Ngemva kokwethula isigaba sesibili se-Operation Vulindlela, iningi lamabhizinisi limi ngomumo ukusebenzisana nalolu hlelo lokusimamisa umnotho waseNingizimu Afrika. Isithombe: Sithunyelwe

Amabhizinisi azoqhubeka nokubambisana ne-Operation Vulindlela, kuloba uBusi Mavuso  

I-OPERATION Vulindlela ingazishaya isifuba ngendima esikhathuliwe ukuxazulula inkinga kagesi, ukuphucula ezokuthutha izimpahla, ukuhlinzeka izisebenzi zakwamanye amazwe ezinamakhono izimvume zokusebenza eNingizimu Afrika nokunye okuningi.

Ngakho kungijabulisile ukubanohulumeni nabanye abaholi bamabhizinisi ekomkhulu likahulumeni ePitoli ngesikhathi kuthulwa isigaba sesibili se-Operation Vulindlela ngesonto elidlule. Amabhizinisi abeyingxenye enkulu ye-Operation Vulindlela futhi sizoqhubeka nakulesi sigaba sesibili.  

Impumelelo ye-Operation Vulindlela yenzeka ngoba igxile ekuxazululeni izingqinamba ekuguquleni imigomo. Ukwenza lokho, ithembele kakhulu ekubambisaneni okufaka abamabhizinisi nokwenza ikwazi ukuthola amakhono nezinsizakusebenza.

Sisebenzisa i-Operation Vulindlela sikwazile ukuhlanganisa ikomiti elilungisa inkinga kagesi i-National Electricity Crisis Committee elihlanganisa izinhlaka zomphakathi futhi lahlanganisa umhlahlandlela wokulungisa inkinga kagesi i-Presidential Energy Action Plan osizayo ukusimamisa ugesi nokuvuselela imboni kagesi. Kulandelwe uhlelo olufanayo ukuhlanganisa ikomiti elizama ukulungisa inkinga yokuthutha izimpahla iNational Logistics Crisis Committee, eselisizile ukuphucula ukusebenza kwemboni ethutha izimpahla. 

Njengoba eshilo umengameli uMnu uCyril Ramaphosa ngoLwesithathu, umnotho wethu udinga ukukhula masinyane ukuze wakhe amathuba emisebenzi azoletha impumelelo sonke esiyiphokophele. 

Ukukhula komnotho ngokushesha kuzokwenza uhulumeni ukwazi ukuhlinzeka imali ethe xaxa kwezempilo, ezemfundo, izibonelelo zikahulumeni, kwingqalasizinda nezinye izindawo ezibalulekile ukuphucula izimpilo zabantu bethu kodwa futhi imali ibe iphathwa kahle. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/05/08/umnyakazo-wokuvula-indlela-uyaqhubeka-uramaphosa/

Isigaba sesibili se-Operation Vulindlela sizogxila ezindaweni ezintsha okufaka kuzona ukusebenza komasipala, ukungalingani noguquko oluhambisana nobuchwepheshe. Kubalulekile ukubheka lezi zinto ngoba njengoba sengike ngasho kaningi kule ngosi ukuthi ukusebenza komasipala kuyingozi emnothweni. Osomabhizinisi, izisebenzi zabo namakhasimende abo abakwazi ukusebenza emadolobheni amaningi. 

Sesiyisukumele inselelo. Izinhlangano zosomabhizinisi ziyabasiza omasipala ngohlelo i-Tamdev ukuthola abantu abanamakhono asebethathe umhlalaphansi nabanye ongoti ukusiza ukucija izisebenzi. Ngizibonele ngokwami umphumela waloku ngokuphucuka kwezamanzi nokuthutha indle emiphakathini kusukela ezikoleni kuya emabhizinisini. 

Ngikubheke ngabomvu ukusebenzisana ne-Operation Vulindlela ukulungisa ukusebenza komasipala ezweni lonke kanjalo futhi uma singalungisa ukungalingani ezweni lwethu okuqhelisa abantu lapho behlala khona nalapho besebenza khona, singaphucula ukusebenza komnotho wethu kakhulu. 

Uguquko oluhambisana nobuchwepheshe nalo lubalulekile, ingqalasizinda yethu kufanele ikwazi ukuseka umnotho wakusasa ozothembela kakhulu kwi-data esetshenziselwa ukudonsa i-internet. 

Sibonile ukuthi enye impumelelo yesigaba sokuqala se-Operation Vulindlela kubewukukwazi ukuphothula ukudayisa i-spectrum obesekunesikhathi kubambezelekile, nokuphucule amanani omoya wokudonsa i-internet nohlobo lwe-data esetshenziswayo.

Ayangaijabulisa amathuba akhona okwenza isigaba sesibili se-Operation Vulindlela sibeyimpumelelo ngokubambisana nabamabhizinisi futhi ngikubheke ngabomvu ukwakhela phezu kwempumelelo yesigaba sokuqala. 

Kuvele kuningi isigaba sesibili esizosika iphethini ngakho esigabeni sokuqala, okufaka nokuthuthukisa ezokuthutha nokusungula iNational Water Resources Infrastructure Agency, emqoka ekuxazululeni inselelo yengqalasizinda yamanzi. Le mizamo izoqhubeka. 

Njengoba eshilo nomengameli, i-Operation Vulindlela ibalulekile ekufezeni izifiso zethu zokukhulisa umnotho. Nokho iyingxenye eyodwa yezinguquko ezidingekayo kuhulumeni, imvamisa ngokubambisana nabanye emphakathini. Iningi leminyango kahulumeni nezinye izinhlaka zikahulumeni bazibophezele ezinguqukweni ezidinga ukulandelelwa ziphothulwe kusukela emaphoyiseni kuye kwezezimayini. 

Ukuseka uhulumeni iBusiness Leadership South Africa (iBLSA) izokwethula iBLSA Tracker, iziko lobuchwepheshe elizolandelela ukubheka ukuthi izinto ziqhubeka kanjani kuyo yonke imigomo okufanele iguquke. Izokwenza loku ngokusebenzisana nenkampani yocwaningo iKrutham, ithimba labahlaziyi elizobika ukuthi izinto ziqhubeka kanjani nalapho zizobe zibambeke khona. 

Loko kuzosiza uhulumeni namabhizinisi ukuqonda ukuthi yini engenza inqubekelaphambili isheshe kodwa futhi kuzosiza nemizamo yokuthi izinto zisheshe zenzeke ngomuso. 

I-Tracker izosiza amalungu ethu azobe elekelela ngamava awo ukuze abone ukusebenza kwezinguquko. Ukusebenza kahle yiyona nto esizohlola ngayo izinto, sinamuphi umphumela ezimpilweni zezisebenzi, imiphakathi namabhizinisi?

Sikholwa ukuthi iTracker izobanesandla esikhulu ezifisweni zezwe zokukhulisa umnotho. Kungekudala sizonilethela imininingwane ethe xaxa futhi izoqala ukusebenza ngekota yesithathu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page