I-B20 neG20 yithuba elihle nejoka elikhulu, kuloba uBusi Mavuso
BESIMATASA siyiNingizimu Afrika ngesonto elidlule. Ngapha sishaye into ecokeme kuthulwa iB20 neG20 futhi iCape Town isibusise ngesimo sezulu esihle kodwa futhi nomsindo kwipolitiki kwamanye amazwe ubungazibekile phansi.
Sethule iB20, imizamo yamabhizinisi okuzothi ngokuqhubeka kwesikhathi ihambisane neG20 ukuqinisekisa ukuthi abaholi bamabhizinisi emhlabeni jikelele bangahlanganisa futhi bethule iziphakamiso zemigomo ehambisana nezinyathelo okufanele zithathwe.
Baphume ngobuningi babo abaholi bamabhizinisi abaqhamuka ezinkampanini ezihlukene eNingizimu Afrika ukuzoseka ukuthulwa kokwengamela, iB20 okutshengisa ukubaluleka kwale ngqophamlando ezweni lethu, ezwekazini nasemhlabeni. Osihlalo beB20 yiBusiness Unity South Africa neBusiness Leadership South Africa (iBLSA), okugcizelela ukubaluleka kokubambisana.
Usihlalo weBLSA uNks uNonkululeko Nyembezi uchaze kahle ukubaluleka kwemiphumela yeB20 eqhakambisa ukubaluleka kwayo. U-B20 Sherpa uMnu uCas Coovadia ugcizelele ukuthi kuyaqala ukuthi iB20 ibise-Afrika, ingqophamlando etshengisa ukukhula kweqhaza lezwekazi emnothweni wamazwe omhlaba.
Kukhulunyiwe nangokuthi sinzima kangakanani lesi sikhathi okuqhubeka ngaso iB20 nokuthi ezinye iziphakamiso ezithinta imigomo ethile kufanele zenziwe esikhathini lapho ezombusazwe sezishintshile emhlabeni. Ukusebenzisana kwamazwe asentshonalanga okwengamele ukuthula nokwaqala ngo-1945 kuyabhidlika, okusithwalisa ijoka elikhulu ngonyaka esineG20 ngawo.
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/02/28/usizo-lwemali-yokuguquguka-kwesimo-sezulu-ibeluseqhulwini-kwig20/
Ngesikhathi kwethulwa iB20, isikhulu esiphezulu seWorld Economic Forum uMnu uBørge Brende sithe: “INingizimu Afrika inamava amakhulu ekubhekaneni nempi nokuncintisana, akuyona iG20 elula uma kubhekwa yonke into eyenzekayo kwipolitiki emhlabeni kodwa yinina enizokwazi.”
Yize sizithola kulesi simo esinjena emhlabeni, umsebenzi kufanele uqhubeke. Ukuhwebelana namanye amazwe kumqoka ukukhulisa umnotho womhlaba njengoba izinto eziningi kulindeleke ukuthi ziqhamuke emisebenzini, phecelezi ama-service, nezobuchwepheshe eminyakeni embalwa ezayo. Kufanele sithole indlela yokuziba umsindo futhi sigxile ezintweni ezithinta ukuguqula ugesi, ukuguquguquka kwesimo sezulu nobuchwepheshe obusha obufaka obuzenza samuntu.
U-Brende uthe iMelika izoqhubeka nokubamba iqhaza elimqoka emnothweni womhlaba njengoba u-30% wokuhwebelana uqhamuka kuyo nohhafu wombutho wezempi emhlabeni.
Iphini likamengameli we-International Finance Corporation uNks uSusan Lund likhulume ngokubaluleka kweqhaza le-Afrika emnothweni womhlaba njengoba ikhula futhi abatshalimali bayakuqaphela loku njengoba imali etshalwayo sekuneminyaka ikhula.
