Izinhlekelele ezinjengomlilo zidinga uhulumeni ulethe usizo olusheshayo, kungahambi phambili izinhlangano ezisiza umphakathi njengeGift of the Givers, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Uhulumeni awushintshe izinhlelo zokubhekana nokuguquguquka kwesimo sezulu, kuloba uJabulani Sikhakhane 

UMNYANGO weziMali uhlongoza izinguquko ezinhlelweni zikahulumeni zokubhekana nomonakalo odalwa yizinhlekelele zemvelo okubalwa kuzona izikhukhula, isomiso, imililo yequbula nezidalwa ngabantu njengezibhelu. 

Uyanda umonakalo odalwa yilezi nhlekelele. Kubikwa ukuthi izinhlekelele ezinkulu ezidalwa wukuguquguquka kwesimo sezulu (isomiso nezikhukhula) zibalelwa ku-86 kusukela ngo-1980. Zadala umonakalo emnothweni wezwe obalelwa kuR119 billion, kwathikamezeka abantu ababalelwa ku-22 million uma sebehlanganisiwe.

Izinhlekelele zalolu hlobo – izikhukhula, ukunyuka kwamazinga okushisa ngokweqile, izomiso nemililo yaqubula – kulindeleke ukuthi zande ngenxa yoguquka ngendlela exakile kwesimo sezulu eminyakeni ezayo. 

Lolu shintsho ludalwa wukunyuka kwezinga lokushisa emhlabeni jikelele, ososayensi ababika ukuthi selidlulile ezingeni elifanele. Ukunyuka kwezinga lokushisa kudalwa wukwanda kwesisi esingcolisa umoya emkhathini.

Ziyanda nezibhelu nomanakalo ezivame ukuhambisana nawo. Izibhelu zidalwa wukuhluleka kwemikhakha kahulumeni (owomasipala, owesifundazwe nowezwe) ukumelana nezidingo zemiphakathi.

Sikhuluma nje umphathi wenkampani yomshwalense kahulumeni iSouth African Special Risks Insurance Association usanda kuxwayisa ngokuthi leli zwe lisazohlaselwa yizibhelu ezifana nezangoJulayi wango-2021. 

Lezi zibhelu zacishe zaqumba phansi le nkampani njengoba kuyiyona yodwa edayisa umshwalense obhekene nezibhelu. Kwaze kwangenelela umNyango weziMali ngokufaka imali kule nkampani ukuze ikwazi ukumelana nezinxephezelo ezingaphezu kukaR30bn ezaziqondene nezibhelu zangoJulayi.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2021/07/15/izibhelu-nokutapa-kushabalalise-amabhizinisi-abadayisi-basemgwaqweni-asekhulise-afundisa-izizukulwana-uslindile-khanyile-uyabika/

UmNyango weziMali ubika ukuthi imibhikisho, eminye yayo ephenduka izibhelu ezihambisana nomonakalo ezimpahleni zikahulumeni, njengezitimela namahhovisi, yaba wu-1 260 ngo-2022, yathi ukwehla kancane ngo-2023 yaba wu-1 092.

Nakwezenhlalakahle yabantu neyezilwane kunezinhlekelele zakhona. Nazo zidala owazo umonakalo. Ebantwini, inhlekelele enkulu esanda kwenzeka yadalwa yi-Covid-19, eyabhubhisa abantu. 

Yadala nomonakalo emnothweni ngenxa yesidingo sokuthi kuvalwe uhwebo ukunciphisa amathuba okubhebhetheka kwalesi sifo.

Ezilwaneni, singabala izifo njengamatele ezinkomeni, imikhuhlane yezinkukhu neyezingulube. Nakhona lapha, lezi zifo zidala izinkinga. Zinciphisa inyama yalezi zinhlobo zezilwane, okwenyusa intengo yazo. Nabamabhizinisi abasebenza ngalezi zilwane nenyama yazo balahlekelwa yinzuzo, okungagcina lulandelwa wukuncipha kwamathuba omsebenzi.

UmNyango weziMali uthi ingxenye enkulu yezindleko zokubhekana nezinhlekelele ezweni usemahlombe kahulumeni, ikakhulu kwiSabelomali. 

Inkinga ngaloku wukuthi uhulumeni uphoqeka ukuthi unciphise imali yezinye izinhlelo, phakathi kwazo okungaba ngezentuthuko, ukuze ubhekane nomanakalo odalwe yizinhlekelele.

Ukuncishiswa kweSabelomali sokuthuthukisa izwe kubuye kwandise ingozi izwe elibhekene nayo ngezinhlekelele zangomuso. 

Okunye wukuthi ukukhipha imali, isuka kuhulumeni iya kubantu abadinga usizo kuvame ukuthatha isikhathi, okunqinda imizamo yokuthumela usizo kubantu abathikamezekile ngesikhathi .

Sikhuluma nje izinhlangano ezisiza umphakathi ezinjengeGift of the Givers yizona esezithenjwa ngabantu ngoba zingomabizwasabele uma ziqhathaniswa nohulumeni kusukela komasipala, owezifundazwe nowezwe.

Ihlukene imiphumela yezinhlobo zezinhlekelele. Umonakalo wesomiso uthatha isikhathi ukusabalala futhi nendlela othikameza ngayo umnotho wezwe nemiphakathi uyahluka. Umphumela wezikhukhula usheshe ubonakale – kugubheka imigwaqo, kuwe imizi, kumuke amabhuloho ngesikhathi esifishane, esingaba yimizuzu noma ngaphansi kwehora. 

Izibhelu zona zivame ukuba yizinto zesikhashana kodwa umonakalo wazo ezimpahleni zikahulumeni usheshe ubonakale.

Lo mehluko uchaza ukuthi nezinhlelo zezimali zokubhekana nalezi zindleko kufanele zihlelwe ngendlela eqondene nohlobo lwenhlekelele. UmNyango weziMali uthi ukusetshenziswa kweSabelomali ukubhekana nezinhlekelele kuhambisana kahle nezinhlekelele ezingenzeki njalo futhi ezingadali umonakalo omkhulu ngokuphazima kweso.

Ngamanye amazwi izinhlekelele ezenzeka ngesikhathi esifishane nezidala umonakalo omkhulu zidinga olunye uhlobo lokuhlelelwa izimali njengomshwalense ozosheshe ukhokhe izindleko.

Lo mnyango uhlongoza ezinhlelweni zikahulumeni zokubhekana nezinhlekelele. Okwamanje ohulumeni bezigaba ezihlukene esomasipala, esesifundazwe nesezwe bavame ukungathengi umshwalense wezinhlekelele. Okokuqala, lo mnyango uthi kufanele kubuyekezwe loku ukuze le mikhakha yandise ezinye izindlela zokuthola ukuhlinzekela izinhlekelele, njengokuthenga umshwalense wamabhilidi ezinkampanini ezizimele.

Okwesibili, uhlongoza ukuthi kunyuswe izinga lokukhipha imali yezinhlekelele ukuze usizo lwayo lutholakale ngesikhathi. Uthi loku kungasiza ukuvikela amabhizinisi ukuthi angaphoqeki ukuvala, okuhambisana nokulahleka kwemisebenzi.

Okwesithathu, uthi uhulumeni kufanele anyuse izinga lokuqoqwa kwemininingwane engaba izinkomba zezinhlekelele leli zwe elingabhekana nazo. Ibalulekeli le mininingwane – yokuguquka kwesimo sezulu, ukunyuka kwamathuba ezibhelu – uma uhulumeni uzokwazi ukushesha ungenelele ngosizo emva kwenhlekelele.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page