Uqale kahle uHulumeni woBumbano, oholwa uMengameli uCyril Ramaphosa, ngokubona kombhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Izinsuku eziwu-100 zikaHulumeni woBumbano zikhomba ukubambisana okuhle namabhizinisi, kuloba uBusi Mavuso 

NGESONTO elidlule, uHulumeni woBumbano uhlanganise izinsuku eziwu-100. Umbiko wawo unokuningi okuhle. Uhulumeni omusha usuzuze izinto eziningi ezinhle futhi usize ukuthi kubenethemba lokuthi sizokwazi ukuguqula umnotho ngendlela efanele. 

Izimakethe zezimali ziyavumelana naloku njengoba ukusimama kwerandi sekunyuke ngo-7.5% kanti izimakethe ezibolekisa ngemali, ama-bond, zona zisimeme ngo-11%, kuthi i-JSE index inyuke ngaphezu kuka-10%.  

Loku kusiza ukuletha ithemba kubantu bamabhizinisi futhi kwenza kushibhe kuhuhulumeni ukuboleka nokuthi izinkampani zihlanganise imali ezotshalwa. Yize singakaboni ukuthi yimalini izinkampani eziyitshalile ukwandisa isibalo sabantu, kodwa kufanele kulekelele umgqigqo futhi kufanele kukhulise umnotho.  

Abanye bakhathazekile ngokuthi uHulumeni woBumbano uzokwazi ukusebenza isikhathi esingakanani, kanti kufanele (bakhathazeke) uma kubhekwa ukungasebenzi kahle kwalolu hlobo lukahulumeni komasipala. 

Kungonakala kakhulu uma uHulumeni woBumbano ungahlakazeka nokungaqeda lonke leli themba elikhona. Kuze kube yimanje, uma kuqubuka ukungaboni ngaso linye kuqhanyukwa nesisombululo esilungele izwe lonke. Sengathi singayibamba kanjalo nje.  

Ohlangothini lwamabhizinisi, izinguquko esezenze umehluko obonakalayo wukuphucula indlela izinto ezenziwa ngayo emNyangweni wezaseKhaya. Ukubambezeleka kwama-visa kunqinda ukukhula kwamabhizinisi ngoba kwenza kubelukhuni ezinkampanini ukuthi zilethe amakhono eziwadingayo ukuze zisebenze.  

Sengizwe kaningi izikhulu eziphezulu zizikhalela ngokungakwazi ukuvula ifemu entsha noma ukuthula ubuchwepheshe obusha ngoba umuntu oqokiwe ukuhola lowo msebenzi ebhajwe phesheya elinde ukuthola i-visa.  

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/06/19/uhulumeni-wobumbano-yingqophamlando-esinika-ithuba-lokuxazulula-izinkinga-zethu-kuloba-ubusi-mavuso/

Ngaphansi kukangqongqoshe omusha uMnu uLeon Schreiber ukubambezeleka sekuphungulwe ngo-30%, yize usemkhulu umsebenzi okusafanele wenziwe ngaphambi kokuxazulula le nkinga ngokuphelele. Nokho izinto engizizwa ngabantu abahola izinkampani wukuthi kunomehluko, okubalwa nohlelo lokuzama i-trusted employer scheme, olwenza kubelula ukuthi izinkampani zithole amakhono eziwadingayo.

Kodwa sibone nokuhle ngomgomo wokuhweba nezimboni, ikakhulukazi njengoba sekuthiwa asigxile ekuphuculeni ukuncintisana ezimpahleni ezidayiselwa amanye amazwe. Ngibhalile ngesonto elidlule ukuthi yini esingayenza ukukhulisa umnotho weNingizimu Afrika nokwakha amathuba omsebenzi. 

Ukuthi sekuphele izinyanga eziyisithupha ugesi ungacinywa ngenye into enhle kumabhizinisi, yize kuyinto eyenzeke ngenxa yokushintsha komgomo okwase kuvele kuqale ngaphambi kukaHulumeni woBumbano. 

Nokho-ke, uHulumeni woBumbano ususize ukunyusa ithemba lokuthi izinguquko ezinqala ebezithenjisiwe embonini kagesi zizoqhubeka zenzeke. 

Yize ukusimama kukagesi kumqoka futhi sekuzuziwe, sekufanele manje sibheke amanani awo. Kungenzeka ukuthi kufanele ngempela i-Eskom ikhokhise kakhulu ukuqinisekisa ukuthi iyakwazi ukuqhubeka nokusebenza kodwa izindaba zangesonto elidlule zokuthi icele ukunyuselwa amanani kagesi ngo-36% ziyathusa. Zifakazela ukuthi kubaluleke ngani ukuthi zihlanganiswe izinguquko ezizokwenza kubenokuncintisana ukuhlinzeka ugesi, nokuzokwehlisa amanani.  

Ezinye izinguquko ezizofukula ingqalasizinda kufanele nazo zenzeke ngendlela efanele. Amanzi yiyonanto yokuqala. Kusukela izolo ipayipi elikhulu leLesotho Highlands Water lizovalwa izinyanga eziyisithupha okuhambisana nomsebenzi wokulilungisa. 

Sekuneminyaka kwahlelwa loku kanti kuqondaniswe nesikhathi semvula, amadamu egcwele. Nokho kuyisikhumbuzo sokuthi sithembele kwingqalasizinda encane kangakanani. I-South African National Water Resources Infrastructure Agency yasungulwa wuhulumeni omdala kodwa umthetho ohambisana nayo usayinwe wuMengameli uMnu uCyril Ramaphosa ngo-Agasti. 

Lesi sikhungo sidinga ukusukunyiswa futhi siqale ukusebenza. Sizobheka ukutshala imali kwinggqalasizinda yamanzi okuzofaka nokubambisana phakathi kukahulumeni nemboni ezimele.  

Ezokuthutha ngenye indawo emqoka kumabhizinisi futhi sengibhale kaningi ngokubaluleka kokuphucula izitimela namachweba ethu. Ungqongqoshe wezokuthutha uNks uBarbara Creecy uthe uzosebenzisana nemboni ezimele ukuxazulula izinselelo. Kuyangijabulisa loku kodwa asikaboni mnyakazo otheni. 

Zikhona izinyathelo esezithathwe yiTransnet ukubonisana nemboni ezimele kodwa kufanele sibone idedela imboni ezimele ukuthi ibambe iqhaza elikhulu kakhulu emachwebeni nasemihubheni yezokuthutha. 

Kufanele kubenenqwaba yezindlela zamachweba nezitimela amabhizinisi akwazi ukukhetha kuzona uma efuna ukuthutha izimpahla kodwa kusekude ukuthi kwenzeke loko.

Lilonke, ubudlelwano phakathi kwamabhizinisi nohulumeni sebuphucuke kakhulu kusukela kubenoHulumeni woBumbano futhi ziningi izindawo ezithela izithelo ezinhle ngenxa yokubambisana nokuxazulula izinselelo zethu siyizwe. 

Ngikubheke ngabomvu ukuthi sizuze okunye okuningi ngesikhathi sokubusa kwalo hulumeni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page