UMengameli uCyril Ramaphosa unike osomabhizinisi ithemba ngenkulumo yakhe, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Ubuyise ithemba umengameli ngobudlelwano bukahulumeni nosomabhizinisi, kuloba uBusi Mavuso 

KUWUPHAWU lobudlelwano obuhle phakathi kwamabhizinisi nohulumeni ukuthi uMengameli uCyril Ramaphosa wethule inkulumo emhlanganweni wonyaka weBusiness Unity South Africa ngesonto elidlule. 

Inkulumo yakhe iqhakambise izinto eziningi ezenzeke ngenxa yaloku kusebenzisana, okufaka nokuthi sekuphele izinyanga ezinhlanu ungacinywa ugesi. 

Ukhulume nangendima esikhathulwe kwezokuthutha njengoba amabhizinisi esiza amaphiko eTransnet engamele izitimela namachweba ngezinsizakusebenza nokulwa nobugebengu nenkohlakalo. 

Umengameli uqhakambise nezindawo okufanele siphucule kuzona ukushintsha indlela okucutshungulwa ngayo izicelo zama-visa ukuheha amakhono anqabile, abazotshala imali nezokuvakasha, ukuphucula indlela okuxhaswa ngayo osomabhizinisi abancane, cishe okuphuthuma kakhulu wukulwa nokuntuleka kwemisebenzi. 

Ngikhuthazekile futhi uma umengameli ethi kufanele kubekwe eqhulwini ukukhulisa umsebenzi wokudayisa imikhiqizo yethu kwamanye amazwe ngokuphucula indlela izimboni zethu ezincintisana ngayo nomhlaba kanjalo nokwenza izinto zibe lula uma kudayiswa umkhiqizo ngaphandle. 

Umgomo wethu wezimboni kufanele ugxile endleleni esincintisana ngayo uma sidayisela amanye amazwe kanti ngithemba ukuthi amazwi kamengameli asho ukushintsha kwezinto endleleni ebekwenzeka ngayo kuhulumeni ophumile obugxile ekuvikeleni amabhizinisi asezweni kuphela nokuthi zonke izinto zikhiqizwe ezweni.  

Umengameli futhi ugcizelele ukubaluleka kokugqugquzela ukutshala imali, ekhuluma ngeqhaza elingabanjwa wukubambisana phakathi kukahulumeni nemboni ezimele ukuvala igebe lokushoda kwezinsizakusebenza kuhulumeni.  

Lilonke, inkulumo kamengameli ibiyinhle futhi ihambisana nomgqigqo wokusebenzisana phakathi kwamabhizinisi nohulumeni. 

Ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kwaloku bengimangazwe yingqungquthela yabezindaba ebibizwe wuNgqongqoshe wokuHlalisa abaNtu uNkk uMmamoloko Kubayi. Ecaphuna izibalo ezingayeseki into abezama ukuyisho, ungqongqoshe ugxeke amabhange ewasola ngokucwasa amakhasimende amnyama endleleni abolekisa ngayo imali yokuthenga imizi. 

Lena ngenye indlela yokuhlasela amabhange kungafanele eyenziwe wusopolitiki omdala emva kokuthi uNgqongqoshe eHhovisi likamengameli uNks uKhumbudzo Ntshavheni agxeka amabhange ngokuba ngabakhapheli ngonyaka odlule ngenxa yodaba oluthinta ukulawulwa kwerandi. 

Wayekhuluma ngodaba olwaluthi kukhona abanye abahwebi abazama ukuhlomula ngokunyusa nokwehlisa irandi, izinsolo ezachithwa yiNkantolo yokuDlulisa amaCala okuNcintisana ezinyangeni ezimbalwa zenziwe lezi zinsolo ngoba kungenabufakazi. 

Lo mkhuba wongqongqoshe wokuhlasela amabhange ngaphandle kobufakazi umosha ubudlelwano uhulumeni anabo nabamabhizinisi.  

Kulungile ukugxeka amabhizinisi enza okungalungile kodwa kufanele kubenobufakazi, hhayi nje ukudilika emthini ngenhloso yokugovuza umphakathi. 

Uhulumeni kufanele wazi ukuthi unomsebenzi wokweseka ukuthi kubenendawo efanele yokusebenza kwamabhizinisi, ikakhulukazi amabhange, lowo msebenzi ufaka ukungenzi umphakathi ujikele (amabhizinisi) ngaphandle kobufakazi. 

Ngakho-ke yize kunokuningi uhulumeni akwenzayo ukuze kube nobudlelwano obuhle kodwa kusekhona izinto ezifuna ukukuphazamisa loko. 

Into enkulu ephumelelise ubudlelwano obuhle phakathi kukahulumeni namabhizinisi yi-Operation Vulindlela, uphiko olwahlanganiswa yiHhovisi likaMengameli nomNyango weziMali ukwethula izinguquko ezidingakayo.  

Lolu phiko lwake lwathi enye into edinga ukusukunyelwa yindlela omasipala abasebenza ngayo. Ngesonto elidlule umbiko yomcwaningimabhuku-jikelele wengeze ebufakazini bokuthi kubaluleke ngani loku. 

Lo mbiko utshengise ukuthi omasipala bahlehlele emuva. Bawu-34 kuphela omasipala kwabawu-257 baseNingizimu Afrika abathole imibiko emihle, besuka kwabawu-38 ngonyaka odlule nabawu-41 ngaphambi kwaloko.

Sisodwa kuphela isifundazwe esenze kangcono; yiNtshonalanga Kapa, enyuse isibalo somasipala abenemibiko emihle ngababili kanti iCape Town yiwona kuphela umasipala omkhulu othole umbiko omuhle. 

Nokho-ke okuhle wukuthi sinciphile isibalo somasipala abathole imibiko emibi kakhulu sisuka kwabawu-22 saya kwabawu-12.  

Le ndlela omasipala abenze ngayo itshengisa ukuthi likhulu iqhaza elingabanjwa yi-Operation Vulindlela ukuphucula ukusebenza kwabo. 

La mabhuku atshengisa nohlobo lwabantu abaphethe komasipala. Akubuzwa ukuthi uma imali ingaphethwe kahle, nendlela okuhlinzekwa ngayo izidingo, ngeke yenzeke kahle. 

Sikubheke ngabomvu okungenziwa yi-Operation Vulindlela ukuphucula isimo nokuthi amabhizinisi angalekelela kanjani. Umgqigqo esiwubonayo ezweni lonke ngohulumeni wobumbano kufanele wehlele komasipala.  

Mhlawumbe kufanele kubenezindlela zokuthi uhulumeni ezweni lonke weseke omasipala ngokusebenzisa izifundazwe. Akulula ukusebenzisana kuzo zonke izinhlaka zikahulumeni kodwa ukushintsha kwezinto kwipolitiki nokhetho lomasipala oluseminyakeni emibili ezayo kungenzeka lusivulele ithuba lokukulungisa lokho.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/08/27/akufanele-omasipala-beneliswe-yimibiko-emihle-kodwa-enogcobho/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page