Kufanele sizikhiphe ekungakhulini komnotho esesibhajwe kukona iminyaka ewu-15, kuloba uBusi Mavuso
EMASONTWENI amabili ezayo sizothola iSabelomali sethu sesithathu kulo nyaka. Kubalulekile ukuthi siyizwe sithole iSabelomali esizokhulisa umnotho. Isizathu esenza lesi Sabelomali sibenzima wukungakhuli kahle komnotho.
Uma sifuna ukwazi ukusebenzisa imali kahulumeni ngendlela ehlelekile, sidinga umnotho okhulayo ozongenisa imali kahle.
Sisesikhathini lapho osopolitiki kufanele benze izinqumo ezinzima ezidalwa yinqwaba yezimo, okukhona kuzona izimpi zohwebo ezihlasele umhlaba ngoFebhuwari ngesikhathi okwakulindelekile kwakungcono. Manje umnotho awusezukukhula ngendlela obekulindeleke ngayo.
Loku kusho ukuthi yincane imali ezongeniswa wuhulumeni ngoba inzuzo ezokwenziwa ngamabhizinisi incane futhi nemali ezosetshenziswa ngamakhasimende inciphile. Isimo okufanele sisihlinzekele iSabelomali sesisibi kakhulu kunebesiyikho ezinyangeni ezimbili ezidlule.
Njengoba sengike ngasho kule ngosi kudala, uma singafuni ukubhebhezela isimo somnotho kumqoka ukuthi iSabelomali singanyusi isikweletu sezwe. UmNyango weziMali usebenze kanzima ukuguqula izinkinga zezimali uhulumeni obubhekene nazo eminyakeni emihlanu edlule.
Izinkampani eziklelisa nezibuyekeza ukuthi amazwe ayiphethe kanjani imali akubonile loku futhi ayiphuculile indlela asiklelise ngayo. Sidinga ukubuyela endleleni esasikleliswe ngayo, eyasiphunyuka ngo-2020. Ukwenza kanjalo kuzokwehlisa izindleko zezikweletu kuhulumeni nezomnotho wonke, okuzosiza ukukhulisa umnotho.
Uma singakwenzi loko futhi isikweletu sinyuka, singalindela ukuthi abatshalimali bazofuna inzalo ephezulu ngesikweletu sikahulumeni, okuzodla imali yethu yentela ethe xaxa futhi kunqinde ukukhula komnotho.
Loko kusho ukuthi sinezinto ezimbili esingakhetha kuzona ukunyusa intela ukuze uhulumeni ungenise imali ethe xaxa ukukhokhela izindleko zawo noma sinciphise izindleko. Cishe bonke osopolitiki basikhahlelile isiphakamiso sokunyusa intela yezimpahla i-value added tax (i-VAT). Okusele wukunyusa enye intela noma kuncishiswe izindleko.
Okunzima obhekene nako umnyango wukuthi ayikho enye intela ongayinyusa ngaphandle kwe-VAT. Ezinye izinhlangano zepolitiki ziphakamise ukuthi kunyuswe enye intela kodwa intela efana nebanjwa emiholweni nekhokhiswa izinkampani ivele iphezulu uma kuqhathaniswa namanye amazwe emhlabeni, ngakho uma ikhuphuka abantu nezinkampani babheka kwamanye amazwe.
Ucwaningo lomNyango weziMali luveze ukuthi singagcina singenisa intela engaphansi ngenxa yaloko ngoba amabhizinisi athuthela kwamanye amazwe, okunciphisa imisebenzi. Kukhona iziphakamiso ezithi iSouth African Revenue Service (i-Sars) kufanele iphucule indlela esebenza ngayo ukuqoqa intela ethe xaxa. Yize kufanele iSars iphokophele loku kodwa lena akuyona indlela yokuhlanganisa iSabelomali.
Thina esisemabhizinisini siyazi ukuthi kulula ukuhlela isabelomalli sokusebenzisa imali kodwa kunzima ukuhlanganisa leso esizokungenisela imali. ISabelomali kufanele siqikelele kanti ukuthembela ekungeneni kwentela ethe xaxa akuyona indlela yokukwenza loko.
Ngako okufanele kwenziwe wukunciphisa izindleko, Loko kuhlale kunzima uma sibheka ipolitiki, ngoba kukhona abazolahlekelwa. Akekho usopolitiki ofisa ukusho ukuthi into ethile ngeke uhulumeni usakwazi ukuyenza. Kodwa njalo ngonyaka, uhulumeni uqhamuka nezinhlelo ezintsha ezidinga imali. Kuhle loko kodwa uma nje kugcwalisa izinkampani, okungezona zonke obonakalayo umsebenzi wazo.
Uma sikhuluma ngokunciphisa izindleko, sidinga ukubaneqiniso futhi sibheke izinto ngeso elikhulile uma sibuka ukuthi yiziphi izingxenye zikahulumeni abasizakalayo abakhokhintela ngazo nesibindi sokuthatha izinqumo ezifanele ngalezo ezingakwenzi loko.
Yize kukuhle ukuthi iSabelomali sethu siyacutshungulwa, uHulumeni woBumbano nabanye ePhalamende kufanele batshengise ukuthi banesibindi sokwenza izinqumo ezingeke zijabulise wonke umuntu.
Kukhona-ke okunye esingakwenza ukukhulisa umnotho kanti enye yezinto esimandla kuzona wukubambisana phakathi kwamabhizinisi nohulumeni. Ngiwubheke ngabomvu umhlangano olandelayo phakathi kwamabhizinisi nomengameli okufanele ube ngoLwesihlanu. Sagcina ukuhlangana ngoJanuwari, umhlangano owawumuhle owawuhambisana nezinguquko ezinqala okufanele zethulwe.
Kuningi osekwenzekile mayelana naloko kusukela ekuphuculeni ugesi nokuthutha izimpahla kodwa umhlaba usushintshile. Loku kwakungaphambi kokhetho lwaseMelika nentela eyethulwe yileliya lizwe.
Kulowo mhlangano sazibekela ukuthi kufanele unyaka uphele umnotho sesiwukhulise ngo-3% kodwa sekuzobanzima ukukufeza loko ngenxa yezimo emhlabeni, yize kukhona inqubekelaphambili. Nokho loko akufanele kusenze sidembesele. Empeleni kufanele sibhukule kakhulu.
Kufanele siphindaphinde imizamo yethu yokuqhuba izinguquko ezinqala ukuphucula umnotho wethu kanti lezi zimo ezikhona emhlabeni sezenze loku kwaphuthuma kakhulu.
Kufanele sicabangisise ukuthi amathuba aseshintshe kanjani futhi kufanele siqinisekise ukuthi esisebenzisana nabo nezinhlelo zethu kuhambisana nomhlaba esesiphila kuwo.
Njengoba sibona ngodaba lweSabelomali, ukukhula komnotho kubalulekile ezweni lethu. Kufanele siphume kuloku esesibhajwe kukona iminyaka ewu-15. Ukwenza loko kuzodinga isibindi nezindlela ezintsha zokucabanga, ikakhulu emhlabeni esesizithola kuwona.
Ngimagange ukuhlala nabalingani bami bamabhizinisi nakuhulumeni ukwenza loko.
