Umphathi weBhange loMbuso uMnu uLesetja Kganyago uthi ukusho izinto ezikitaza izindlebe zabantu yinto esidlangile ngalesi sikhathi. Isithombe: Sithunyelwe

Abaholi abasukume, banganqeni ukugxekwa ngabanezinye izinhloso – Kganyago

YINTATHELI YOMBELE

ABAHOLI yibona okufanele bahambe phambili ekuxazululeni umonakalo ezinhlakeni abaziholayo, kungapheleli kuphela ekutheni kukhona abantu abazogxeka futhi kungathenjelwa kuphela ezinhlanganweni zomphakathi ezingenzi inzuzo ukuthi zizwakalise ilaka lazo. 

Usho kanje umphathi weBhange loMbuso uMnu uLesetja Kganyago ngesikhathi ekhuluma emcimbini we-Arbitration Foundation of Southern Africa ngesonto elidlule.

UKganyago uthe akangabazi ukuthi kunesidingo sokuthi umphakathi ungenelele lapho kubheda khona kodwa wakhala ngokuthi imvamisa loku kwenzeka emva kwendaba, umonakalo usuvele umkhulu. 

Uthe enye inselelo ebakhona ngabantu okuyibona abagxeka kakhulu izinto wukuthi kugcina sekungathi ngabantu “abampongolozayo nje abasuke bekhuluma kakhulu izinto ezizojabulisa abantu kodwa ezingeke zisize ngalutho”.  

“Abaholi baneqhaza elibalulekile ekusukumeleni ukuwa kwezinhlaka. Abaholi kufanele basibone isidingo sokuphuthuma benze kangcono futhi kufanele basibone ngaphambi kokuthi labo abathanda ukusho izinto ezikitaza izindlebe zabantu kodwa zingasizi ngalutho baqhamuke. Akekho umuntu ozozwelana nezinhlaka kulesi sikhathi, kufanele zisebenze, yonke into ihlale obala futhi ziyibeke kahle indaba yazo,” kusho yena.  

UKganyago uthe kunesikhathi lapho ukukhuluma izinto ezichaza abantu kodwa zingasizi ngalutho kwakuyinto eyayithathwa ngokuthi idlange kakhulu emazweni asathuthuka njengoba kuthathwa ngokuthi umsuka wayo use-Argentina, hhayi emazweni akade aqala ukuphathwa ngohulumeni bentando yabantu.  

“Kodwa akasekho okholwa yiloko manje, ikakhulu hhayi kusukela ngo-2016, hhayi emva kwemiphumela yeBrexit (isinqumo esathathwa yi-United Kingdom sokuphuma kwinhlanganisela yamazwe angaphansi kwe-European Union) nokhetho lwaseMelika. Unyaka odlule wunyaka lapho amazwe amaningi ebenokhetho khona. Kungabe sikhuluma ngamazwe acebile noma antulayo, ngeke sakuphika ukuthi sisesikhathini lapho kusabalele khona imibono ekitaza izindlebe zabantu kodwa ingasizi ngalutho. Kufanele sibheke ukuthi kungani le mibono ithandwa kangaka nokuthi sizokwenzenjani,” kusho uKganyago. 

Uthe njengoba iBhange loMbuso lingancintisani namuntu futhi kuyilona lodwa elinegunya lokugaya imali, akufanele loku kubenze basonge izandla noma badembesele endleleni abenza  izinto ngayo. Uthe kudingeka ukuthi baqinise endleleni abenza ngayo izinto. 

UKganyago uthi enye indlela abakwenza ngayo loku wukuthi bahlale bahlale babuyekeze iBhange loMbuso, into athe basanda kuyenza ngesikhathi bevumela i-International Monetary Fund ukuthi ibuyekeze ukusebenza kwabo. Uthi kukhona izinto ezinconyiwe kodwa futhi kukhona izinto ezigxekiwe, nokufanele baphucule indlela abazenza ngayo.  

“Sikwenze loku ngoba sikholwa wukuthi ukuzimela kweBhange loMbuso yinto eyenzeka ngokuthi kubekhona lapho siphendula khona, okusho ukuthi kufanele ulwazi lutholakale kalula. Kuhlale kukuhle ukunconywa kanti ukubuyekezwa kwethu kuphinde kwakufakazela ukuthi ukuveza yonke into yethu obala kungaba yisibonelo kwamanye amabhange ombuso. Nokho ukugxekwa nako kubalulekile futhi siyakwemukela, ikakhulu uma kwenzeka ngendlela efanele. Okuningi yiziphakamiso zokwenza izinto kabusha, okunye okuyizinto ezingasisiza,” kusho yena.  

Kukhona nezinye izibonelo azenzile, wathinta umsebenzi asebewenzile emkhakheni wendlela abantu abakhokha ngayo. Ubalule isinqumo sabo sokuthenga u-50% weBankservAfrica, okuzolekelela iNingizimu Afrika inciphise ukuthembela kwayo ezinkampanini zakwamanye amazwe ukukhokhela izinto.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page