UMnu uNhlanhla Nene, owayewungqongqoshe womNyango weziMali, wagcina enyamanambana kumengameli ngenxa yokuphikisa intando kamengameli wakhe uMnu uJacob Zuma. Isithombe: Sithunyelwe

Ukuba wumengameli womnyango wezimali akusikho ukusinisa amahleza ngokobudlelwano nabalingani bakho, kuloba uJabulani Sikhakhane

UNZIMA umsebenzi kangqongqoshe womNyango weziMali. Kuningi okuncike kuwo:  inqubekelaphambili yezwe kwezomnotho, ukusimama kwesimo sezimali zikahulumeni, impumelelo kamengameli kwipolitiki. 

Kukho konke loku, ophethe lesi sikhundla udinga umgogodla oqinile wokumelana nozakwabo nomengameli wezwe.

Kuko konke loku kubalulekile ukusebenzisana okuhle phakathi kukamengameli nongqongqoshe wezimali. 

Yingakho nje kwimbumba yamazwe abizwa nge-United Kingdom isikhundla sikangqongqoshe wezimali sithathwa ngokomlando njengesilandela esomphathi wezintambo zombuso, phecelezi i-prime minister, ngokobumqoka baso.

Ukubaluleka kwesikhundla sikangqongqoshe wezimali kusho ubumqoka ekutheni umengameli uqoka bani ukuphatha ezezimali. Udinga umuntu ozwelana nomengameli ngakuhlose ngohulumeni wakhe futhi lowo amkhethayo kudinga kube wumuntu onesandla esiqinile ekuphatheni izimali nokwazi ukubeka inkulumo yakhe icace. 

Nokho, izandla zikamengameli azikhululekile ukukhomba noma wubani. Isizathu wukuthi ungqongqoshe weziMali kumele kubewumuntu omukelekayo nakosomabhizinisi nezimakethe zezimali. Phela uhulumeni uboleka imali ezimakethe zezimali. 

UMengameli Jacob Zuma wangqubuzana nezimakethe zezimali nosomabhizinisi ngesikhathi ebeka uMnu uDes van Rooyen ukuthathe izintambo kuMnu uNhlanhla Nene.

U-Van Rooyen akatholanga ngisho ithuba lokushicilela amakhadi anezinombolo zakhe ewungongqongqoshe womnyango wezimali, wagcina esebizwa ngengoma eyadumisa uBrenda Fasie, i-Weekend Special.  

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/04/30/nginesiqiniseko-sokuthi-sizokwenza-kahle-eminyakeni-ewu-30-ezayo-kuloba-ubusi-mavuso/

Okwesibili, ungqongqoshe wezimali uneqhaza elikhulu kwezomnotho. Akushoyo kuhlale kucutshungulwa wongoti kwezomnotho nosomabhizinisi, bebheka ukuthi yiziphi izinhlelo nemigomo ayihlongozayo okungabanemiphumela emihle nemibi emabhizinisini.

Ungqongqoshe wezimali ulawule ezentela. Wuyena ohlahla indlela ngamanani entela, aphinde asingathe ukusebenza lkomnyango oqoqa intela iSouth African Revenue Service (iSARS).

Impumelelo kangqongqoshe wezimali incike ezintweni ezimbili. Okokuqala, ungqongqoshe kumele abewumuntu okucacile ngaphakathi kuhulumeni, ikakhulukazi kwamanye amalungu ekhabhinethi, ukuthi wesekwa ngokuphelele wumengameli wezwe. Loku kumele kucace nakosomabhizinisi nezimakethe zezimali.

Okwesibili, ungqongqoshe wezimali kumele kubewumuntu onegama kwizepolitiki, ikakhulukazi enhlanganweni yakhe. Kuyasiza loku ngoba kwenza izwi lakhe lizwakale, ikakhulukazi kwikhabhinethi. 

Nokho loku kungadala inkinga uma ebawumuntu obonakala ukuthi unekusasa eliqhakazile eqenjini, ikakhulukazi uma kwenza umengameli weqembu esembona njengembangi yakhe noma umuntu ongaba yinkinga uma umengameli ezama ukushiyela omunye amthandayo isikhundla.

Ukusekwa kukangqongqoshe wezimali wumengameli kusemqoka ngenxa yohlobo lomsebenzi kangqongqoshe. Uhlobo lwalesi sikhundla lubucayi ngoba ludinga ukuthi ungqongqoshe abenezwi kuko konke okuhlongozwa wozakwabo kwikhabhinethi, okuyinto evame ukumenza abonakale ewumuntu “ogxambukela” ezindabeni zabanye.

