Umcwaningimabhuku-jikelele uphonsele uhulumeni omusha inselelo, kuloba uBusi Mavuso
UMCWANINGIMABHUKU-JIKELELE uNksz uTsakani Maluleke wazi izinto ezingaziwa muntu ngokusebenza kukahulumeni. Yena nethimba lakhe babona yonke into ngohulumeni.
Ngesonto elidlule bethule umbiko wabo omusha okhuluma ngendlela iminyango kahulumeni ezweni lonke esebenzise ngayo imali. Kubekuhle ukubona engagxili nje ezibalweni kuphela kodwa ehlaziya umongo wokusebenza kukahulumeni.
Uma kubhekwa izibalo, umbiko womcwaningimabhuku-jikelele utshengisa ukuthi uhulumeni wenza kangcono, okubalwa nokwanda kweminyango kahulumeni ezweni lonke ethole imibiko emihle.
Lesi sibalo sinyukile sisuka eminyangweni ewu-93 eminyakeni eyisihlanu edlule, safinyelela kwewu-142. Kufanele inconywe leyo minyango. Nokho futhi uveze nezinkinga eziloku ziphikelela, okufaka namabhizinisi ashaya umthetho indiva.
Izinkampani ezifana neSouth African Airways, iPost Office nesikhwama sikapoyinandi i-Unemployment Insurance Fund (i-UIF) aziwathumelanga amabhuku azo ngesikhathi. Ugxile kakhulu kwi-UIF osekuphele iminyaka eyisihlanu ingawalethi amabhuku ngesikhathi ekubeni yengamele imali enkulu futhi inesandla esikhulu kwinhlalakahle yabantu.
Iziphakamiso zakhe kuhulumeni omusha zicacile: akubeyinqubo ukuthi abantu baphendule ngezinqumo abazithathayo futhi bajeze uma kufanele. Lapho ebhale khona iziphakamiso, uwucathulisa kahle uhulumeni omusha ngokuthi angakwenza kanjani loku kusukela kubantu abaphethe imali kuya emakomitini asephalamende.
Kuthinta ukwakha ingqalasizinda, indlela yokusebenza, ukuhlonipha umsebenzi kuze kufike ekubhekeleni izingozi ezihambisana nokuhlinzeka izidingo kangcono, ukuhlela kangcono nokuba nabantu abenele ukuqikelela ukuthi umsebenzi wenziwa ngendlela efanele.
Ngaphezu kwaloko kuwukuqikelela ukuthi uma iminyango namabhizinisi kahulumeni kuhluleka wukugcina izimfanelo zawo njengokusho komthetho, kube khona abathathelwa izinyathelo. Kuningi okuwumgqigqo omuhle osekuqhamukile kuHulumeni woBumbano kanti umbiko womcwaningimabhuku-jikelele unezinjongo ezinhle okungabakuhle ukuthi uhulumeni uzisukumele.
Kudinga wonke umuntu afake isandla kusukela ezifundazweni kuye ephalamende ukuqikelela ukuphathwa ngendlela kwezikhungo zethu ezweni lonke nasezifundazweni. Umcwaningimabhuku-jikelele usephinde wabambelela ekutheni abantu kufanele baphendule futhi wakhuthaza uhulumeni ukuthi usukumele ukuqikelela ukuthi imali iphathwa kahle nokuthi isetshenziswa kahle kwazise akusiko ukuthi uwumacaphunakusale. Uchazile ukuthi yini okufanele bagxile kukona njengoba eqhakambisile, okuyiko okungahle kwenze umehluko.
NgeSonto, iNingizimu Afrika ithathe izintambo zokuba ngusihlalo weG20. Lo nyaka ozayo usinika ithuba lokuzikhangisa futhi sibonise ukuthi sesivukile sazithatha hhayi nje e-Afrika kuphela, kodwa nakwamanye amazwe asathuthuka emhlabeni.
Njengoba uqhubeka umgqigqo ngezinguquko ezinqala eziletha umehluko ezweni lethu, kufanele abantu babone ukuthi iNingizimu Afrika yilona zwe okufanele basondele kulo, kungabe ukuzovula ibhizinisi noma ukuzovakasha, kuqhakanjiswe izwe.
