Kuhle ukuthi uHulumeni woBumbano awandile ngomlomo okwesiqabetho, kuloba uBusi Mavuso
ABANTU baseNingizimu Afrika bayazi ukuthi kwenzeka izinto ezinhle uma sisebenzisana, ikakhulukazi amabhizinisi nohulumeni. I-Business Leadership South Africa (iBLSA) ikukhonze kabi ukubambisana nohulumeni noma ngabe nini uma sikwazi ukusebenzisa amakhono ethu ukuphucula indawo esisebenzela kuyo, sikhulise umnotho futhi sidale imisebenzi.
Baningi abantu esibambisana nabo kuhulumeni, sihlinzeka ngamakhono nangezinye izinsizakusebenza ukuze kwenzeke izinto. Enye yezinto esizesekayo yiBusiness for South Africa (iB4SA), uhlelo okuwukuthi noma ngabe yiliphi ibhizinisi lingabambisana nohulumeni ukubhekana nezinye zezinselelo ezidlangile.
Ngesonto elidlule iB4SA ivuselele ukusebenzisana nohulumeni, okuwukuqala kwesigaba sesibili esesivele sizuze okuningi ukuxazulula ezinye zezinto ezinqinda umnotho. Bekuwumcimbi obalulekile lapho abaholi bamabhizinisi nohulumeni behlangane ukutshengisa ukubaluleka kwalobu budlelwano. UMengameli uMnu uCyril Ramaphosa uthe lobu budlelwano bubaluleke kangakanani kuHulumeni woBumbano nokuthi bunamandla angakanani okuletha ithemba kubatshalimali.
Inhloso yalobu budlelwano wukuseka uhulumeni ufeze izinhloso zawo. Ugxile ezintweni ezintathu, ugesi, ezokuthutha nobugebengu. Isigaba sokuqala sazuza izinto ezimbalwa, kusukela emizamweni yokuseka i-Eskom inciphise ukucishwa kukagesi kuye ezinhlelweni zokuvuselela eminye imigudu yokuthutha.
Lezi zinto yilezo ebeziholwa kakhulu yi-Operation Vulindlela, uhlelo olwenziwa yiHhovisi likaMengameli nomNyango weziMali. Loku kubambisana kuqinisekisa ukuthi i-Operation Vulindlela inethimba longoti bemboni ezimele elingathembela kulona ukuseka le misebenzi. Amabhizinisi angayeseka yonke le mizamo kodwa wuhulumeni okufanele uhole indlela.
Isigaba sesibili sinezinto ezintsha ezibekiwe okufanele zifezwe njengokuthi izitimela kufanele zithuthe amathani ezimpahla awu-193 million, esuka kwawu-170m athuthwa manje.
Mayelana nobugebengu nenkohlakalo, into eseqhulwini wukusiza wukuqikelela ukuthi iNingizimu Afrika iyaphuma ohlwini lwamazwe athathwa ngokuthi awanayo imithetho eqinile ukulwa nokushushumbisa imali nokwenza izinto zibelula kubantu abaxhasa abashokobezi ngemali, i-grey list yeFinancial Action Task Force, nosekwenze ukusebenzisana namanye amazwe kwalukhuni futhi kwandondisa umnotho wethu.
I-BLSA isinesikhathi iseka uphiko lokushushisa ezweni lonke iNational Prosecuting Authority (iNPA) ngesivumelwano eyasisayina nesivumela iNPA ukuthi isebenzise amakhono emboni ezimele ukuphenya nokuhlanganisa amacala. I-B4SA izoqhubeka iseke iPA kodwa iqikelele ukuthi lolu phiko luyaqhubeka ngokusebenza ngokuzimele.
Le mizamo iseka ukuthi amabhizinisi babuyelwe yithemba, okuzodoba abatshalimali, kukhulise umnotho futhi kudale imisebenzi. Ithimba likahulumeni elihlanganiswe wongqongqoshe abahlukene bakaHulumeni woBumbano, nebeliholwa yiPhini likaMengameli uMnu uPaul Mashatile, beliseLondon ngesonto elidlule, lapho lihlangane khona nabatshalimali abahlukene.
Umyalezo elibuye nawo ucacile: uHulumeni woBumbano uletha ithemba kodwa okudingeka kakhulu wukuletha izinguquko. Laba batshalimali sebesizile ukusimamisa irandi nama-bond yield njengoba benyuse imali abayitshala ngqo ezweni. Nokho ukuze loku kuqhubeke, kufanele imizamo efana neB4SA iphucule izinto ngempela endleleni ezenzeka ngayo emnothweni.
Ukwandisa umthamo wezimpahla ezithuthwayo kutshengisa ukuzimisela, hhayi nje ngokuvuselela ezokuthutha kodwa nokuzikhulisa.
Enye into enhle eyenzeke ngesonto elidlule wukuhlukaniswa kweTransnet Freight Rail njengoba sekunophiko olungamele ingqalasizinda nolubheke indlela umsebenzi oqhutshwa ngayo. Uphiko lokungamela ingqalasizinda lunonyaka luqalile kodwa manje selukhona ngokusemthethweni lolu phiko, luhlukanisiwe kulolu lo msebenzi wansuku zonke.
Kwenzeka loku nje, ngenyanga ezayo kulindeleke ukuthi iTransnet imemezele ukuthi kuzoba yimalini ukuvumela imboni ezimele ukuthi ifake isandla ekulawulweni imizila yezitimela. I-Transnet Freight Rail isizoba ngabanye babantu abalawula le mizila, okuzonika ongamele ingqalasizinda imvume yokuzinqumela ukuthi wobani abalawula imizila yezitimela.
Loku ngenye into esiyisa phambili futhi ngithemba ukuthi ukusebenzisana kuzoqhubeka kuseke lolu shintsho, nokuzosho isigaba esisha sokukhulisa umnotho, kuvule amathuba emisebenzi futhi kungenise imali kuhulumeni.
Zonke lezi zinto ezenzeke ngesonto elidlule zenza ukuthi imboni ezimele ikwazi ukwenza okuthe xaxa ukukhulisa umnotho. Kunyusa ithemba lethu ukuthi uhulumeni uyaziletha izinguquko ukuphucula indawo abamabhizinisi abasebenza kuyo. Sidinga uhulumeni aqhubeke kanje, enze izinqumo ezizoletsha ushintsho.
Uhulumeni kufanele ugweme izinto ezizobambezela nokudideka ukwenza izinqumo ezicacile ngezinguquko kwenza zingagcini nje ngokuba yinto okukhulunywa ngayo kodwa kusheshisa ukuthi zenzeke. NgeB4SA nangezinye izindlela amabhizinisi aseka ngayo uhulumeni, sizimisele futhi sikulungele ukusiza.