame ukuba ngabantu abangathola amathuba omsebenzi ezinkampanini ezizimele noma bazisungulele amabhizinisi. Zimbili izinkinga ezidalwa yiloku.

Eyokuqala, iminyango kahulumeni isala negebe, ikakhulukazi ohlangothini lwezisebenzi ezinamava namakhono omsebenzi. Kunoma iyiphi indawo yomsebenzi kubalulekile ukubanengxube yabantu abaneminyaka eminingi besebenza nalabo abasaqala. Loku kuvula ithuba lokuthi labo abasaqala bafunde kwabangaphambi kwabo ngokweminyaka yomsebenzi.

Awukho umsebenzi owenziwa ngamaphepha emfundo nje kuphela. Amaphepha avula amathuba okungena emsebenzini. Emva kwaloko kubaluleke ulwazi isisebenzi esinalo, hhayi ulwazi lwezifundo umuntu azenza enyuvesi, kodwa ulwazi ngesimo somsebenzi, ikakhulukazi ulwazi lokuxazulula izinkinga izisebenzi ezibhekena nazo nsuko zonke.

Isibonelo nje, kunomehluko omkhulu phakathi kukadokotela oseneminyaka esebenza nosanda kuqeda ukuqeqeshwa. Umehluko wukuthi udokotela oseneminyaka ehlola iziguli usenolwazi lokusheshe asole ukuthi inkinga ingabe idalwa yini ngokubheka isimo sesiguli futhi ezwe okuchazwa yisona. 

Loku kudalwa wukuthi unolwazi lweminyaka eminingi yokuhlola iziguli, hhayi imfundo yakhe yeminyaka engakhomba kuphela ukuthi igama lesifo. Amava okusheshe usole ukuthi inkinga idalwa yini sibalulekile. Singenza umehluko omkhulu phakathi kokuthi impilo yesiguli iyahlengwa yini.

Ake ngenze isibonelo futhi. Kudala ngake ngahambisa isihlobo sami esasikhala ngobuhlungu obugwazayo esiswini ngasihambisa kwingwevu kadokotela engivame ukuya kuyo. 

Yampotoza isisu, yathi akaphuthume esibhedlela sikahulumeni lapho ahlinzwa khona abatshele ukuthi kunamagciwane asengene lapho babemhlinze khona, okuyinto isibhedlela esingazange siyibone noma isiguli sesibike ubuhlungu.

Udokotela wagcizelela ukuthi isibhedlela kufanele simphuthumise emshinini wokuthatha izithombe zengaphakathi. Nempela kwaba njengokusho kukadokotela.

Nasemfundweni ngokunjalo amava kathisha enza umehluko  omkhulu. Loku kudalwa wukuthi uthisha oneminyaka efundisa usenolwazi olumenza asheshe abone umfundi onenkinga nokuthi leyo nkinga ingabanhloboni. 

Ngaphezu kwaloko, uthisha oneminyaka efundisa usenomqulu wakhe nje, ongatholakali lapho aqeqeshwa khona, wokuxazulula izinkinga zabafundi.

Ngaphandle nje kolwazi oluqukethwe yisisebenzi ngasinye, kubuye kubaluleke loku okubizwa phecelezi nge-institutional memory. Loku kusho ulwazi ngomlando womsebenzi, inhlobo yezinkinga okwabhekwana nazo kudala nokuthi zaxazululwa kanjani. 

Singalinganisa lapha ngokuhlasela kwe-COVID-19, okuyisimo esingajwayelekile amazwe omhlaba ayeqala ukubheka naso emva kweminyaka. Kubalulekile ukubanezisebenzi kwezempilo ezinolwazi ngesimo esifana nalolu bhubhane ukuze kuthi uma kuhlasela isimo esifanayo zikwazi ukusheshe ziqhamuke namacebo okubhekana naso.

Ukungabikhona kwalolo hlobo lolwazi lwaba nomphumela ongemuhle e-Eskom. Ngesikhathi le nkampani kahulumeni ibumba amasu okwakha iziteshi ezintsha zokuphehla ugesi iMedupi neKusile yayingasenazo izisebenzi ezinamava okwakha iziteshi zikagesi. Isizathu salokhu ukuthi kwase kuphele iminyaka i-Eskom yagcina ukwakha isiteshi sikagesi.

Ukungabibikho kwalolo lwazi akusona ukuphela kwesizathu sezinkinga i-Eskom eyabhekana nazo ngokwakhiwa kwalezi ziteshi ezingakapheli namanje, emva kweminyaka engaphezulu kweshumi zaqala ukwakhiwa. Ukwebiwa kwezimali nako kwabhebhezela izinkinga.

Yingakho nje uhulumeni kufanele uqaphele ngohlelo olumemezele ngesonto elidlule. Lungase ludale zonke lezi zinkinga esizibale ngenhla kule ngosi. 

Uhulumeni waseNingizimu Afrika akuwona wodwa obhekene nale nkinga. Nowase-United Kingdom (e-UK) useneminyaka ecishe ibewu-15 izama ukwenza izinguquko ngezisebenzi zikahulumeni.

Ngokombiko owakhiswa yi-Institute for Government, inhlangano ezimele ecwaninga ngomsebenzi kahulumeni, lezi zinguquko azikawenzi umehluko omuhle, ikakhulukazi oqondene nokwakuhloswe uhulumeni.

Lo mbiko uthi indlela uhulumeni wase-UK owasingatha ngayo izinhlelo zawo idale izinkinga ngoba izinguquko zokunciphisa izisebenzi ziphinde zandiswe esezenziwe eminyakeni ewu-15 azihlangene nokuhlelwa kahle kwezisebenzi, phecelezi i-workforce planning, okubheka izidingo zezinhlelo zikahulumeni zanamuhla nezangomuso.

Nohulumeni waseNingizimu Afrika awunalo uhlelo olucacile ngokuhlela kahle izisebenzi kubhekwa izidingo zezwe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page