U-Trump uyisikhumbuzo sokuthi amazwe athembele eminothweni yawo, kuloba uJabulani Sikhakhane
ISINQUMO sikamengameli waseMelika uMnu uDonald Trump sokumisa izinhlelo zokuxhasa amanye amazwe, phakathi kwawo okukhona neNingizimu Afrika, siyisikhumbuzo sokuthi izwe kufanele likwazi ukuzimela kwezezimali.
Uma iqhathaniswa namanye amazwe asathuthuka, iNingizimu Afrika inamandla kwezomnotho. Okokuqala, inamandla okuqoqa imali yentela, engaphezu kuka-25% womthamo womnotho, phecelezi i-gross domestic product. Abalulekile la mandla, njengoba amazwe amaningi e-Afrika, njengeNigeria nje, awafinyeleli naku-10%.
Amandla esibili awokuthembeka kwezimakethe zezimali, lapho ohulumeni beboleka khona izimali. Linomlando omuhle leli zwe kulo mkhakha kodwa lihluleka wukuyisebenzisa ngendlela efanele imali eliyibolekayo.
Amandla okuqoqa imali yentela ayisisekelo esiqinile okungakhiwa phezu kwaso izwe elingathuthuka. Nokho iNingizimu Afrika isikhombisile ukuthi ayikwazi ukusebenzisa la mandla ngendlela efanele. Ziningi-ke izizathu zaloku. Kwezibalulekile zingabala ukuntshontsha imali kahulumeni nokuthi ivame ukungasetshenziswa ngokucophelela.
Ngamanye amazwi la mandla akhomba ukuthi iNingizimu Afrika ingakwazi ukuzimela ngokwezimali. Nokho ukuhluleka kwayo kuyibeka engcupheni, ikakhulu njengoba ithanda ukuvula umlomo ngezindaba zamanye amazwe.
Uthe engena nje esikhundleni ngesonto elidlule uTrump wanquma ukuthi zonke izinhlelo zikahulumeni waseMelika zokuxhasa amanye amazwe kumele zimiswe isikhashana ukunika uhulumeni wakhe ithuba lokuzicubungula. Abaphethe lezi zinhlelo baphoqekile ukuthi batshele izinhlangano ezizimele ezixhaswayo ukuthi zimise ukusebenza kwazo, zingabe zisayithinta kwaleyo mali eseziyitholile.
Akukacaci ukuthi zinqumo zini eziyolandela okutholwa wucwaningo lukaTrump. Izinqumo zikaTrump zinyusa amaphaphu emhlabeni wonke. Ukumiswa kwale mali okuxhaswa ngayo izinyangana kusenziwa uphenyo kuzobeka engcupheni izimpilo zabantu emazweni ahlomulayo.
Yingakho nje uhulumeni kaTrump usubuye wamemezela kuleli sonto ukuthi izinhlelo ezinika abantu imithi esindisa izimpilo, ikakhulu eqondene nesandulelangculazi, zingaqhubeka nomsebenzi wazo.
Uma uTrump enquma ukuthi amazwe awathatha ngokuthi ayizitha zeMelika kufanele angaphinde axhaswe, iNingizimu Afrika ingenye yamazwe ayozithola enkingeni.
INingizimu Afrika inomlomo omude ezindabeni zamanye amazwe futhi ijwayele ukugxeka izenzo zamanye. Izithatha ngokuthi kufanele ihambisane nomthetheosisekelo wayo obunjwe phezu kwedwalwa lobulungisa nokuvikela amalungelo abantu.
Okwesibili, izithatha njengomkhulumeli wabantu emhlabeni jikelele abasacindezelwe.
Yingakho iNingizimu Afrika yasukumela udaba lwaseGaza ngonyaka odlule, yamangalela i-Israel kwenye yezinkantolo zomhlaba ngokugasela kwayo eGaza, ngenhloso yokubhubhisa izishoshovu zeHammas.
Lesi sinyathelo asemukelwanga kahle yizikhulu zaseMelika namanye amazwe angabangani be-Israel. Ngaphambi kwesigameko saseGaza iNingizimu Afrika yasolwa ngamanye amazwe, phakathi kwawo okukhona neMelika, ngokuthi ichema neRussia ngodaba lwempi yase-Ukraine.
