Umengameli uCyril Ramaphosa nabanye babaholi abebesengqungqutheleni yemboni yezimoto ngesonto elidlule. Loku kukhombisa ukuthi uhulumeni nemboni bayakuqonda okudingekayo, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Kuhle ukubona imboni yezimoto igxile kwikusasa, kuloba uBusi Mavuso

IMBONI yezimoto eNingizimu Afrika ingenye yalezo ezenza okukhulu emnothweni kodwa enganakwa kangako. Kungijabulisile ukubasengqungqutheleni yaminyaka yonke yale mboni eKapa, eNtshonalanga Kapa, ngesonto elidlule lapho bekubhungwa khona ngekusasa.

Le mboni kufanele iguquke iqale isebenzise uwoyela ohlanzekile, ikakhulukazi izimoto ezisebenzisa ugesi, kanti kukhulu okuxoxiwe engqungqutheleni ngalo mkhankaso. Bengingesinye sezikhulumi ezikhulume ngendlela amabhizinisi abona  izinto ngayo njengoba sekuphethe uhulumeni wobumbano nezinto ezinhle esezenzekile ezimakethe nasemabhizinisini.

Uhulumeni ungayisiza imboni ishintshe izinto ngokushesha ngaphambi kokuthi i-European Union ithule izinguquko ezozenza, ezizosho ukuthi sebezohlawuliswa abantu abanemikhiqizo enesisi esingcolisa umkhathi esiphezulu kakhulu. 

UMengameli uMnu uCyril Ramaphosa naye ukhulumile kule ngqungquthela wathi u-15% wemikhiqizo odayiswa kwamanye amazwe uqhamuka kule mboni kanti iqashe abantu abawu-116 000 ngqo abakhiqiza izimoto nezinsimbi zazo. 

Ubalule nokuthi sekuphele iminyaka ewu-100 iNingizimu Afrika yaqala ukukhiqiza izimoto eGqeberha ngo-1924. Wumlando omuhle lona futhi namanje le mboni inesandla esikhulu. Kubekuhle ukuzwa ekwenzayo ukulungiselela ikusasa. 

Baningi osopolitiki abatshengise ukuseka imboni njengoba bekukhona umengameli noNgongqoshe wokuHweba, iziMboni nokuNcintisana uMnu uParks Tau. Ukubakhona kwabo kuletha ithemba futhi kubenezingxoxo ezikhombise ukuthi impela osopolitiki bayakuseka ukukhula kwemboni nokuthi ikwazi ukuncintisana.  

Njengezinye izimboni zethu eziningi, nale mboni yezimoto ithwale kanzima ngenxa yokucinywa kukagesi nezinselelo zezokuthutha. Loko yinto esineminyaka inqinda ukukhula komnotho. Nokho manje isiyahlomula ekulungeni kwezinto okwenzakayo njengoba ugesi ususimeme kanti nesinyokotho emachwebeni sesiyaphunguka.

Idinga izitimela namachweba ukuze izimoto zifinyelele emazweni awu-148 adayiselwayo izimoto zenani eliwuR271 billion. Idinga nomasipala abasebenza kahle ukuze izindawo esebenzela kuzona zisebenze kahle. Loku kudingwa yiwo wonke amabhizinisi, nokungakho kumqoka ukubanengqalasizinda esebenza kahle komasipala. 

Imizamo yokuheha abatshalimali abazofaka imali kwingqalasizinda yiyonanto ebiseqhulwini kuRamaphosa kusukela abawumengameli njengoba kwasungulwa i-Infrastructure Fund, eyingxenye yale mizamo. Kungithokozisile ngesonto elidlule ukubona imizamo ethe xaxa yemisebenzi ezosheshisa ukutshala imali kwingqalasizinda. 

UmNyango wemiSebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda ne-Infrastructure South Africa bavule ukuthi kufakwe izicelo zokuxhasa lezi zinhlelo. Zonke izinhlaka zikahulumeni nemboni ezimele zingafaka izicelo zokuthi kusekwe imisebenzi yengqalasizinda yomphakathi engabasezimbonini ezihlukene kusukela kwezokuthutha kuya kwingqalasizinda kamasipala. 

Loku kuzoxazulula enye yezinselelo ezibhekene nale misebenzi, ukuyenza ihehe abatshalimali abazofaka imali bekhululekile ngoba yonke into edingekayo ukuyilungiselela isiyenziwe, okufaka nokubheka ingozi ehambisana nayo. 