Uhlelo lweG20 luhlanganiswa phesheya kodwa uma imicimbi isiyenziwa lapha ezweni lethu ngonyaka ozayo, amehlo omhlaba azobe ethe njo kithina.
Ngikhumbula iNdebe yoMhlaba yebhola eyayihlelwa yiFifa ngo-2010 nethuba eyasinika lona ukulungisa izinto zethu ukuze uhambe kahle umqhudelwano. Amadolobha ethu kufanele ukuthi ayazihlela ukuqinisekisa ukuthi ingqalasizinda izokwazi ukumelana nomsebenzi. Umasipala waseGoli nje uhlalelwe wumsebenzi omkhulu.
Sengike ngakusho loku kuyo le ngosi ukuthi umgomo wethu wokuncintisana nendlela esiwenza ngayo eNingizimu Afrika usibeka engozini yokuphazamisa ukuheha abatshalimali nokukhula komnotho. I-Business Leadership South Africa (iBLSA) ijabulile ukuxoxisana nokhomishana wokuNcintisana uNks uDoris Tshepe ngesonto elidlule ukubonisana ngomsebenzi wale khomishini. Sivulelene isifuba.
Ikhomishini, njengokusho kukaNks uTshepe, ibheke ukuthi kulandelwe umgomo kodwa akuyona ewunqumayo ngqo.
Ngakho, kuqaphelekile ngesonto elidlule ukufunda ukuthi ungqongqoshe wokuHweba, iziMboni nokuNcintisana uMnu uParks Tau ufake isicelo sokudlulisa isinqumo seCompetition Tribunal sokunqabela iVodacom ukuthi ithenge inkampani egxile kubuchwepheshe bokudonsa umoya nge-internet, iMaziv. Lokhu bekuzongenisa imali enkulu kwabatshala imali kwingqalasizinda yokwenza lomsebenzi futhi kuphucule indlela abantu abasezindaweni zasemakhaya abathola ngayo i-data futhi kusungule nemisebenzi.
Ukungenelela kukangqongqoshe kutshengisa ukukhathalela umnotho. Kuyaqapheleka ukuthi ngisho ezinye zezimbangi zeVodacom zithe zikholwa ukuthi kufanele siphasiswe isicelo sale nkampani okuhambisana nokwenzeka emhlabeni njengoba lezi zinkampani zibumbana ukuqinisa amathuba okutshala imali ukuhlinzeka ngengqalasizinda ye-data ezweni.
Isicelo sikangqongqoshe sifakwe ngaphambi kokuthi i-Competition Tribunal ishicilele izizathu zayo kodwa bekufanele isicelo sokudlulisa isinqumo sifakwe kungaze kuphele isikhathi esivunyelwe ukwenza loku. Nazo zombili izinkampani ezithintekayo besezivele zishilo ukuthi zinezinhlelo zokusidlulisa lesi sinqumo. Nokho ukungenelela kukangqongqoshe kusho lukhulu, ikakhulukazi ngoba wumnyango wakhe owengamele ukuncintisana futhi yiwona ohola umgomo waloku.
Umgomo wokuncintisana, njengokusho kukaKhomishana, kufanele uhehe abatshalimali ngokuqikelela ukuthi indlela okuncintiswana ngayo yenza kubenobulungisa kuwo wonke umuntu.
Nokho imvamisa indlela umthetho wokuncintisana olandelwa ngayo, ikakhulukazi lapho okuthiwa khona kubhekwa izidingo zomphakathi, iholela ezinqumweni ezenza ukuhlanganisa amabhizinisi kubize futhi kungabilula ukuqonda ukuthi yini ongayilindela. Abatshalimali abaningi bavele bangabe besayingena nhlobo.
Emizamweni yethu yokuphucula ukuncintisana emnothweni wonke kanjalo nasemhlabeni-jikelele, kufanele siwubuyekeze umgomo wokuncintisana nanendlela esiwenza ngayo.