Sekukaningi iMelika ikhononda ngobudlelwano beNingizimu Afrika ne-Iran, okuyizwe iMelika elithatha njengabaseki abakhulu babashokobezi abalwa ne-Israel.
Izinyathelo, izinkulumo, nobudlelwano iNingizimu Afrika enabo namanye amazwe, ikakhulu iMelika ewathatha njengezitha, kubeka engcupheni ubudlelwano beNingizimu Afrika neMelika kanye nabangani bayo.
Phezu kosizo lwezimali iNingizimu Afrika eluthola eMelika, la mazwe ayahwebelana kangangokuthi ngaphansana kuka-9% womkhiqizo wezwe odayiselwa amanye amazwe uya eMelika.
Okwesibili, izinkampani zaseMelika, phakathi kwazo esingabala ezakha izimoto nezemithi yokwelapha, sekuneminyaka zizinze kuleli zwe.
Okwesithathu, ukusebenza kwamabhange ezwe axhumene neyamabhange aseMelika, okuyinto ebalulekile kumabhange anamakhasimende, ikakhulu izinkampani, adinga ibhange elinobudlelwano namabhange omhlaba. Loku kwenza kubelula ukuthi inkampani ikwazi ukuhwebelana nezinye, ikhokhele izimpahla nezinye izidingo zayo.
Okwesine, izinkampani zezimali zaseMelika zingabathengi abakhulu bamabhondi akhishwa wuhulumeni uma uboleka imali ukuvala igebe phakathi kwemali ayithola ngentela nahlose ukuyisebenzisa unyaka nonyaka.
Izenzo noma izinkulumo ezinganambitheki kwiMelika zingabeka bonke lobudlelwano engcupheni. Phezu kwaloku izinhlelo zezempilo zezwe zixhaswa kakhulu kuhulumeni waseMelika. Njengoba esechazile ungqongqoshe womNyango wezeMpilo uDkt u-Aaron Motswaledi, u-17% wemali ewu-R44.4 billion izwe eliyisebenzisa ngonyaka ezinhlelweni zesandulelangculazi zivela kuhulumeni waseMelika.
Uma uTrump ekuhoxisa loku kuyosho ukuthi uhulumeni waseNingizimu Afrika kufanele uthole uR7.55bn wokuvala lesi sikhala, okuyisamba esingeke sitholakale kalula njengoba isimo sikahulumeni sezimali sekuyiminyaka sintenga.
Ukuthola lesi samba kuyosho ukuhlephula kwezinye izinhlelo zikahulumeni. Nezinye izinhlelo zikahulumeni zezempilo sekuneminyaka zingekho esimweni esifanele, ngenxa yokushoda kwezimali. Izibhedlela zikahulumeni aziphethwe ngendlela efanele kanti namabhilidi awekho esimweni esifanele izindawo zezempilo.
Sekuyinto yemihla ukufica ama-lift engasebenzi ngoba isibhedlela singenamali yokuwalungisa. Nezinto zokulala iziguli ziyashoda noma azikho esimweni esifanele indawo yezempilo. Nokudla okunikwa iziguli akukho esimweni esifanele.
Nakwezomnotho ngokunjalo, ziningi izinkomba zokuthi iNingizimu Afrika iyehluleka ukuphatha umnotho wayo ngendlela efanele. Sekuyiminyaka engaphezulu kweyishumi umnotho wezwe ukhula ngezinga eliphansi, ungakwazi ukumelana nezidingo zalo, ikakhulu ukwanda kwabantu abantula imisebenzi.
Okunye ukwanda kwenani lemali yentela eqoqwa wuhulumeni unyaka nonyaka kuncike kakhulu ezingeni lokukhula komnotho wezwe.
Nalapha, izwe elinomnotho ontengayo lizibeka engcupheni uma linomlomo omude ezindabeni zamanye amazwe. Kufanele likwazi ukuzimela kwezomnotho. Loku akusho ukuthi kufanele kubeyizwe elingahwebelani namanye amazwe kodwa kuchaza ukuthi kufanele likwazi ukumelana nezidingo zezakhamuzi, okuyinto osekucacile ukuthi iNingizimu Afrika ayikwazi ukuyenza.