Sekubenezikhalo eziningi zokuthi abantu abenza imisebenzi bayahluleka ukuyilungiselela ukuze ifinyelele ezingeni lokuthi idobe abatshalimali. Loku kubaluleke kakhulu uma kubhekwa leyo misebenzi ezokwenziwa ngokubambisana kukahulumeni nemboni ezimele, leyo cishe imboni ezimele ezotshala imali futhi yengamele nokwakha ingqalasizinda.

UNgqongqoshe wemiSebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda uMnu uDean Macpherson uthe ukuhlaba ikhwelo lalezi zicelo kuzokhulisa ithemba imboni ezimele enalo lokutshala imali kwingqalasizinda, nokumqoka uma kuzofakwa imali enkulu.  

Ungqongqoshe uthe uhulumeni uzimisele ngokuthi kunomsebenzi omkhulu wokwakha ezweni ukukhulisa umnotho nokwakha imisebenzi. Ngiyakuncoma loku. 

Kumqoka ukuthi kubhekwe ukuthi ingqalasizinda inasiphi isandla emnothweni njengoba ilekelela izinkampani ezifana nezikhiqiza izimoto nezinsimbi zemoto ukuthi zisebenze kahle. Ingqalasizinda akuyona into yokwakhiwa nje, yize yakha imisebenzi ngesikhathi sokwakha noma sekuphelile.

Into enkulu wukuthi yenza izinkampani nosomabhizinisi bakwazi ukufinyelela kumakhasimende futhi zisebenze kahle. Loku kwenza zitshale imali, nokuyilapho kwanda khona imisebenzi futhi nomnotho ukhula khona.  

Kokubili ingqungquthela yeNational Association of Automobile Manufacturers of South Africa nesimemezelo somNyango wemiSebenzi yomPhakathi neNgqalasizinda kuyakhuthaza. Kukhombisa ukuthi uhulumeni namabhizinisi bayazwana futhi bayakuqonda okudingekayo ukukhulisa umnotho. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2020/11/03/kumele-kuthuthukiswe-ingqalasizinda-e-afrika-futhi-kubuyekezwe-indlela-ezokuthutha-umphakathi-ezihlelwe-ngayo-ukuze-zibe-nomthelela-omuhle-kwezomnotho-uslindile-khanyile-uyabika/

Okunye okwenzekile ngesonto elidlule wukuthi ngibeyingxenye yezingxoxo nosihlalo weJP Morgan nesikhulu esiphezulu uMnu uJamie Dimon emcimbini obubheka ipolitiki emhlabeni, okulindelekile emnothweni womhlaba, ukhetho lwaseMelika, imalimboleko neqhaza lamabhizinisi ekuthuthukiseni amazwe nokunye. 

Kubekuhle ukuzwa imibono kaDimon ngempi yase-Middle East nangeChina emnothweni womhlaba. Okungithinte kakhulu kubewukumuzwa egcizelela ukubaluleka kokuthi amabhizinisi athuthukise umphakathi nokubaluleka kokuthi amabhizinisi nohulumeni basebenzisane.

Ngikhathazekile ukufunda emaphephandabeni angeSonto ngenkinga ebhekene nophiko olushushisayo ezweni lonke iNational Prosecuting Authority (iNPA) engakwazi ukuthola imvume okufanele ikhishwe ngabezinhloli egunyaza abasezikhundleni eziphezulu ukuthi basebenze kulona. 

Ezobunhloli ngenye yezinhlaka ezasolwa kakhulu ngesikhathi seKhomishini kaZondo futhi kwaze kwahlanganiswa ikomidi elaqokwa wumengameli ukubuyekeza izinto kuzona. 

Ukuvuselelwa kweNPA kuyingozi kubantu abangakaphenduli ngamacala abo ngezinsolo zokugwamanda amandla ombuso. Kuyaziwa ukuthi kungani abantu okungenzeka ukuthi bashushiswe bengaphazamisa ukusebenza kwalolu phiko. Sakubona loku ngesikhathi sokugwamanda amandla ombuso okwaphazamisa uphiko lokuqoqa intela. 

Kumqoka ukuvuselela iNPA kanti ukusebenza komthetho kuwukhiye kuyo yonke imizamo eyenziwayo emnothweni. Kufanele iNPA yesekwe ngayo yonke indlela.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page