Nokho isizathu saloku wukuthi okwenziwa ngabalingani bakhe kungabanemiphumela engemihle ekusebenzeni kwezomnotho noma esimweni sezimali zikahulumeni.

Isibonelo nje, umNyango weziNdaba zaseKhaya  ulawula ukungena nokuphuma kwabantu ezweni, ikakhulukazi izimvume zabantu abafuna ukuzosebenza ezweni.

Ukutholakala kwalezi zimvume yinto osekuneminyaka osomabhizinisi bakwamanye amazwe bekhononda ngayo. Abezinkampani ezisebenzela emazweni amaningi bathi badinga ukuthi kubelula ukuthatha isikhulu noma isisebenzi esinolwazi noma ikhono elithile, sisiwe kwelinye izwe ngokwezidingo zenkampani. 

Uma kuthatha eside isikhathi ukutholakala kwezimvume zokusebenzela kwelinye izwe kuphazamisa ukusebenza kwenkampani. Umphumela wako kungaba wukwehla kwesibalo sezinkampani ezingena eNingizimu Afrika ukuzovula amabhizinisi, okungagcina kwehlise imali yentela eqoqwa wuhulumeni.

Ungqongqoshe wezezimali kumele abheke ngeso lokhozi konke okuhlongozwa ngabalingani ngezimvume zalolu hlobo ngoba kungakhubaza umsebenzi wezimali. Ukubawumuntu ohlale eqaphe ukuthi abalingani bahlongozani kuvame ukubeka ungqongqoshe wezimali esimweni esibucayi.

Ezinye izinkinga ziqhamuka ngesabelo sezimali. Wumsebenzi kangqongqoshe wezimali ukubonisa abalingani nomengameli wezwe ngesimo sezimali, ikakhulukazi ukuthi ezinhlelweni ezihlongozwayo yiziphi ezingenzeka uma kubhekwa izimali ezikhona namuhla nangomuso. 

Loku kuvame ukwenza ungqongqoshe wezimali abukwe njengomuntu ovimba izinhlelo ezihlongozwa ngabalingani bakhe, izinhlelo abanye abalingani bakhe abazithatha ngokuthi zinganciphisa amathuba eqembu lokuwina ukhetho uma ziloku zihlehliswa.

Kujwayelekile ukuthi abanye ongqongqoshe baphahluke esidlangaleni bekhononda ngokuthi babenezinhlelo zokusiza umphakathi kodwa umNyango wezimali wenqaba ukwaba imali yako.

Kwenzeka loku nje noma izinqumo ngesabelomali sithathwa yikhabhinethi yonkana, ilandela okuhlongozwe ikomiti lekhabhinethi eliholwa wungqongqoshe wezimali. Amalungu aleli komiti ngabalingani bakhe ungqongqoshe wezimali.

Yingakho-ke kubalulekile ukusekwa kukangqongqoshe wezimali wumengameli okusobala okwempahla yembuzi.

Ngakolunye uhlangothi, ungqongqoshe wezimali kufanele abenolwazi ngezinhloso zikamengameli, akwazi ukumsiza ngokwezezimali, inqobo nje uma loku kungeke kudale izinkinga ngesimo sezimali zikahulumeni.

Zimbili izinhlobo zezinkinga. Eyokuqala, kungaba wukwebiwa kwemali zikahulumeni. Uma okuhlongozwa wumengameli kucaca ukuthi akuzuba wusizo kwintuthuko yezwe kodwa kuzongena esiswini sikamengameli nabangani bakhe, ungqongqoshe wezimali oqotho kumele akuphikise loku.

Eyesibili, kungaba yinkinga yokuthi isimo sezimali asikwazi ukumelana nokuhlongozwa wumengameli. Kungenzeka ukuthi umengameli ufuna ukwakha iziteshi ezikhiqiza ugesi ngenuzi. 

Wuhlobo lweziteshi olubiza kakhulu ukulwakha lolu futhi oluvame ukweqa kwisikali semali yesabelo. Nalapha-ke, ungqongqoshe wezimali kufanele acathulise umengameli ezinkingeni zalolu hlobo. 

Nokho loku kungenza umengameli ambuke ngeso elingelihle ungqongqoshe wezimali, njengoba kwenzeka kuNene, owagcina esekhishiwe esikhundleni. 

Kunzima ukuba umuntu othathwa njengovimbe indlela kamengameli.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page