Siyanda isibalo sabantu eNingizimu Afrika nase-Afrika ekubeni sehla kwamanye amazwe amqoka emnothweni womhlaba. I-Afrika inezisebenzi, amakhasimende, okumbiwayo okumqoka nomhlaba ovundile, ngakho kufanele ibhekwe uma kukhulunywa ngesigaba esilandelayo sokukhula komnotho emhlabeni.
Ukhulume nangeqhaza lezinkampani ezibuyekeza iminotho yamazwe, phecelezi ama-rating agency, nathi izindlela ezizisebenzisayo nemiphumela yazo ichemile futhi ayimihle emnothweni esathuthuka.
Ngale kweMelika neChina, izingxoxo zigxile ezifundeni. Loko kumqoka endleleni iNingizimu Afrika ecabanga ngayo ngekusasa. Kufanele sibambe iqhaza elikhulu ekwakheni isifunda se-Afrika, okusho ukuthi kufanele singene shi kulesi sifunda.
Sidinga ezokuthutha izimpahla ezizokwazi ukuqhuba ezokuhweba esifundeni futhi kufanele sigxile kwi-African Continental Free Trade Agreement ukuze iphumelele.
Ohlelweni lweG20 ngesonto elidlule siphinde sabona ingqungquthela yezimali eCape Town ehlanganise ongqongqoshe bezimali basemazweni ayingxenye yeG20.
Kubhungwe ngokungaqondakali kwezinto emhlabeni nangokwanda kwezinxushunxushu njengoba umengameli uMnu uCyril Ramaphosa ethe “ukuphela kokubambisana kwamazwe kuyingozi ekukhuleni komnotho emhlabeni nasekuthuleni”.
Ongqongqoshe bezimali bamazwe eG20 kufanele babhekane nezinto ezifana nokukhipha imali yokulwa nokuguquguquka kwesimo sezulu nokunciphisa isikweletu samazwe asathuthuka.
Nokho, lo mbuthano kunezinto ongavumelananga ngazo, nokwenze wangakwazi ukukhipha isitatimende, obunye ubufakazi bokushintsha kwezinto ohlangothini lwepolitiki yamazwe omhlaba.
Ngibone emva kokuthula imicimbi yangesonto elidlule ukuthi iB20 neG20 izanethuba nejoka elikhulu. Eminye imicimbi isho ukuthi njengoba iG20 kuyilona hlaka lokusebenzisana kwamazwe omhlaba ineqhaza elibalulekile ekucabeni “indlela entsha yokwenza izinto” uma kukhulunywa ngobudlelwano nokubambisana phakathi kwamazwe.
I-B20 izoba nomsebenzi omkhulu kulolo hlelo lokubheka, ukuthuthukisa nokusho indlela entsha okufanele amabhizinisi aqhube ngayo ekubhekaneni nezinselelo ndawonye.
Kulo lonke lolu hlelo, izinto zethu siyizwe zizoloku zimqoka. I-BLSA ibenenhlanhla yokuthi ike yabonisana nongqongqoshe womNyango wokuHweba, iziMboni nokuNcintisana uMnu uParks Tau owethule emkhandlwini weBLSA isiphakamiso sakhe sesikhwama sokuguqula umnotho.
Ungqongqoshe ukhulume ngokubaluleka kwesidingo sokushintsha izinto nendima okusafanele siyikhathule. Lesi sikhwama yimizamo yokuletha indlela entsha, ungqongqoshe athi kufanele ihlanganiswe ngokubambisana nezinye izinhlaka okukhona namabhizinisi kuzona.
Lesi sikhwama singasiza izinkampani zifeze okufanele zikwenze ukuletha izinguquko. Umbuzo omkhulu kuzoba owokuthi sizophathwa kahle kangakanani lesi sikhwama futhi sisetshenziswe lapho sizobenza kahle khona futhi sithele izithelo.
Ngimagange ukuqhubeka ngisebenzisane nongqongqoshe ukuthola izimpendulo ezizoqinisekisa ukuthi kubanenqubekelaphambili ekwethuleni uguquko ezweni kube futhi kukhuliswa umnotho.
