Siyaqhubeka nokwehla isibalo sabesifazane abakwazi ukuthola izingane eNingizimu Afrika, kuloba uJabulani Sikhakhane
Ngokombiko okhishwe yiStatistics South Africa (iStats SA) kuleli sonto isibalo sabantu besifazane abakwazi ukuthola izingane sesiwu-2.21 manje, sisuka ku-2.78 esasikuwona ngo-2008.
Loku kusho ukuthi ngo-2008 umuntu wesifazane oyedwa eNingizimu Afrika wayekwazi ukuthola izingane eziwu-2.78.
Leli zinga lilinganiselwa ku-2.21 manje, okuyizinga elisondele kakhulu ku-2.1 wezingane, lapho isibalo sezingane ezizalwayo unyaka nonyaka eNingizimu Afrika sesilingene nesokuvala izikhala zabantu abafayo ngonyaka. Loku kusho ukuthi isibalo sezakhamuzi zezwe asisanyuki.
Ukwehla kwezinga lokuzala emazweni kungabanemiphumela emihle noma emibi entuthukweni nakwinhlalakahle yawo. Umphumela wako uncika esimweni sezwe ngalinye, ulawulwa ikakhulu yizinga lentuthuko yalo kwezomnotho nenhlalo yezakhamuzi.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/08/14/umnotho-waseningizimu-afrika-usabenzela-phansi-abantu-besifazane-kuloba-ujabulani-sikhakhane/
ENingizimu Afrika kungase kudale ezinkulu izinkinga, ikakhulu ngenxa yesimo somnotho ongakwazi ukudala amathuba omsebenzi alingene izidingo zabantu abeswele imisebenzi. Kungadala inkinga nasesimweni sezimali zikahulumeni.
Okunye, liselikhulu igebe lentuthuko, kwezomnotho nezenhlalo, phakathi kwezakhamuzi zezwe, okuyinto ehambisana nobuhlanga. Abamnyama yibona abasalele emuva kakhulu futhi yibona abathwele kanzima ngokushoda kwamathuba omsebenzi.
I-Stats SA ibika ukuthi lehla kakhulu izinga lokuzala ngo-2016, okwafakazelwa yimininingwane yokubhalisa izingane ezisanda kuzalwa. Imininingwane emisha ikhomba ukuthi isibalo sezingane ezizelwe sehlile kusukela ngo-2020.
Eminye imininingwane efakazela ukwehla kwesibalo sezingane ezizalwayo ezweni itholakala emagunjini okubeletha ezibhedlela, eyokugoma izingane, esibalweni sezicelo zesibonelelo sezingane nasesibalweni sezingane ezibhalisela ukuqala isikole.
NgokweSabelomali esithulwe ngasekuqaleni kwalo nyaka isibalo sezingane ezithola isibonelelo sikahulumeni sizonyuka ngo-0.2% eminyakeni emithathu kusuka ngo-2025, sisuke ku-13.24 million esikuwo sifinyelele ku-13.29m ngo-2028.
Umphumela walesi simo uyahlukana ngokwezwe ngalinye. Emazweni lapho umnotho uvula amathuba omsebenzi amaningi, ukwehla kwezinga lokuzala kukhulula abantu besifazane ukuthi nabo basebenze, okwandisa isibalo sezisebenzi.
Bayanda futhi nabantu besifazane abaqhubekela phambili nemfundo nokuqeqeshwa amakhono, okuyizinyathelo ezinciphisa izinga lokuzala. Abantu besifazane abaqhubekela phambili nemfundo bavame ukuthola izingane sebedlulile eminyakeni ewu-30 yobudala.
Ukwanda kwabantu besifazane abasebenzayo kunganyusa umnotho wezwe ngoba abashadile bandisa imali umndeni oyingenisayo ngenyanga, babenamathuba okuzibekela enye imali eceleni (njengeyempesheni neyokubasiza ngezindleko zangomuso), baphucula izinga lempilo yabo noma kwenze umndeni ubenamandla amakhulu okufundisa izingane zize zifinyelele emazingeni aphezulu.
Inkinga yeNingizimu Afrika wukuthi ukwehla kwezinga lokuzala kwenzeka ngesikhathi izwe lihluleka wukudala amathuba omsebenzi anele izidingo zezwe. Sikhuluma nje iNingizimu Afrika ihamba phambili emhlabeni wonke ngezinga lokuntuleka kwamathuba omsebenzi.
Kubantu bakuleli zwe abathathwa njengabakulungele ukuba izisebenzi, bangaphezulu kuka-32 kwabawu-100 abantula imisebenzi. Bangaphezulu kuka-42 (u-42%) uma kusetshenziswa isikali esixube nalabo abathathwa ngokuthi basathe ukuma ukufuna amathuba emisebenzi.
Ngamanye amazwi abesifazane bakuleli zwe, ikakhulu abamnyama, okungabe bathola amathuba okusebenza ngenxa yokwehla kwesibalo sezingane ezizalwayo ngeke bakwazi ukuwasebenzisa lama thuba.
Ngakolunye uhlangothi kungabanemiphumela emihle, ikakhulu ezimalini zikahulumeni. Kungehlisa isidingo sokuhlinzekela izingane nabantu abasebasha ezwe ngezibonelelo nezinye izidingo. Badinga ezempilo (imitholampilo, abahlengikazi nodokotela), ezemfundo (izikole, othisha nokudla).
Kodwa ukwehla kwezinga lokuzala kungabeka izwe engcupheni kwezentuthuko yalo eminyakeni ezayo. Ngokwe-Organisation for Economic Co-operation and Development, inhlangano yamazwe asethuthukile, uma isibalo sabantu abafayo ezweni sidlula esezingane ezizalwayo kunciphisa isibalo sezisebenzi ezweni nokwanda kwabantu asebekhulile ngeminyaka abanewu-60 nangaphezulu.
Abantu asebekhulile badinga ukuhlinzekwa ngezimpesheni nezidingo zempilo. Kwezempilo, izidingo zabo zihlukile kwezezingane ngoba ukuhamba kweminyaka kuzanezifo ezingamahlalakhona, ezidinga imishanguzo yansuku zonke nokuvakashela izikhungo zempilo njalo.
Bayaqhubeka nokwanda abantu asebekhulile eNingizimu Afrika, ngokweStats SA. Esibalweni sabantu bonke ezweni sango-2025 abantu bawu-63.1m, bawu-6.6m (u-10.5%) abaneminyaka ewu-60 nangaphezulu.
Nalapha, imininingwane ehambisana neSabelomali salo nyaka ikhomba ukwanda kakhulu kwabantu okulindeleke ukuthi bahole impesheni kuhulumeni. Lesi sibalo kulindeleke ukuthi sinyuke ngo-2.8% (ngaphezulu kwango-0.2% kubantu abasebasha abathola isibonelelo sezingane) ngonyaka phakathi kwango-2025 no-2028, sisuke ku-4.1m sifinyelele ku-4.5m.
Le mininingwane yeSabelozimali neyeStats SA ikhomba ukuthi kubantu asebekhulile ezweni, abawu-62% bancike empheshenini abayithola kuhulumeni. Mude-ke umlando walesi simo. Uxube owokubandlulula abantu abamnyama, bencishwa amathuba okuzicija. Uhambisana futhi nokuhluleka kukahulumeni wentando yabantu kusukela ngo-1994 ukuvula amathuba anele okuzicija ahambisana nawemisebenzi.
Ngakho-ke ukwehla kwezinga lokuzala nokwanda kwabantu abaneminyaka ewu-60 nangaphezulu kudinga ukucutshungulwa kahle ngabaphathi bezwe.


